ISIHLOKO ESIYINHLOKO | LOKHO UNKULUNKULU AKWENZELE KONA
Isenzakalo Okungafanele Sikuphuthele
Ngobusuku bangaphambi kokuba anikele ngokuphila kwakhe, uJesu wayala abalandeli bakhe abathembekile ukuba bakhumbule ukufa kwakhe. Esebenzisa isinkwa esingenamvubelo newayini elibomvu, wamisa lokho okuye kwabizwa ngokuthi iSidlo SeNkosi Sakusihlwa futhi wathi: “Qhubekani nikwenza lokhu ningikhumbula.”
Unyaka ngamunye oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke bayabuthana ukuze bakhumbule ukufa kukaJesu ngosuku afa ngalo. Ngo-2014 iSikhumbuzo sizoba ngoMsombuluko, April 14, ngemva kokushona kwelanga.
Umenywa ngokufudumele ukuba ube khona kulo mhlangano, ukuze ulalele inkulumo eyobe ichaza ukubaluleka kokufa kukaJesu okuwumhlatshelo. Kungenwa mahhala. Akuthathwa nkongozelo. Umuntu okunike lo magazini angakutshela isikhathi nendawo iSikhumbuzo esiyoba kuyo endaweni yakini, noma ungabheka ingosi yethu ethi jw.org/zu. Sicela ubhale phansi usuku lwalesi Sikhumbuzo futhi sinethemba lokuthi ngeke sikuphuthele.