Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Sebenzisa UMthetho Wegolide Enkonzweni Yakho

Sebenzisa UMthetho Wegolide Enkonzweni Yakho

“Zonke izinto enifuna abantu bazenze kini, nani kumelwe nizenze ngokufanayo kubo.”MATH. 7:12.

1. Ingabe indlela esiphatha ngayo abantu ensimini iyawenza umehluko? Nikeza isibonelo. (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

EMINYAKENI embalwa edlule, umbhangqwana wamaKristu eFiji wawusemkhankasweni wokumemela abantu eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu. Izulu laqala ukuna usakhuluma nowesifazane othile ngaphandle komuzi wakhe. Umzalwane wanikeza lona wesifazane isambulela ayesiphethe, yena nomkakhe basebenzisa esisodwa. Lo mbhangqwana wajabula kakhulu lapho ubona lona wesifazane ekhona eSikhumbuzweni. Lona wesifazane wavuma ukuthi akukuningi akukhumbulayo kulokho oFakazi abakusho kuye ngesikhathi befike kwakhe. Kodwa wahlatshwa umxhwele kakhulu indlela abamphatha ngayo kangangokuthi wakubona kufanelekile ukuba aye eSikhumbuzweni. Yini eyamenza wasabela kahle kangaka? Umbhangqwana wawusebenzise lokho okuvame ukubizwa ngokuthi uMthetho Wegolide.

2. Uyini uMthetho Wegolide, futhi singawusebenzisa kanjani?

2 Uyini uMthetho Wegolide? Uyiseluleko uJesu asinikeza lapho ethi: “Zonke izinto enifuna abantu bazenze kini, nani kumelwe nizenze ngokufanayo kubo.” (Math. 7:12) Singawusebenzisa kanjani? Ngokuyinhloko, lokho singakwenza ngokuthatha izinyathelo ezimbili. Okokuqala, kufanele sizibuze, ‘Ukube bengisesimweni lo muntu akuso, bengingathanda  ukuphathwa kanjani?’ Ngemva kwalokho, kudingeka senze ngaleyo ndlela, simcabangele lo muntu ngangokunokwenzeka.1 Kor. 10:24.

3, 4. (a) Chaza ukuthi kungani uMthetho Wegolide ungasebenzi kuphela lapho sisebenzelana nesikholwa nabo. (b) Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

3 Sivame ukusebenzisa uMthetho Wegolide lapho sisebenzelana nesikholwa nabo. Kodwa uJesu akashongo ukuthi kufanele sibonise lokhu kucabangela kuphela kulabo abahlobene nathi okholweni. Empeleni wakhuluma ngalo Mthetho Wegolide lapho echaza indlela okufanele siphathe ngayo bonke abantu ngisho nezitha zethu. (Funda uLuka 6:27, 28, 31, 35.) Uma kumelwe sisebenzise uMthetho Wegolide nasezitheni zethu, kufanele siwusebenzise kangakanani-ke lapho sifakaza kubantu—iningi labo okungenzeka ukuthi ‘lithambekele ngokufanele ekuphileni okuphakade’!IzE. 13:48.

4 Manje sizoxoxa ngemibuzo emine okufanele siyikhumbule njalo lapho sisensimini: Bangobani abantu engibashumayezayo? Ngibashumayeza kuphi? Isikhathi esingcono kakhulu sokubashumayeza sinini? Kufanele ngibashumayeze kanjani? Njengoba sizobona, le mibuzo ingasisiza ukuba sicabangele imizwa yabantu esibashumayezayo futhi sivumelanise izingxoxo zethu nezimo zabo.1 Kor. 9:19-23.

NGISHUMAYEZA OBANI?

5. Imiphi imibuzo esingazibuza yona?

5 Enkonzweni yethu, ngokuvamile sikhuluma nomuntu ngamunye. Abantu abefani ngoba ngamunye unesizinda esihlukile nezinkinga ezihlukile. (2 IziKr. 6:29) Lapho uzama ukuxoxa nothile ngezindaba ezinhle, zibuze: ‘Ukube bekunguye ongishumayezayo, bengingathanda ukuba angibheke kanjani? Bengingajabula yini uma ebengangibheka njengomuntu nje onesimo sengqondo esifana nesabanye engakangazi? Noma bengiyojabulela ukuba azi ukuthi ngingumuntu onjani?’ Ukucabangela imibuzo enjengale kungasikhumbuza ukuba siphathe umninikhaya ngamunye njengomuntu ohlukile.

6, 7. Kufanele senzeni uma umuntu esihlangana naye enkonzweni ebonakala enochuku?

6 Akekho othanda ukuba kuthiwe ungumuntu ‘onombono ophambene.’ Ngokwesibonelo: NjengamaKristu, senza konke okusemandleni ukuba sisebenzise iseluleko seBhayibheli sokuba ‘amazwi ethu ngaso sonke isikhathi abe nomusa.’ (Kol. 4:6) Nokho, njengoba singaphelele, ngezinye izikhathi sisho izinto esizisolayo ngazo kamuva. (Jak. 3:2) Uma kwenzeka sikhulume ngendlela engenamusa nothile—mhlawumbe ngenxa yokuthi izinto zingasihambeli kahle ngalolo suku—besingethande ukuba kuthiwe “siluhlaza” noma “asicabangeli.” Besingafisa ukuba lowo muntu abonise ukuqonda. Akufanele yini sibacabangele ngendlela efanayo abanye?

7 Uma umuntu omthola ensimini ebonakala enochuku, kungebe ngcono yini ukucabanga ukuthi mhlawumbe kukhona okumkhathazayo? Kungenzeka yini ukuthi kunengcindezi abhekene nayo emsebenzini noma esikoleni? Ingabe ubhekene nenkinga ebucayi yempilo? Ezimweni eziningi, abaninikhaya abaqalé ngokucasuka baye basamukela isigijimi lapho abantu bakaJehova bebaphatha ngobumnene nangenhlonipho.IzAga 15:1; 1 Pet. 3:15.

8. Kungani kufanele singakugwemi ukushumayela isigijimi soMbuso “kubantu bazo zonke izinhlobo”?

8 Inkonzo yethu ifinyelela abantu abavela ezizindeni ezihlukahlukene. Ngokwesibonelo, eminyakeni embalwa nje edlule, kuye kwanyatheliswa okuhlangenwe nakho okungaphezu kuka-60 ochungechungeni lwe-Nqabayokulinda oluthi “IBhayibheli Lishintsha Ukuphila.” Abanye babantu okukhulunywa ngabo kulezi zihloko ekuqaleni babengamasela, izidakwa, amalungu amaqembu emigulukudu noma imilutha yezidakamizwa. Abanye babengosombangazwe, abaholi benkolo noma abantu abagxile kakhulu emisebenzini yabo. Abanye babeziphethe  kabi. Noma kunjalo, bonke baye bezwa izindaba ezinhle, bamukela isifundo seBhayibheli, benza izinguquko ekuphileni kwabo futhi bangena eqinisweni. Ngakho-ke akufanele nanini sicabange ukuthi isigijimi soMbuso asinakubafinyelela abantu abathile. (Funda eyoku-1 Korinte 6:9-11.) Kunalokho, siyaqaphela ukuthi ‘abantu bazo zonke izinhlobo’ bangasamukela isigijimi sezindaba ezinhle.1 Kor. 9:22.

NGIBASHUMAYEZA KUPHI ABANTU?

9. Kungani kufanele siyihloniphe imizi yabanye abantu?

9 Sibashumayeza kuphi abantu enkonzweni yethu? Ngokuvamile, sibashumayeza emizini yabo. (Math. 10:11-13) Siyakwazisa ukuba abanye bayihloniphe imizi yethu nempahla yethu. Phela, umuzi wethu ubalulekile kithi. Sifuna ube indawo esizizwa silondekile kuyo futhi singekho emehlweni omphakathi. Kufanele sibahloniphe ngokufanayo omakhelwane bethu. Ngakho-ke, senza kahle enkonzweni yethu yendlu ngendlu ukuyicabangela indlela esiyiphatha ngayo imizi yabo.IzE. 5:42.

10. Singakugwema kanjani ukucasula abanye enkonzweni yethu?

10 Kuleli zwe eligcwele ubugebengu, abaninikhaya abaningi bayabaxwaya abantu abangabazi. (2 Thim. 3:1-5) Kufanele sigweme ukwenza izinto ezizokhulisa ukungasethembi kwabo. Ngokwesibonelo, ake sithi siya emzini wothile sifike singqongqoze emnyango. Uma kungaphenduli muntu, singase silingeke ukuba silunguze ngefasitela noma sizungeze indlu sifuna umninikhaya. Ukwenza lokhu akunakumcasula yini umninikhaya endaweni yakini? Omakhelwane bangase bacabangeni? Yiqiniso, asifuni ukushwampuluza emsebenzini wethu wokushumayela. (IzE. 10:42) Sifisa ukumemezela isigijimi esinika ithemba, futhi izisusa zethu zinhle. (Roma 1:14, 15) Noma kunjalo, ngokuhlakanipha sigwema ukwenza noma yini engacasula abantu kungafanele ensimini yethu. Umphostoli uPawulu wabhala: “Asinikezi sizathu sokukhubeka nangayiphi indlela, ukuze inkonzo yethu ingatholakali inephutha.” (2 Kor. 6:3) Lapho siyihlonipha imizi nempahla yabantu abasensimini yethu, ukuziphatha kwethu kungenza abanye bakhangwe iqiniso.Funda eyoku-1 Petru 2:12.

Masiwuhloniphe njalo umuzi womninikhaya nelungelo lakhe lokungaphazanyiswa emzini wakhe (Bheka isigaba 10)

NGIBASHUMAYEZA NINI ABANTU?

11. Kungani sikwazisa ukusihlonipha kwabanye isikhathi sethu?

11 NjengamaKristu, iningi lethu lihlale limatasa. Ukuze sifeze izibopho zethu, sihlela izinto ngokubaluleka kwazo, futhi sisihlela ngokucophelela isimiso sethu. (Efe. 5:16; Fil. 1:10) Uma kuba nokuthile okuphazamisa isimiso sethu, singase sicasuke. Ngenxa yalokho siyakwazisa ukuba abanye basihloniphe isikhathi sethu, babonise ukucabangela lapho bexoxa nathi, basicabangele nesikhathi abasithathayo. Sicabanga ngoMthetho Wegolide, singabonisa kanjani ukuthi siyabahlonipha abantu esibashumayezayo?

12. Singanquma kanjani ukuthi isiphi isikhathi esingcono kakhulu sokuya kubantu abasensimini yethu?

12 Kufanele sizame ukunquma ukuthi isiphi isikhathi esingcono kakhulu sokushumayeza abaninikhaya. Ensimini yethu, abantu bavame ukuba semakhaya nini? Kunini lapho bengaba nesineke sokulalela? Senza kahle ngokubheka izindlela zokuvumelanisa isimiso sethu nezimo zabo. Kwezinye izindawo, umsebenzi wethu wendlu ngendlu uphumelela kakhulu ngezikhathi zantambama noma kusihlwa. Uma kunjalo ensimini yangakini, ungahlela yini ukuba omunye womsebenzi wakho wokushumayela okungenani uwenze ngalezo zikhathi zosuku? (Funda eyoku-1 Korinte 10:24.) Singaqiniseka ukuthi uJehova uyokubusisa konke ukuzidela esikwenzayo ukuze siye enkonzweni ngezikhathi ezibalungele kangcono abantu abasensimini yethu.

13. Singayibonisa kanjani inhlonipho kumninikhaya?

13 Iyiphi enye indlela esingabonisa  ngayo inhlonipho kumuntu? Lapho sithola umuntu onesineke sokulalela, kufanele sinikeze ubufakazi obuhle kodwa akufanele sihlale isikhathi eside. Kungenzeka ukuthi leso sikhathi umninikhaya ubesibekele izinto azibheka njengezibalulekile. Uma ethi umatasa, singase sithi sizofushanisa futhi kufanele sisigcine leso sithembiso. (Math. 5:37) Lapho siphetha ingxoxo yethu, kuhle simbuze umuntu ukuthi isiphi isikhathi esikahle esingaphinde simbone ngaso. Abanye abamemezeli bakuthole kuphumelela ukuba bathi: “Ngingajabula ukuphinde ngikuvakashele. Kungaba ngcono yini ukuba ngikushayele ucingo noma ngikuthumelele umyalezo ngaphambi kokuba ngifike?” Lapho sizivumelanisa nezimo zabantu abasensimini yethu, silandela isibonelo sikaPawulu, ‘owayengafuni inzuzo yakhe kodwa eyabaningi, ukuze basindiswe.’1 Kor. 10:33.

KUFANELE NGIBASHUMAYEZE KANJANI ABANTU?

14-16. (a) Kungani kufanele siyenze icace kumninikhaya injongo yokuza kwethu? Bonisa. (b) Iyiphi indlela omunye umbonisi ojikelezayo ayithola iphumelela?

14 Zicabange ngolunye usuku uthola ucingo kodwa ungalazi izwi lomuntu okushayele. Awumazi, kodwa ukubuza umbuzo ngezinhlobo zokudla ozithandayo. Uyazibuza ukuthi ungubani nokuthi ufunani ngempela. Ngenxa yobuntu, mhlawumbe ungase uxoxe naye kafushane kodwa bese ubonisa ukuthi ungathanda ukuba ingxoxo iphele. Ngakolunye uhlangothi, ake sithi lo muntu okushayele uyazichaza ukuthi ungubani, athi usebenza emkhakheni wezokudla okunomsoco futhi ngomusa akutshele ukuthi unokwaziswa okuwusizo. Cishe uyothambekela ngokwengeziwe ekumlaleleni.  Ngokuvamile, siyakwazisa ukuba abantu bangagunci kodwa ngesikhathi esifanayo bakhulume ngendlela engacunuli lapho bexoxa nathi. Singayibonisa kanjani inhlonipho efanayo kulabo esibathola ensimini yethu?

15 Emasimini amaningi, kudingeka siyenze icace kumninikhaya injongo yokumhambela kwethu. Yiqiniso, sinokwaziswa okuyigugu umninikhaya angenakho, kodwa ake sithi asizange ngempela sizethule, samane saqala ingxoxo yethu ngombuzo onjengalo: “Ukube ubunamandla okuxazulula izinkinga ezisemhlabeni, iyiphi obungaqala ngayo?” Siyazi ukuthi ngalo mbuzo sisuke sifuna ukuthola lokho okucatshangwa yilo muntu bese siqondisa ingxoxo yethu eBhayibhelini. Nokho, umninikhaya angase azibuze: ‘Ubani lo muntu engingamazi, futhi kungani engibuza lo mbuzo? Uzokwenzani lapha?’ Ngakho kufanele sizame ukwenza umninikhaya akhululeke. (Fil. 2:3, 4) Singakwenza kanjani?

16 Omunye umbonisi ojikelezayo uthole indlela elandelayo iphumelela. Ngemva kokubingelela nokuzethula, unikeza umninikhaya ipheshana elithi Ungathanda Yini Ukwazi Iqiniso? abese ethi: “Sinikeza bonke abantu abakule ndawo leli pheshana namuhla. Liphendula imibuzo eyisithupha abantu abaningi abayibuzayo. Nanti elakho.” Lo mzalwane ubika ukuthi iningi labantu libonakala likhululeka kakhudlwana lapho selazi injongo yokufika kwakho. Kulelo qophelo, kuvame ukuba lula ukuqala ingxoxo. Lo mbonisi ojikelezayo ube esembuza lo muntu: “Ingabe wake wacabanga ngomunye wale mibuzo?” Uma umninikhaya ekhetha owodwa, umzalwane uvula ipheshana baqale ukuxoxa ngalokho iBhayibheli elikushoyo ngalowo mbuzo. Enye indlela ayisebenzisayo ukukhetha umbuzo futhi aqhubeke nengxoxo ngaphandle kokwenza umninikhaya azizwe enamahloni ngokubuzwa umbuzo abengawulindele. Yiqiniso, ziningi izindlela zokuqala ingxoxo. Kwezinye izindawo, abaninikhaya bangase balindele ukuba kudlulwe emidantini eyengeziwe ngaphambi kokuba usho isizathu sokuvakasha kwakho. Okubalulekile ukuba sivumelanise izingxoxo zethu nendlela abantu bendawo yakithi abafuna ukushunyayezwa ngayo.

QHUBEKA USEBENZISA UMTHETHO WEGOLIDE ENKONZWENI YAKHO

17. Njengoba sibonile kulesi sihloko, iziphi ezinye zezindlela esingawusebenzisa ngazo uMthetho Wegolide?

17 Khona-ke, iziphi izindlela ezimbalwa esiwusebenzisa ngazo uMthetho Wegolide enkonzweni yethu? Siphatha umninikhaya ngamunye njengomuntu ohlukile. Siyawuhlonipha umuzi womninikhaya nenye impahla yakhe. Sizama ukuya enkonzweni ngezikhathi abaninikhaya abasuke besemakhaya futhi bekhululeke ngazo. Sethula isigijimi sethu ngendlela eyamukelekayo ensimini yebandla.

18. Ukuphatha abantu abasensimini yethu ngendlela ebesingathanda ukuphathwa ngayo kunaziphi izinzuzo?

18 Ukuphatha abantu abasensimini yethu ngendlela esingathanda ukuphathwa ngayo kunezinzuzo eziningi. Ngokubonisa umusa nokucabangela, senza ukuba ukukhanya kwethu kukhanye, sigcizelela ukubaluleka kwezimiso zemiBhalo futhi sikhazimulisa uBaba wethu osezulwini. (Math. 5:16) Singenza abantu abengeziwe bakhangwe iqiniso ngendlela esibashumayeza ngayo. (1 Thim. 4:16) Kungakhathaliseki ukuthi abantu esibashumayezayo bayasamukela isigijimi soMbuso noma cha, siba nokwaneliseka kokwazi ukuthi senza okusemandleni ethu ukuze sifeze inkonzo yethu. (2 Thim. 4:5) Kwangathi ngamunye kithi angalingisa umphostoli uPawulu owabhala: “Ngenza zonke izinto ngenxa yezindaba ezinhle, ukuze ngibe umhlanganyeli wazo nabanye.” (1 Kor. 9:23) Sinalowo mgomo, masiwusebenzise njalo uMthetho Wegolide enkonzweni yethu.