ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 10
INGOMA 31 Hambani NoNkulunkulu!
Lingisa Indlela UJehova NoJesu Abacabanga Ngayo
“Njengoba uKristu ahlupheka enyameni, nani hlomani ngesimo sengqondo esifanayo.”—1 PET. 4:1.
AMAPHUZU ABALULEKILE
Sizoxoxa ngezifundo ezibalulekile umphostoli uPetru azifunda endleleni uJesu acabanga ngayo nokuthi thina yini esingayifunda kuyo.
1-2. Kuhlanganisani ukuthanda uJehova futhi uJesu wabunikeza kanjani ubufakazi balokho?
“KUMELE uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho nangawo wonke amandla akho nangayo yonke ingqondo yakho.” (Luka 10:27) UJesu wakwenza kwacaca ukuthi lona kwakuwumyalo obaluleke kunayo yonke eMthethweni KaMose. Phawula ukuthi uthando lwethu ngoJehova luhlanganisa izinhliziyo zethu, okuhlanganisa izifiso zethu nemizwa yethu. Kuhlanganisa nokuzinikela ngomphefumulo wonke namandla ethu. Nokho, ukuthanda uJehova kuhlanganisa nengqondo yethu, okuhlanganisa indlela esicabanga ngayo. Kuyiqiniso ukuthi ngeke sikwazi ukuyiqonda ngokuphelele indlela uJehova acabanga ngayo. Kodwa singayiqonda kangcono indlela uNkulunkulu acabanga ngayo ngokufunda “umqondo kaKristu” ngoba uJesu uyilingisa ngokuphelele indlela uBaba wakhe acabanga ngayo.—1 Kor. 2:16.
2 UJesu wayethanda uJehova ngengqondo yakhe yonke. Wayazi ukuthi yayiyini intando kaNkulunkulu ngaye futhi wayezimisele ukwenza ngokuvumelana nayo, ngisho noma lokho kwakusho ukuthi wayezohlupheka ngenxa yokwenza okulungile. Ngenxa yokuthi wayegxile ekwenzeni intando kaBaba wakhe, uJesu akavumelanga lutho ukuba lumphazamise ekufezeni lowo mgomo.
3. Yini umphostoli uPetru ayifunda kuJesu, futhi yini uPetru akhuthaza amaKristu ayekanye nawo ukuba ayenze? (1 Petru 4:1)
3 UPetru nabanye abaphostoli babenelungelo lokuchitha isikhathi noJesu nokufunda endleleni acabanga ngayo. Ngesikhathi uPetru ebhala incwadi yakhe yokuqala ephefumulelwe, wakhuthaza amaKristu ukuba ahlome ngesimo sengqondo esifana nesikaKristu. a (Funda eyoku-1 Petru 4:1.) UPetru wasebenzisa igama elisetshenziswa empini lapho ebhala ethi: “Hlomani.” Ngakho, uma amaKristu elingisa isimo sengqondo sikaJesu noma elingisa indlela acabanga ngayo, ayokuhlomela ngesikhali esinamandla ukulwisana nanoma yisiphi isifiso sokwenza okungalungile nokulwa naleli zwe elibuswa uSathane.—2 Kor. 10:3-5; Efe. 6:12.
4. Lesi sihloko singasisiza kanjani ukuba silalele iseluleko sikaPetru?
4 Sizohlola indlela uJesu acabanga ngayo, sibone ukuthi singayilingisa kanjani. Sizofunda ukuthi (1) singayilingisa kanjani indlela uJehova acabanga ngayo, okuyosisiza ukuba sonke sicabange ngokuvumelana, (2) singathobeka kanjani, nokuthi (3) singaba kanjani abahluzekile engqondweni ngokuncika kuJehova ngomthandazo.
LINGISA INDLELA UJEHOVA ACABANGA NGAYO
5. Ngesinye isikhathi, uPetru wehluleka kanjani ukucabanga njengoJehova?
5 Cabanga ngesikhathi lapho uPetru engazange ayilingise indlela uJehova acabanga ngayo. UJesu wayetshele abaphostoli bakhe ukuthi kwakumele aye eJerusalema, anikelwe kubaholi benkolo khona, akhuthazelele ukuhlukunyezwa bese eyabulawa. (Math. 16:21) Kungenzeka uPetru wakuthola kunzima ukwamukela ukuthi uJehova wayezovumela uJesu—ithemba lakwa-Israyeli noMesiya othenjisiwe—ukuba abulawe. (Math. 16:16) Ngakho uPetru wabizela uJesu eceleni wathi: “Yiba nomusa kuwe, Nkosi; ngeke neze lokhu kwenzeke kuwe.” (Math. 16:22) Ngenxa yokuthi uPetru akazange acabange njengoJehova kule ndaba, ayekucabanga kwakungahambisani noJesu.
6. UJesu wabonisa kanjani ukuthi indlela acabanga ngayo yayihambisana nekaJehova?
6 UJesu wayilingisa ngokuphelele indlela uBaba wakhe osezulwini acabanga ngayo. UJesu wathi kuPetru: “Yana emva kwami, Sathane! Uyisikhubekiso kimi, ngoba awucabangi imicabango kaNkulunkulu, ucabanga eyabantu.” (Math. 16:23) Kungenzeka uPetru wayenezinhloso ezinhle, kodwa uJesu wasenqaba iseluleko sikaPetru. Kukhona esikufundayo kule ndaba. Kwakungeyona intando kaJehova ukuba uJesu aphile impilo yokuzigodla. Kuleso senzakalo, uPetru wafunda isifundo esibalulekile sokuthi kwakudingeka acabange njengoNkulunkulu.
7. Kamuva, uPetru wabonisa kanjani ukuthi wayefuna ukucabanga njengoJehova? (Bheka esisekhasini 1.)
7 Ekugcineni, uPetru wabonisa ukuthi wayefuna ukucabanga njengoJehova. Sase sifikile isikhathi sokuba abeZizwe abangasokile nabo babe abantu bakaNkulunkulu. UNkulunkulu wanika uPetru isabelo sokushumayeza uKorneliyu, owayezoba phakathi kwabeZizwe bokuqala ababezoba amaKristu. Ngokuvamile, amaJuda ayekugwema ukuzihlanganisa nabeZizwe, ngakho akumangazi ukuthi uPetru wayedinga usizo lokulungiselela isabelo sakhe. Lapho uPetru eseyiqonda intando kaNkulunkulu ngale ndaba, wawulungisa umbono wakhe. Ngakho, lapho kuthunyelwa ukuba alandwe ‘akalanga.’ (IzE. 10: 28, 29) Washumayeza uKorneliyu nomndeni wakhe futhi babhapathizwa.—IzE. 10:21-23, 34, 35, 44-48.
UPetru ungena emzini kaKorneliyu (Bheka isigaba 7)
8. Singabonisa kanjani ukuthi sicabanga njengoJehova? (1 Petru 3:8 nombhalo waphansi)
8 Eminyakeni eyalandela, uPetru wakhuthaza amaKristu akanye nawo ukuba ‘acabange ngokuvumelana.’ (Funda eyoku-1 Petru 3:8 nombhalo waphansi.) Njengabantu bakaJehova, singacabanga ngokuvumelana ngokulingisa indlela uJehova acabanga ngayo njengoba iboniswe eZwini lakhe. Ngokwesibonelo, uJesu wanxusa abalandeli bakhe ukuba babeke uMbuso kuqala ekuphileni kwabo. (Math. 6:33) Enalokho engqondweni, ummemezeli osebandleni okulo angase anqume ukungenela uhlobo oluthile lwenkonzo yesikhathi esigcwele. Kunokuba sisikisele ukuba abe nomusa kuye, kufanele sikhulume kahle ngalowo mgomo wakhe omuhle futhi simsekele.
THOBEKA
9-10. UJesu wakubonisa kanjani ukuthobeka okumangalisayo?
9 Ngobusuku bangaphambi kokuba abulawe, uJesu wafundisa uPetru nabanye abaphostoli isifundo esibalulekile ngokuthobeka. Phambilini, uJesu wayethume uPetru noJohane ukuba balungise izinto ababezozidinga esidlweni sokugcina ayezosidla nabo ngaphambi kokuba afe. Cishe lawo malungiselelo ayehlanganisa ukuba baqikelele ukuthi kwakunendishi namathawula ukuze izivakashi zikwazi ukugeza izinyawo zazo ngaphambi kokuba zidle. Kodwa ubani owayeyothobeka ageze izinyawo zabanye lapho kufika leso sikhathi?
10 Ngaphandle kokunqikaza, uJesu wabonisa ukuthobeka okumangalisayo. Kumele ukuba kwabamangaza abaphostoli bakhe ukubona uJesu enza into eyayivame ukwenziwa yizinceku. UJesu wakhumula izingubo zakhe zangaphandle, wabhinca ithawula okhalweni, wafaka amanzi endishini waqala ukugeza izinyawo zabo. (Joh. 13:4, 5) Kungenzeka kwamthatha isikhathi eside ukugeza izinyawo zabo bonke abaphostoli abangu-12—okuhlanganisa noJuda owayezomkhaphela. Noma kunjalo, ngokuthobeka uJesu wawenza wawuqeda lowo msebenzi. Ngesineke uJesu wabe esebachazela: “Niyakuqonda yini lokhu engikwenze kini? Ningibiza ngokuthi ‘Mfundisi,’ nangokuthi ‘Nkosi,’ futhi niqinisile, ngoba ngiyikho. Ngakho-ke, uma mina, iNkosi noMfundisi, nginigeze izinyawo, nani kufanele nigezane izinyawo.”—Joh. 13:12-14.
Ukuthobeka kwangempela kuhlanganisa . . . imicabango yethu ejulile
11. UPetru wabonisa kanjani ukuthi wayesekufundile ukuthobeka? (1 Petru 5:5) (Bheka nesithombe.)
11 UPetru wafunda ekuthobekeni kukaJesu. Ngemva kokuba uJesu esebuyele ezulwini, uPetru wenza isimangaliso ngokuphulukisa indoda eyazalwa ilunyonga. (IzE. 1:8, 9; 3:2, 6-8) Njengoba kulindelekile, lesi senzakalo esimangalisayo senza ukuba isixuku sabantu size kuPetru. (IzE. 3:11) Ingabe uPetru wayezojatshuliswa ukuthi abantu babeza kuye, kwazise phela wayekhulele endaweni lapho ukuvelela nezikhundla kwakuthandwa khona? Cha, ngokuthobeka uPetru wayisa udumo kulabo olubafanele, uJehova noJesu, ethi: “Ngenxa yegama [likaJesu] nangenxa yokholo lwethu egameni lakhe, le ndoda eniyibonayo neniyaziyo yenziwe yaqina.” (IzE. 3:12-16) Amazwi uPetru awasebenzisa encwadini ayibhalela amaKristu emayelana nesidingo sokufunda ukuthobeka angasikhumbuza isikhathi lapho uJesu abhinca khona ithawula okhalweni lwakhe, wageza izinyawo zabaphostoli.—Funda eyoku-1 Petru 5:5.
Ngemva kokuba uPetru enze isimangaliso, ngokuthobeka udumo waluyisa kuJehova noJesu. Nathi singabonisa ukuthi sithobekile ngokwenza izinto ezinhle ngaphandle kokulindela ukuba abantu basidumise noma basinike okuthile (Bheka izigaba 11-12)
12. Singaqhubeka kanjani sifunda ukuthobeka njengoPetru?
12 Singalingisa isibonelo sikaPetru ngokufunda ukuthobeka. Khumbula ukuthi ukuthobeka kwangempela kuhlanganisa okungaphezu kokumane usho izinto ezibonisa ukuthi uthobekile. Igama uPetru alisebenzisa lapho ekhuluma ngokuthobeka lihlanganisa imicabango yethu ejulile—‘ukuthobeka kwengqondo.’ Senzela abantu izinto ezinhle ngenxa yokuthi sithanda uJehova nabantu, hhayi ngoba sifuna ukunconywa. Uma ngothando senzela uJehova nabafowethu okuthile, kungakhathaliseki ukuthi abanye bayakuqaphela yini esikwenzayo, sinikeza ubufakazi bokuthi sithobekile.—Math. 6:1-4.
YIBA ‘OHLUZEKILE ENGQONDWENI’
13. Chaza ukuthi kuhlanganisani ukuba ‘ohluzekile engqondweni.’
13 Kuhlanganisani ukuba ‘ohluzekile engqondweni’? (1 Pet. 4:7) UmKristu ohluzekile engqondweni wenza konke angakwenza ukuze enze izinqumo ezihlakaniphile ezivumelana nokucabanga kukaJehova. Uyazi ukuthi ekuphileni kwakhe ayikho into ebaluleke ukwedlula ubuhlobo bakhe noJehova. Unombono olinganiselayo ngaye, uyazi ukuthi akazi yonke into. Ubonisa nokuthi uthembele kuJehova ngokuthandaza njalo kuye ngokuzithoba. b
14. Kwesinye isenzakalo, uPetru wehluleka kanjani ukuthembela kuJehova?
14 Ngobusuku bangaphambi kokufa kwakhe, uJesu waxwayisa abafundi bakhe wathi: “Nonke nizokhubeka ngami kulobu busuku.” UPetru waphendula ngokuzethemba wathi: “Nakuba bonke abanye bekhubeka ngawe, mina angisoze ngakhubeka!” Ngalobo busuku uJesu weluleka abanye babafundi bakhe wathi: “Hlalani nilindile futhi nithandaze njalo.” (Math. 26:31, 33, 41) Ukube uPetru washeshe wasilalela leso seluleko, wayengaba nesibindi sokuvuma ukuthi wayengumfundi kaJesu. Kunalokho, uPetru wayiphika iNkosi yakhe futhi wazisola kakhulu ngalokho akwenza.—Math. 26:69-75.
15. UJesu wahlala kanjani ehluzekile engqondweni ngobusuku bakhe bokugcina engumuntu?
15 UJesu wathembela ngokuphelele kuJehova. Nakuba uJesu ayengenasono, wayethandaza njalo. Lokho kwamnika isibindi sokuba enze ngokuvumelana nentando kaJehova ngaye. (Math. 26:39, 42, 44; Joh. 18:4, 5) Kumele ukuba uPetru akazange ayikhohlwe indlela uJesu ayethandaza ngayo kaningi ngobusuku bakhe bokugcina.
16. UPetru wabonisa kanjani ukuthi wayesekufundile ukuba ohluzekile engqondweni? (1 Petru 4:7)
16 Ngokuhamba kwesikhathi, uPetru wafunda ukuthembela ngokwengeziwe kuJehova ngomthandazo. UJesu ovusiwe, waqinisekisa uPetru nabanye abaphostoli ukuthi babeyothola umoya ongcwele ukuze bakwazi ukufeza isabelo sabo sokushumayela izindaba ezinhle. Nokho, uJesu wabatshela ukuba balinde eJerusalema kuze kube yilapho lokho kwenzeka. (Luka 24:49; IzE. 1:4, 5) Yini uPetru ayenza njengoba ayesalindile? UPetru namaKristu akanye nawo “babephikelela emthandazweni.” (IzE. 1:13, 14) Kamuva, encwadini yakhe yokuqala, uPetru wakhuthaza amaKristu akanye nawo ukuba ahluzeke engqondweni futhi athembele kuJehova ngomthandazo. (Funda eyoku-1 Petru 4:7.) UPetru wafunda ukuthembela kuJehova futhi waba yinsika ebandleni.—Gal. 2:9.
17. Yini okudingeka siqhubeke siyenza, kungakhathaliseki ukuthi yimaphi amakhono okungenzeka sinawo? (Bheka nesithombe.)
17 Ukuze sibe abahluzekile engqondweni, kumele sithandaze njalo kuJehova. Siyaqaphela ukuthi kudingeka siqhubeke sithandaza kuJehova, kungakhathaliseki ukuthi yimaphi amakhono okungenzeka sinawo. Ikakhulukazi lapho kumele senze izinqumo ezibalulekile, siyathandaza kuJehova sicele isiqondiso sakhe, siqiniseka ngokuthi uyazi ukuthi yini esilungele.
UPetru wafunda ukuthembela kuJehova ngokuthi athandaze. Nathi singaba abahluzekile engqondweni ngokuthandaza kuJehova simcele asisize, ikakhulukazi lapho kudingeka senze izinqumo ezibalulekile (Bheka isigaba 17) c
18. Yini esingayenza ukuze indlela esicabanga ngayo iqhubeke ivumelana nendlela uJehova acabanga ngayo?
18 Simbonga kakhulu uJehova ngokuthi usenze sakwazi ukulingisa izimfanelo zakhe. (Gen. 1:26) Yiqiniso ukuthi ngeke sikwazi ukumlingisa ngokuphelele uJehova. (Isaya 55:9) Nokho, njengoPetru, singakwazi ukuqhubeka senza imicabango yethu ivumelane nekaJehova. Kwangathi lokho singakwenza ngokuqhubeka silingisa indlela uNkulunkulu acabanga ngayo, sithobeke futhi sibe abahluzekile engqondweni.
INGOMA 30 UBaba, UNkulunkulu Wami, NoMngane
a ‘Isimo sengqondo’ okukhulunywa ngaso kweyoku-1 Petru 4:1, singahunyushwa nangokuthi “indlela yokucabanga.”
b Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngokuthi kusho ukuthini ukuba ohluzekile engqondweni, bheka ingxenye ethi “Amavesi EBhayibheli Ayachazwa” isihloko esithi “2 Thimothewu 1:7—‘UNkulunkulu Akasinikanga Umoya Wobugwala,’” ngaphansi kwesihlokwana esithi ‘Ukuhluzeka kwengqondo,’ ku-jw.org/zu naku-JW Library®.
c INCAZELO YEZITHOMBE: Udade uthandaza ngenhliziyo njengoba esalinde ukwenza i-interview yomsebenzi.