INDLELA IMINIKELO YENU ESETSHENZISWA NGAYO
Incwadi Ehluke Kakhulu Yokutadisha IBhayibheli
NGO-EPHRELI 1, 2022
NgoJanuwari 2021, iNdikimba Ebusayo yamemezela ukukhululwa kwencwadi entsha yokutadisha iBhayibheli ethi Phila Kuze Kube Phakade! a Wazizwa kanjani ngalesi simemezelo? UMatthew waseCanada, uthi: “Ngajabula kakhulu! Ngajabula nakakhulu phakathi nenkulumo eyayinamavidiyo eyayichaza ukuthi kungani kwenziwe le ncwadi nokuthi ihlolwe kanjani. Ngangimagange ukuyibona nokuyisebenzisa.”
Incwadi ethi Phila Kuze Kube Phakade! isifundisa indlela entsha yokuqhuba izifundo zeBhayibheli. Nokho, akuwona ukuphela komehluko okhona phakathi kwale ncwadi entsha nezincwadi zokutadisha zangaphambi kwayo. Uma usebenzisa incwadi enyathelisiwe ethi Phila Kuze Kube Phakade! kungenzeka uphawulile ukuthi izwakala ihlukile uma uyithinta. Ukuze ubone ukuthi kungani ihlukile, ake sihlolisise ukuthi yenziwe kanjani.
Incwadi Entsha Ezwakala Ihlukile
Iphepha eliqinaqinile. Kungani bekudingeka kusetshenziswe iphepha elinjalo? Incwadi ethi Phila Kuze Kube Phakade! inezithombe ezingaphezu kuka-600, okuyinani eliziphinda izikhathi ezicishe zibe yishumi ezencwadi ethi Lingasifundisani! Ikhasi ngalinye lale ncwadi entsha linanezikhala eziningi ezimhlophe—indawo engabhalwe lutho noma engenazo izithombe. Zombili lezi zinto zidala inkinga: Uma iphepha lilula kakhulu, izithombe ezingemuva kwekhasi zingase zibonakale, ngisho noma zibonakala kancane. Ukuze kugwenye leyo nkinga, abafowethu abaqondisa ukunyathelisa emhlabeni wonke, bomnyango okuthiwa i-International Printing Department (IPD), baseWallkill, eNew York, e-U.S.A., bahlola izinhlobo ezine zamaphepha esiwasebenzisa ekunyatheliseni. IKomiti Yokubhala YeNdikimba Ebusayo yahlola wonke la maphepha yabe isikhetha elingcono kakhulu ekwenzeni izithombe zekhasi elingemuva zingabonakali. Nakuba inani laleli phepha lingaphezulu ngamaphesenti angu-16 kunenani lephepha esilisebenzisa kweziningi zezincwadi zethu, leli phepha lenza umfundi weBhayibheli afunde ikhasi ngalinye le ncwadi elithi Phila Kuze Kube Phakade! engaphazanyisiwe izithombe ezisekhasini elingemuva.
Isembozo esihlukile. Isembozo sencwadi entsha mawusithinta sizwakala sihlukile kwezinye izincwadi ngoba kusetshenziswe uplastiki okuhlukile wokuyivikela. Kunokusebenzisa uplastiki ovamile ocwebezelayo, kule ncwadi entsha kusetshenziswe uplastiki ongacwebezeli, okwenza isithombe esikuyo sigqame. Lo plastiki usiza nasekuvikeleni incwadi ingasheshi ukuguga lapho isetshenziswa njalo. Nokho, inani likaplastiki ongacwebezeli lingaliphinda izikhathi ezingaphezu kwezinhlanu elikaplastiki ocwebezelayo. Ngakho amanye amagatsha ahlangana abonisana ukuze athole lo plastiki ongacwebezeli ngenani eliphansi.
Kungani kukhethwe lezi zinto ezibiza kakhulu? Umfowethu osebenza e-IPD uyachaza: “Sicabanga ukuthi le ncwadi izosetshenziswa kakhulu, ngakho sifuna iqhubeke ibukeka kahle noma ngabe isetshenziswa njalo.” U-Eduardo, osebenza eHhovisi Labanyathelisi egatsheni laseBrazil, uthi: “Siyajabula ukubona indlela inhlangano kaJehova esebenzise ngayo izinto zezinga eliphezulu ukuze yenze le ncwadi ibe incwadi enhle, eqinile nokumnandi ukuyibamba, kuyilapho iyisebenzisa ngokuhlakanipha iminikelo.”
Ukunyathelisa Phakathi Nobhubhane Lwe-COVID-19
Siqale ukunyathelisa le ncwadi ethi Phila Kuze Kube Phakade! ngo-Mashi 2021. Lesi bekuyisikhathi sobhubhane lwe-COVID-19, okwenze kwaba nezinselele. Ngenxa yokuthi iBethel ibivaliwe, sasingeke sikwazi ukuthola usizo lwezisebenzi ezifika ngezikhathi ezithile zizosiza eBethel noma simeme abafowethu abasha ukuba bazokhonza eBethel. Ngenxa yalokho, ezinye izindawo zokunyathelisa bezingenazo izisebenzi ezanele, ezinye zazivalwe okwesikhashana ngenxa yemingcele ebekwe uhulumeni.
Zanqotshwa kanjani lezo zinkinga? Lapho izindawo zokunyathelisa sezikwazi ukusebenza, kwacelwa abafowethu nodadewethu bakweminye iminyango yaseBethel ukuba bazosiza okwesikhashana. UJoel, osebenza e-IPD uthi: “Umoya wabo wokuzidela nokuzimisela ukufunda imisebenzi emisha kube usizo kakhulu ekwenzeni lomsebenzi.”
Naphezu kwalezo zinkinga, sesinyathelise izigidi zencwadi ethi Phila Kuze Kube Phakade! Ukuze sikwazi ukuzinyathelisa kwadingeka izinto eziningana, ezihlanganisa izingqwembe zokunyathelisa, oplastiki bezembozo, iphepha, uyinki nokokunamathelisa. Ngezinyanga ezinhlanu zokuqala zokunyathelisa, kusetshenziswe izigidi ezingaphezu kwamarandi angu-34 400 000 ezintweni zokunyathelisa nje kuphela. Ukuze songe imali, siye saqikelela ukuba sinyathelise inani lezincwadi elidingwa amabandla kuphela.
“Yenziwe Ngobuciko”
Bazizwa kanjani labo abafundisa iBhayibheli nabafundi ngale ncwadi entsha yokutadisha iBhayibheli? UPaul, umfowethu wase-Australia, uthi: “Incwadi ethi Phila Kuze Kube Phakade! imnandi kangangokuthi ngijabula kakhulu mangizoqhuba izifundo zeBhayibheli. Indlela le ncwadi ehlelwe ngayo ngaphakathi iyakhanga kakhulu futhi yenza nixoxe nomfundi. Inendaba ebekwe kahle futhi ecacile, inemibuzo edinga izimpendulo ezisuka enhliziyweni, amavidiyo, izithombe, amashadi kanye nemigomo yomfundi. Yenziwe ngobuciko, kangangokuthi ingikhuthaza ukuba ngithuthukise indlela engifundisa ngayo.”
Umfundi weBhayibheli wase-United States uthi: “Ngiyithanda kakhulu le ncwadi entsha. Izithombe ezikuyo zingisiza ngiwaqonde kangcono amaphuzu ayinhloko. Amavidiyo angithinta inhliziyo, angishukumisele esenzweni.” Lo mfundi ufunda kabili ngeviki futhi uba khona njalo emihlanganweni yebandla.
Kusenezigidi zencwadi ethi Phila Kuze Kube Phakade! okusadingeka zinyatheliswe ngezilimi eziningi. Empeleni, kuze kube manje, iNdikimba Ebusayo igunyaze ukuba le ncwadi isakazwe ngezilimi ezingu-710, okuyinani elilidlula ngo-340 lelo elaligunyazwe encwadini ethi Lingasifundisani!
Zikhokhelwa kanjani izindleko zokunyathelisa? Ngeminikelo eyenzelwa umsebenzi womhlaba wonke, eminingi yayo eyenziwa ku-inthanethi ku-donate.jw.org. Siyabonga ngokunikela kwenu ngezandla ezivulekile, okusisiza senze izincwadi zokutadisha iBhayibheli, senzele labo abafuna ukufunda ngoJehova futhi ‘baphile kuze kube phakade.’—IHubo 22:26.
a Yakhululwa ku-JW Broadcasting esimisweni somhlangano osekelwe eBhayibhelini owawuhambisana nomhlangano waminyaka yonke.