Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Zuza Emhlatshelweni KaJesu

Zuza Emhlatshelweni KaJesu

 Njalo ngonyaka, oFakazi BakaJehova nezigidi zabantu ababamemile emhlabeni wonke, bayahlangana ukuze babe neSikhumbuzo Sokufa KukaJesu, njengoba nje uJesu abayala. (Luka 22:19) Lo mhlangano uyasisiza sibone ukubaluleka kwesenzo sikaJesu sokunikela ngokuphila kwakhe ngenxa yesintu. Uphinde uveze nokuthi umhlatshelo wakhe ungasho ukuthini kithi—manje nasesikhathini esizayo.—Johane 3:16.

 Kungakhathaliseki ukuthi izimo ziyakuvumela noma cha ukuba ube khona eSikhumbuzweni kulo nyaka, ungazuza kanjani kulokhu kufa kukaJesu? UJesu wasifundisa izinto ezimbili ezibalulekile okufanele sizenze:

  1.  1. Funda ngoNkulunkulu nangoJesu. Ethandaza kuYise osezulwini, uJesu wathi: “Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukuba bakwazi, wena owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nalowo omthumile, uJesu Kristu.”—Johane 17:3.

  2.  2. Kusebenzise okufundayo. UJesu wasikhuthaza ukuba sizisebenzise ekuphileni kwethu izimfundiso zakhe. Ngokwesibonelo, waphetha iNtshumayelo Yasentabeni ngokuncoma wonke umuntu ‘ozwa amazwi [akhe] futhi awenze.’ (Luka 6:46-48) Ngesinye isikhathi, waphinde wathi: “Uma nizazi lezi zinto, niyajabula uma nizenza.”Johane 13:17.

 Ungathanda yini ukufunda okwengeziwe ngoNkulunkulu nangoJesu? Uyafuna yini ukuthola amacebiso azokusiza ukusebenzise okufundayo? Nakhu okungakusiza.

Isifundo seBhayibheli

 Isifundo sethu seBhayibheli samahhala sesisize abantu abaningi baqonda iBhayibheli futhi basebenzisa abakufundayo.

  •   Ngena ekhasini elithi Ukufunda IBhayibheli Nothile ukuze ufunde kabanzi ngalolu hlelo.

  •   Buka ividiyo ethi Uyamukelwa Esifundweni Sakho SeBhayibheli ukuze ubone ukuthi siqhutshwa kanjani isifundo seBhayibheli noFakazi BakaJehova.

Imihlangano yoFakazi BakaJehova

 OFakazi BakaJehova bahlangana kabili ngeviki endaweni abakhonza kuyo ebizwa ngokuthi iHholo LoMbuso. Kule mihlangano, sixoxa ngeBhayibheli nendlela esingakusebenzisa ngayo elikufundisayo ekuphileni kwethu.

 Wonke umphakathi wamukelekile kule mihlangano; akuyona eyoFakazi BakaJehova kuphela. Kuye ngezimo zendawo, ungase uye ngokoqobo noma uxhume ngevidiyo.

  •   Buka ividiyo ethi Kwenziwani EHholo LoMbuso? ukuze ube nesithombe sokwenziwa kule mihlangano.

Izihloko namavidiyo atholakala ku-inthanethi

 Izihloko namavidiyo amaningi atholakala kule webusayithi kungakusiza ufunde okwengeziwe ngezimfundiso zikaJesu nangokubaluleka komhlatshelo wakhe.

 Ngokwesibonelo, ukuze ubone ukuthi kungenzeka kanjani ukuba ukufa komuntu oyedwa kuzuzise izigidi zabantu, funda isihloko esithi “UJesu UnguMsindisi—Kanjani?” nesithi “Kungani UJesu Ahlupheka Futhi Wafa?” noma ubuke ividiyo ethi Kungani UJesu Afa?