Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Ingabe kuyafaneleka ngabazali abangamaKristu ukuba bahlale nengane esusiwe ekuhlanganyeleni emihlanganweni yebandla?

Asikho isizathu sokukhathazeka ngokungafanele ngokuthi umuntu osusiwe ekuhlanganyeleni uhlalaphi eHholo LoMbuso. Lo magazini wenze yonke imizamo ukuze ukhuthaze abazali abangamaKristu ukuba bayinikeze usizo olungokomoya ingane yabo esusiwe esahlala ekhaya uma kusabonakala kufaneleka ukwenza kanjalo. Njengoba kuboniswe kumagazini we-Nqabayokulinda ka-November 15, 1988, emakhasini 19 no 20 abazali bangaze ngisho bafunde iBhayibheli nengane esencane esusiwe ekuhlanganyeleni esahlala nabo ekhaya. Kwethenjwa ukuthi ngaleyo ndlela ingane iyothola isikhuthazo esidingekile ukuze ilungise inkambo yayo.

EHholo LoMbuso, kubonakala kunengqondo ukuba ingane esencane esusiwe ekuhlanganyeleni ihlale ithule nabazali bayo. Njengoba kungadingekile ukuba umuntu osusiwe ahlale emuva eHholo, akufanele kube nenkinga uma ingane esusiwe ihlala eduze kwabazali bayo, nomaphi lapho behleli khona. Njengoba abazali benakekela nengokomoya lengane yabo, ngokuqinisekile bayofuna ukuqiniseka ukuthi izuza ngangokunokwenzeka emihlanganweni. Ukuhlala nayo kungaba usizo kunokuyiyeka izihlalele nomaphi inganakiwe.

Nokho, kuthiwani uma ingane esusiwe ekuhlanganyeleni ingasahlali ekhaya? Ingabe kunomehluko? Esikhathini esedlule, lo magazini wasisho ngokucacile isimo esifanele umKristu okufanele asilondoloze lapho kuziwa ekuzihlanganiseni nesihlobo esisusiwe ekuhlanganyeleni esingasahlali ekhaya. * Nokho, kuhluke kakhulu lapho umuntu osusiwe ehlala athule eduze nezihlobo zakhe ngesikhathi somhlangano kunalapho zona zifuna ukuzihlanganisa naye ngokungadingekile. Uma amalungu omkhaya athembekile enesimo sengqondo esifanele ngesihlobo esisusiwe futhi ezama ukuhlonipha iseluleko seBhayibheli mayelana nokuzihlanganisa naso, ngeke sibe khona isizathu sokukhathazeka.—1 Kor. 5:11, 13; 2 Joh. 11.

Khona-ke, kungakhathaliseki ukuthi umuntu osusiwe uhlala eceleni kwesihlobo noma kwanoma iliphi elinye ilungu lebandla akufanele kube yinkinga uma nje engaphazamisi. Ukubeka imingcele yokuthi umuntu osusiwe kumelwe ahlale kuphi kungase kubangele izinkinga ezihlukahlukene, kuye ngezimo. Uma bonke abakhona kuhlanganise nezihlobo ezithembekile, bezama ukuhlonipha izimiso zeBhayibheli mayelana nokususwa ekuhlanganyeleni, futhi kungabakhubi abanye abazalwane, asikho isidingo sokukhathazeka ngokuthi bahlalaphi labo ababa khona emihlanganweni yobuKristu.

^ isig. 5 Bheka INqabayokulinda ka-March 1, 1982, amakhasi 29-30 nencwadi ethi “Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu,” amakhasi 207-209.