Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Umoya Ongcwele—Amandla Owadingayo Ekuphileni Kwakho

Umoya Ongcwele—Amandla Owadingayo Ekuphileni Kwakho

Umoya Ongcwele—Amandla Owadingayo Ekuphileni Kwakho

“UNGANGINTSHINGI ungisuse phambi kobuso bakho; O, umoya wakho ongcwele ungawususi kimi.” (IHubo 51:11) Lawa amazwi omthandazo weNkosi uDavide asuka enhliziyweni awasho ngemva kokwenza iphutha elibi kakhulu.

UDavide wayeseke wawabona amandla omoya ongcwele. Ngesikhathi esemusha, umoya ongcwele wamsiza ukuba aqumbe phansi uGoliyathi—isosha eliyisiqhwaga. (1 Samuweli 17:45-50) Wamnikeza namandla okubhala amahubo amahle kakhulu kwake abhalwa. Wachaza: “Ngumoya kaJehova owakhuluma ngami, izwi lakhe lalisolimini lwami.”—2 Samuweli 23:2.

Ngisho noJesu Kristu wafakaza ukuthi umoya ongcwele waba nendima ekuphileni kukaDavide. Ngesinye isikhathi, watshela izilaleli zakhe: “Ngomoya ongcwele uDavide ngokwakhe wathi, ‘UJehova wathi eNkosini yami: “Hlala ngakwesokunene sami ngize ngibeke izitha zakho phansi kwezinyawo zakho.”’” (Marku 12:36; IHubo 110:1) UJesu wayazi ukuthi ngesikhathi uDavide ebhala amahubo, wayeqondiswa umoya ongcwele. Usatholakala yini lowo moya ongcwele futhi ingabe ungasisiza?

“Qhubekani Nicela, Niyophiwa”

Kungenzeka wena awusoze wawabhala amahubo, kodwa ungakwazi ukubhekana nezinkinga eziqeda amandla njengomdondoshiya onguGoliyathi. Ngokwesibonelo, cabanga ngo-Isabel. * Umyeni wakhe wamshiya wayohlala nowesifazane osemusha. Wamshiya engene shí ezikweletini, futhi akazange ayingene nakuyingena eyokondla amadodakazi abo amabili amancane. U-Isabel uthi: “Ngaba nomuzwa wokuthi udlale ngami. Yize kunjalo, selokhu angishiya, ngiye ngawuzwa umoya ongcwele kaNkulunkulu ukuthi uyangisekela.”

Ingabe u-Isabel walindela ukugidlabezwa ngomoya ongcwele ngokuzenzakalelayo? Cha, wayenxusa uNkulunkulu nsuku zonke ukuba amuphe umoya wakhe. Wayazi ukuthi wayewadinga amandla avela kuNkulunkulu ukuze akwazi ukubhekana nekusasa ngesibindi, anakekele izingane zakhe kahle futhi aphinde azizwe engumuntu. Wenza okwashiwo uJesu: “Qhubekani nicela, niyophiwa; qhubekani nifuna, niyothola; qhubekani ningqongqoza, niyovulelwa.”—Mathewu 7:7.

URoberto naye wasibona isidingo somoya kaNkulunkulu, kodwa yena wayenezizathu ezihlukile. Wayewumlutha wogwayi nensangu. Wazama iminyaka emibili ukuyeka lo mkhuba, kodwa izikhathi eziningi wayehluleka. Uyachaza: “Uma uyeka izidakamizwa uyacindezeleka. Umzimba ukubelesela njalo ufuna izidakamizwa nsuku zonke.”

URoberto uyaqhubeka: “Kodwa ngangizimisele ukushintsha ukuphila kwami ukuze ngikwazi ukukhonza uNkulunkulu ngendlela ayamukelayo. Ngangizama ukuhlala ngicabanga ngezinto ezakhayo eziseBhayibhelini. Ngangithandaza nsuku zonke ngokusuka enhliziyweni, ngicele uNkulunkulu ukuba angiphe amandla okuhlanza ukuphila kwami. Ngangazi ukuthi le mpi ngangingenakuyinqoba ngingedwa. Ngayibona indlela uJehova ayiphendula ngayo imithandazo yami, ikakhulu lapho ngizizwa ngidumele ngemva kokwehluleka ukumelana nesilingo sokubhema. Ngikholelwa ukuthi umoya ongcwele kaNkulunkulu wanginikeza amandla amasha; ngaphandle kwawo, ngangingeke ngikwazi ukunqoba le nkinga.”—Filipi 4:6-8.

Ukukhuphuka “Ngamaphiko Njengezinkozi”

Njengo-Isabel noRoberto, kunezigidi zoFakazi BakaJehova eziye zazibonela ukusebenza kwamandla omoya ongcwele ekuphileni kwazo. Amandla kaJehova asebenzayo—amandla ásetshenziswa lapho kudalwa indawo yonke—ungawathola uma ufisa ukuwathola. UNkulunkulu uzimisele futhi uyafuna ukukunika umoya wakhe uma uwucela ngobuqotho. Kodwa ukuze uwuthole, kudingeka ufunde iqiniso ngaye, ufune ngobuqotho ukwenza intando yakhe.—Isaya 55:6; Hebheru 11:6.

Ngamandla omoya ongcwele, ungakwazi ukukhonza uNkulunkulu ngokuphumelelayo futhi ubhekane nanoma iziphi izinkinga ezingase zivele ekuphileni kwakho. IBhayibheli lisiqinisekisa ngalokhu: “[UJehova] unika okhatheleyo amandla; kongenamandla ashukumisayo wenza kuvame amandla aphelele. . . . Labo abathemba uJehova bayothola amandla kabusha. Bayokhuphuka ngamaphiko njengezinkozi. Bayogijima bangaphelelwa amandla; bayohamba bangakhathali.”—Isaya 40:28-31.

[Umbhalo waphansi]

^ Amanye amagama ashintshiwe.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 8]

‘Ngangithandaza nsuku zonke ngokusuka enhliziyweni, ngicela uNkulunkulu ukuba angiphe amandla. Ngangazi ukuthi le mpi ngangingenakuyinqoba ngingedwa. Ngayibona indlela uJehova ayiphendula ngayo imithandazo yami’

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 7]

UKUSEBENZA KOMOYA ONGCWELE

UNkulunkulu wasebenzisa umoya ongcwele ukuze adale umhlaba nendawo yonke. Umhubi wababaza: “O Jehova, yeka ukuthi miningi kangakanani imisebenzi yakho! Yonke uyenzé ngokuhlakanipha. Umhlaba ugcwele imikhiqizo yakho. Uma uthumela umoya wakho, ziyadalwa.”—IHubo 104:24, 30; Genesise 1:2; Jobe 33:4.

Umoya ongcwele waphefumulela amadoda esaba uNkulunkulu ukuba abhale iBhayibheli. Umphostoli uPawulu wabhala: “Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu futhi inenzuzo.” (2 Thimothewu 3:16) Umoya kaJehova waqondisa imiqondo yababhali beBhayibheli ukuze badlulisele ‘izwi likaNkulunkulu.’—1 Thesalonika 2:13.

Umoya ongcwele wanika izinceku zikaNkulunkulu amandla okubikezela ikusasa ngokunembile. Umphostoli uPetru wachaza: “Asikho isiprofetho semiBhalo esivela kunoma iyiphi incazelo yomuntu ngokwakhe. Ngoba isiprofetho asikaze silethwe ngentando yomuntu, kodwa abantu bakhuluma okuvela kuNkulunkulu ngoba babeqhutshwa umoya ongcwele.”—2 Petru 1:20, 21; Joweli 2:28.

Umoya ongcwele wasiza uJesu namanye amadoda okholo ukuba bashumayele izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu futhi benze izimangaliso. UJesu wathi: “Umoya kaJehova uphezu kwami, ngoba ungigcobile ukuba ngimemezele izindaba ezinhle kwabampofu, ungithumé ukuba ngishumayele ukukhululwa ezithunjweni nokuvulwa kwamehlo ezimpumputhe.”—Luka 4:18; Mathewu 12:28.

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 9]

IZINDLELA UMOYA ONGCWELE ONGASISIZA NGAZO

Umoya ongcwele ungakunika amandla okulwa nesilingo nokunqoba imikhuba eyingozi. Umphostoli uPawulu wathi: “UNkulunkulu uthembekile, futhi ngeke akuvumele ukuba nilingwe ngokungaphezu kwalokho eningakuthwala, kodwa kanye naleso silingo uyokwenza nendlela yokuphuma ukuze nikwazi ukusikhuthazelela.”—1 Korinte 10:13.

Umoya ongcwele ungakusiza ukuba ube nezimfanelo ezifana nezikaNkulunkulu. “Izithelo zomoya ziluthando, injabulo, ukuthula, ukubekezela, umusa, ubuhle, ukholo, ubumnene, ukuzithiba.”—Galathiya 5:22, 23.

Umoya ongcwele ungakunika amandla okukhuthazelela izilingo. “Nginamandla azo zonke izinto ngenxa yalowo ongipha amandla.”—Filipi 4:13.