Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli
Ingabe abafileyo bangaphinde baphile?
UJehova uNkulunkulu unguMthombo wokuphila. (IHubo 36:9) Ngenxa yalokho, kunengqondo ukulindela ukuba akwazi ukuvusa abafileyo. IBhayibheli lisiqinisekisa ngokuthi yilokho kanye ayokwenza esikhathi esizayo. (Funda izEnzo 24:15) Kodwa kungani eyokwenza lokho?
Ekuqaleni uMdali wethu wayehlose ukuba abantu baphile phakade emhlabeni. (Genesise 1:31; 2:15-17) Namanje usafuna ukuba abantu baphile phakade. Kumzwisa ubuhlungu ukubona izinto esibhekana nazo—ukuphila kugcwele izinkathazo futhi kusheshe kuphele.—Funda uJobe 14:1, 14, 15.
Bayophila kuphi abavusiwe?
Ingabe uNkulunkulu wadala umuntu ukuba aphile ezulwini? Cha. UNkulunkulu wadala izingelosi ukuba ziphile ezulwini. Abantu wababeka emhlabeni. (Genesise 1:28; Jobe 38:4, 7) Unalokho engqondweni, cabanga ngabantu uJesu abavusa. Wabavusela lapha emhlabeni. Ngendlela efanayo, iningi lalabo abayovuswa esikhathini esizayo, liyovuselwa emhlabeni.—Funda uJohane 5:28, 29; 11:44.
Noma kunjalo, uNkulunkulu ukhethe abantu abambalwa ukuba bavuselwe ezulwini lapho beyophila khona njengezidalwa zomoya. (Luka 12:32; 1 Korinte 15:49, 50) Labo abayovuselwa ezulwini bayobusa njengamakhosi kanye noKristu phezu komhlaba.—Funda isAmbulo 5:9, 10.