Yiba Nokholo Olungenakunyakaziswa EMbusweni
“Ukholo luwukulindelwa okuqinisekisiwe kwezinto ezithenjwayo.”
1, 2. Yini ezoqinisa ukukholelwa kwethu ukuthi uMbuso uzoyifeza injongo kaNkulunkulu ngesintu, futhi kungani? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)
NJENGOFAKAZI BAKAJEHOVA, sivame ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uwukuphela kwekhambi lazo zonke izinkinga zethu, futhi sibafundisa ngenkuthalo abantu leli qiniso elisemqoka elingokomBhalo. Sithola nenduduzo enkulu ethembeni esilinikezwa uMbuso. Nokho, kuqine kangakanani ukukholelwa kwethu ukuthi uMbuso ungokoqobo futhi uzoyifeza injongo yawo? Sinasiphi isisekelo sokuba nokholo olungenakunyakaziswa eMbusweni?
2 UMbuso KaMesiya uyilungiselelo elamiswa uMninimandla onke ngokwakhe ukuze afeze injongo yakhe ngokuphathelene nendalo. Lo Mbuso unesisekelo esingenakunyakaziswa
3. Yini esizoyihlola kulesi sihloko nakwesilandelayo?
3 IBhayibheli libhekisela ezivumelwaneni eziyisithupha eziyinhloko ezihlobene noMbuso KaMesiya ophathiswe uKristu Jesu. Yilezi: (1) isivumelwano sika-Abrahama, (2) isivumelwano soMthetho, (3) isivumelwano sikaDavide, (4) isivumelwano sompristi onjengoMelkhizedeki, (5) isivumelwano esisha (6) nesivumelwano soMbuso. Ake sihlole indlela isivumelwano ngasinye esihlobene ngayo noMbuso nesiqhubekisela ngayo phambili ukufezeka kwenjongo kaNkulunkulu ngomhlaba nangesintu.
ISITHEMBISO SEMBULA INDLELA INJONGO KANKULUNKULU EYOGCWALISEKA NGAYO
4. Njengoba kushiwo kuGenesise, imiphi imiyalo uJehova ayikhipha ngokuqondene nabantu?
4 Ngemva kokulungisa le mbulunga yethu enhle ukuze kuhlalwe kuyo, uJehova wakhipha imiyalo emithathu ngokuqondene nabantu: UNkulunkulu wethu wayezodala abantu ngomfanekiso wakhe, abantu babezonweba iPharadesi ligcwale umhlaba wonke bese bewugcwalisa ngenzalo elungile, futhi babenqatshelwe ukuba badle emthini wolwazi lokuhle nokubi. (Gen. 1:
5, 6. (a) USathane wazama kanjani ukubhuntshisa injongo kaNkulunkulu? (b) UJehova wasabela kanjani enseleleni kaSathane e-Edene?
5 Ngenxa yobubi bakhe, uSathane uDeveli wagqugquzela ukuvukela wazama ukushafisa injongo kaNkulunkulu. Lokhu wakwenza ngokusebenzisa umyalo owawudinga ukuba umuntu alalele
6 Wayezosabela kanjani uJehova enseleleni uSathane ayiphakamisa e-Edene? Yebo, ukubabhubhisa labo bavukeli kwakungakuqeda lokho kuvukela kwabo. Kodwa kwakuyosho nokuthi injongo uNkulunkulu ayeseyishilo yokuba umhlaba ugcwale abantwana abalalelayo baka-Adamu no-Eva yayingeke isagcwaliseka. Kunokuba abhubhise labo bavukeli ngaso leso sikhathi, uMdali ohlakaniphile wasabela ngokusho isiprofetho esibaluleke kakhulu
7. Isithembiso sase-Edene sisinikeza siphi isiqinisekiso ngokuphathelene nenyoka nenzalo yayo?
7 Ngesithembiso sase-Edene, uJehova wahlulela inyoka nenzalo yayo, emelele uSathane uDeveli nabo bonke ababeyomsekela empikiswaneni yelungelo likaNkulunkulu lokubusa. UNkulunkulu weqiniso wanika inzalo yowesifazane wakhe wasezulwini igunya lokubhubhisa uSathane. Ngakho, isithembiso sase-Edene asigcizelelanga kuphela ukuthi umgqugquzeli wokuvukela kwasensimini yase-Edene uyobhujiswa nayo yonke imiphumela emibi yesenzo sakhe kodwa futhi sibalula nalokho uNkulunkulu ayezokusebenzisa ekufezeni lokhu.
8. Yini engase ishiwo ngokuthi ungubani owesifazane nenzalo yakhe?
8 Yayizoba ngubani le nzalo yowesifazane? Njengoba le nzalo izochoboza ikhanda lenyoka, okungukuthi ‘izokwenza’ uSathane uDeveli oyisidalwa somoya ‘abe yize,’ kumelwe ukuba nayo ingumuntu womoya. Ngenxa yalokho, nowesifazane oyibelethayo kumelwe ukuba ungumuntu womoya. (Heb. 2:14) Njengoba inzalo yenyoka yayanda, kwahlale kuyimfihlakalo ukuthi ungubani owesifazane nenzalo yakhe cishe iminyaka engu-4 000 uJehova anikeza isithembiso sase-Edene. Phakathi naleso sikhathi, uJehova wenza izivumelwano eziningana ezibonisa ukuthi ingubani le nzalo neziqinisekisa izinceku zakhe ukuthi le nzalo yayiyoba indlela uNkulunkulu ayezowulungisa ngayo umonakalo omkhulu uSathane ayewenze emkhayeni wesintu.
ISIVUMELWANO SIBONISA UKUTHI INGUBANI INZALO
9. Siyini isivumelwano sika-Abrahama, futhi saqala nini ukusebenza?
9 Eminyakeni engaba ngu-2 000 ngemva kokugweba uSathane, uJehova wayala inzalamizi u-Abrahama ukuba ishiye umuzi wayo e-Uri laseMesophothamiya iye ezweni laseKhanani. (IzE. 7:
10. (a) U-Abrahama walubonisa kanjani ukholo olungenakunyakaziswa ezithembisweni zikaNkulunkulu? (b) Imiphi imininingwane uJehova ayembula kancane kancane ngenzalo yowesifazane?
10 UJehova wasiphinda kaningi isithembiso asenza ku-Abrahama, elokhu enezela imininingwane eyengeziwe. (Gen. 13:
11, 12. ImiBhalo ibonisa kanjani ukuthi isivumelwano sika-Abrahama sinokugcwaliseka okukhulu, futhi lokho kusho ukuthini kithi?
11 Nakuba isivumelwano sika-Abrahama sagcwaliseka ngokoqobo enzalweni yakhe lapho izuza ifa eliyiZwe Lesithembiso, imiBhalo ibonisa ukuthi imibandela ekuleso sivumelwano inanokugcwaliseka okungokomoya. (Gal. 4:
12 Isivumelwano sika-Abrahama sikhuluma ngeNkosi nababusi abakanye nayo eMbusweni kaNkulunkulu, futhi sakha isisekelo esingokomthetho soMbuso wamazulu. (Heb. 6:
ISIVUMELWANO SOKUQINISEKISA UKUTHI UMBUSO UYOHLALA PHAKADE
13, 14. Yini isivumelwano sikaDavide esiyiqinisekisayo ngokuphathelene nokubusa kukaMesiya?
13 Isithembiso sase-Edene nesivumelwano sika-Abrahama siqinisekisa iphuzu elisemqoka lokuthi ubukhosi bukaJehova obubonakaliswa ngoMbuso KaMesiya busekelwe ngokuqinile ezindinganisweni zikaNkulunkulu zokulunga. (IHu. 89:14) Ingabe uhulumeni kaMesiya uyoke wonakale bese kudingeka uqedwe? Kunesinye isivumelwano esingokomthetho esisiqinisekisa ngokuthi into enjalo ayisoze yenzeka.
14 Cabanga ngalokho uJehova akuthembisa iNkosi uDavide yakwa-Israyeli wasendulo ngesivumelwano sikaDavide. (Funda eyesi-2 Samuweli 7:
ISIVUMELWANO ESIGCWALISA ISIDINGO SOBUPRISTI
15-17. Ngokwesivumelwano sompristi onjengoMelkhizedeki, inzalo yayiyokhonza kusiphi esinye isikhundla, futhi ngani?
15 Nakuba isivumelwano sika-Abrahama nesivumelwano sikaDavide ziqinisekisa ukuthi inzalo yowesifazane yayiyonikezwa umsebenzi wokubusa, leyo ndima iyodwa yayingeke yanele ukuba ilethele abantu bazo zonke izizwe izibusiso. Ukuze babusiswe ngempela, kuyodingeka bakhululwe esimweni sabo sokuba izoni futhi balethwe emkhayeni kaJehova wendawo yonke. Ukuze lokhu kufezeke, kudingeka ukuba inzalo iphinde ikhonze njengabapristi. UMdali ohlakaniphile wakulungiselela lokhu ngelinye ilungiselelo elingokomthetho, isivumelwano sompristi onjengoMelkhizedeki.
16 UJehova wembula ngeNkosi uDavide ukuthi wayeyokwenza isivumelwano noJesu esasiyoba nenjongo ekabili: ukuba ‘ahlale ngakwesokunene’ sikaNkulunkulu kuze kube yilapho enqoba izitha zakhe nokuba abe “umpristi kuze kube nini nanini ngokwendlela kaMelkhizedeki!” (Funda iHubo 110:
17 UJesu umiswa ngokuqondile ukuba abe umpristi ngalesi sivumelwano uJehova asenza naye, futhi uyohlala “[engumpristi] kuze kube phakade ngokwendlela kaMelkhizedeki.” (Heb. 5:
IZIVUMELWANO ZAKHA ISISEKELO ESINGOKOMTHETHO SOMBUSO
18, 19. (a) Izivumelwano esixoxe ngazo zibonisani ngokuphathelene noMbuso? (b) Imuphi umbuzo osasele?
18 Njengoba sibheka lezi zivumelwano esixoxe ngazo, singabona indlela ezihlobana ngayo noMbuso KaMesiya nendlela ilungiselelo loMbuso elisekelwe ngayo ngokuqinile ezivumelwaneni ezingokomthetho. Isithembiso sase-Edene sibopha uJehova ukuba afeze injongo yakhe ngomhlaba nangesintu esebenzisa inzalo yowesifazane. Yayizoba ngubani leyo nzalo, futhi yayizokhonza kusiphi isikhundla? Isivumelwano sika-Abrahama senza iqondakale yonke le mininingwane.
19 Isivumelwano sikaDavide siveza uhlu lozalo lwengxenye eyinhloko yenzalo futhi siyinika ilungelo lokubusa umhlaba ukuze izinto ezizofezwa uMbuso zibe ezihlala phakade. Isivumelwano sokuba umpristi onjengoMelkhizedeki siba isisekelo esigunyaza le nzalo ukuba ikhonze njengompristi. Nokho, uJesu ngeke abe yedwa lapho esiza isintu ukuba sifinyelele ukuphelela. Kunabanye abagcotshelwe ukuba nabo bakhonze njengamakhosi nabapristi. Babezovelaphi? Sizoxoxa ngalokhu esihlokweni esilandelayo.