Ingabe Bewazi?
Ezikhathini zeBhayibheli, kwakusho ukuthini ukuklebhula komuntu ngamabomu izingubo zakhe?
IMIBHALO ichaza izimo eziningi zabantu abaklebhula izingubo zabo. Lesi senzo singabonakala siyinqaba kubafundi besikhathi sanamuhla, nokho kumaJuda amaningi kwakuyisenzo esishukunyiswa imizwa ejulile ebangelwa ukudangala, umunyu, ukuhlazeka, intukuthelo noma ukulila.
Ngokwesibonelo, uRubeni “waklebhula izingubo zakhe” lapho ethola ukuthi icebo lakhe lokuphephisa uJosefa alisebenzanga ngenxa yokuthi uJosefa wayesethengiselwe ebugqilini. Uyise, uJakobe, “waklebhula iziphuku zakhe” lapho ecabanga ukuthi uJosefa udliwe isilwane sasendle. (Gen. 37:
Ekuqulweni kwecala likaJesu, uMpristi Ophakeme uKayafase “waklebhula izingubo zakhe zangaphandle” lapho ezwa lokho acabanga ukuthi kuwukuhlambalaza. (Math. 26:
Yiqiniso, ukuklebhula komuntu izingubo kwakungasho lutho phambi kwamehlo kaNkulunkulu ngaphandle kwalapho ukudabuka kwalowo muntu kuqotho. Yingakho uJehova atshela abantu bakhe ukuba ‘baklebhule izinhliziyo zabo, hhayi izingubo zabo; babuyele kuye.’