INDLELA IMINIKELO YENU ESETSHENZISWA NGAYO
Amachashaza Ashintsha Ukuphila
OKTHOBA 1, 2021
INqabayokulinda kaJuni 1, 1912 yathi: “Cishe abafundi bethu abaningi bajwayelene nabantu abangaboni. Bangazitholela izincwadi zokufunda, mahhala. . . . Lezi zincwadi zibhalwe ngendlela yokuthi abangaboni bakwazi ukuzifunda.” INqabayokulinda yanezela yathi: “Abaningi bayawujabulela umyalezo wokuthi kunezibusiso ezimangalisayo ezizayo emhlabeni.”
Ngesikhathi kubhalwa lawo mazwi, amazwe amaningi ayengasebenzisi uhlelo lwesiNgisi lwe-braille olufanayo. Kodwa ngisho nangaleso sikhathi oFakazi BakaJehova base beqalile ukwenza amaqiniso eBhayibheli atholakale ‘ngendlela abangaboni abangakwazi ukuyifunda’—i-braille. Namanje asatholakala! Manje sinezincwadi ze-braille ezitholakala ngezilimi ezingaphezu kuka-50. Zenziwa kanjani?
Ukushintshwa Kwamagama Abe I-braille Nokugxivizwa Kwamachashaza Ephepheni
Isinyathelo sokuqala sokwenza izincwadi ze-braille ukushintsha amagama enziwe ngendlela ye-braille. UMichael Millen osebenza e-Text Processing Services ePatterson, eNew York uthi: “Ngesikhathi esidlule sasisebenzisa i-software etholakala kwezinye izinkampani ukuze sishintshe amagama abe i-braille, kodwa sasingakwazi ukuyisebenzisa kwezinye izilimi ezazidingeka. Manje sisebenzisa i-Watchtower Translation System, ekwazi ukushintsha amagama abe i-braille ngezilimi eziningi ezisetshenziswayo emhlabeni. Ngicabanga ukuthi ayikho efana nayo.”
Izincwadi ze-braille azigcini nje ngokuba namagama ashintshelwe ku-braille kodwa ziphinde zichaze nezithombe. Ngokwesibonelo, isithombe esisekuqaleni encwadini ye-braille ethi Phila Kuze Kube Phakade! sichazwe ngale ndlela: “Indoda ihamba endleleni ethubeleza phakathi kwezitshalo ezinhle, amagquma nezintaba.” UJamshed, ongaboni emehlweni okhonza njengenceku ekhonzayo aphinde abe iphayona uthi, “Le ncazelo yezithombe ibaluleke kakhulu kimi.”
Ngemva kokushintshwa kwamagama abe i-braille, amafayela athunyelwa emagatsheni enza izincwadi ze-braille. Kulawo magatsha, amachashaza e-braille agxivizwa ephepheni eliwugqinsi, elingeke lidabuke lapho kwenziwa le ncwadi noma lisheshe liguge uma isisetshenziswe kaningi. Ngemva kwalokho amakhasi e-braille ayahlanganiswa bese ethunyelwa nezincwadi zebandla ezivamile noma kusetshenziswe ilungiselelo lokuthumelela abangaboni mahhala uma iposi liyisebenzisa leyo ndlela. Uma kudingeka, amagatsha ahlela ukuba izincwadi ezizosetshenziswa emihlanganweni yebandla zithunyelwe ngokushesha kubazalwane abayizimpumputhe noma abangaboni kahle.
Wonke lo msebenzi udinga isikhathi nemali eningi. Empeleni, ukwenza amaBhayibheli e-braille amabili kuthatha isikhathi esifanayo naleso indawo yethu yokunyathelisa eWallkill, eNew York, esithathayo ukuze yenze amaBhayibheli avamile angu-50 000. IBhayibheli elilodwa le-braille yesiNgisi efingqiwe (ka-grade 2) lakhiwa yimiqulu engu-25, imali yokwenza leyo miqulu iyiphinda izikhathi ezingu-123 imali yokwenza iBhayibheli elivamile. a Ukwenza izembozo zemiqulu engu-25 kubiza imali engaba ngu-R2 100 kukodwa nje!
Bazizwa kanjani labo abasiza ekwenzeni izincwadi ze-braille? UNadia, okhonza egatsheni laseNingizimu Afrika, uthi: “Abafowethu nodadewethu abayizimpumputhe noma abangaboni kahle bathwele kanzima, ngakho kuyisibusiso kimi ukwenza okuthile okubasizayo. Kusobala ukuthi uJehova ubathanda kakhulu.”
Incwajana Ethi Learn to Read Braille
Kodwa kuthiwani uma umuntu ongaboni engakwazi ukufunda i-braille? Eminyakeni embalwa edlule sakhipha incwajana ethi Learn to Read Braille, ebhalwe nge-braille nangamagama avamile. Yenzelwe ukuthi umuntu obonayo nongaboni bayisebenzise ndawonye. Le ncwajana ifika nesileti nothi lokubhala. Umfundi we-braille usebenzisa la mathuluzi ukuze aqophe uhlamvu ngalunye lwe-braille. Ukuziqophela komfundi uhlamvu ngalunye kumsiza alukhumbule kalula futhi akwazi ukulufunda lapho eluthinta.
“Angikwazi Ukuphila Ngaphandle Kwazo”
Abafowethu nodadewethu abayizimpumputhe nabangaboni kahle zibasize kanjani lezi zincwadi? U-Ernst, ohlala eHaiti, wayeya emihlanganweni yebandla kodwa engenazo izincwadi ze-braille. Ngenxa yalokho, kwakufanele abambe ngekhanda yonke into ayefuna ukuyisho lapho ebeka izinkulumo noma lapho ephendula. Uthi: “Kodwa manje sengiyakwazi ukuphendula noma nini. Sengizizwa ngimunye nabafowethu nodadewethu. Sonke sithola ulwazi olufanayo, olukhuthazayo, oluvela kuJehova!”
UJan wase-Austria ongumdala oqhuba iSifundo Se-Nqabayokulinda kanye neSifundo SeBhayibheli Sebandla uthi: “Izincwadi zethu ze-braille zicace kakhudlwana kunezinye engake ngazifunda. Ngokwesibonelo, zinamakhasi anezinombolo nemibhalo yaphansi etholakala kalula futhi izithombe zichazwe ngendlela ecacile.”
USeon-ok, oyiphayona eSouth Korea, uyimpumputhe futhi uyisithulu. Esikhathini esidlule kwakumele abambe izandla zomuntu okhuluma ngezandla emhlanganweni, kodwa manje useyakwazi ukuzifundela izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ze-braille. Uthi: “Ezinye izincwadi ze-braille kunzima ukuzifunda ngenxa yokuthi amachashaza awaphelele, imigqa itshekile noma iphepha aliwona ugqinsi. Kodwa oFakazi BakaJehova basebenzisa iphepha eliwugqinsi, elinamachashaza acacile, okwenza kube lula ukuthi ngifunde.” Uyanezela: “Esikhathini esidlule ngangitadisha izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ngosizo lwabanye. Kodwa manje sengiyakwazi ukuzitadishela. Kuyangijabulisa ukuthi sengiyakwazi ukulungiselela imihlangano yobuKristu yamasonto onke futhi ngihlanganyele ngokugcwele kuyo. Ngizifunda zonke izincwadi zethu ze-braille. Ngingathi nje, angikwazi ukuphila ngaphandle kwazo.”
Njengezincwadi zethu eziprintiwe, izincwadi zethu ze-braille zinala magama: “Le ncwadi ayidayiswa. Ilungiselelwe njengengxenye yomsebenzi wokufundisa ngeBhayibheli owenziwa emhlabeni wonke osekelwa ngeminikelo yokuzithandela.” Siyabonga ngeminikelo eniyenzayo nisebenzisa izindlela ezichazwe ku-donate.jw.org. Iminikelo yenu eniyenzayo isiza bonke abantu, kuhlanganise nabayizimpumputhe nabangaboni kahle, bakwazi ukuthola izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini.
a Kwezinye izindlela zokubhala i-braille, amagama ayafushaniswa ukuze kongiwe isikhala. Ngokwesibonelo, i-braille efingqiwe (ka-grade 2) iyawafushanisa amagama nezinhlamvu zamagama. Ngenxa yalokho incwadi ye-braille efingqiwe (ka-grade 2) incane kunencwadi efanayo ye-braille engafingqiwe (ka-grade 1).