Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UJehova Wazisa “Isiphetho Kwasekuqaleni”

UJehova Wazisa “Isiphetho Kwasekuqaleni”

UJehova Wazisa “Isiphetho Kwasekuqaleni”

“Lowo owazisa isiphetho kwasekuqaleni, nalowo owazisa izinto ezingakenziwa kusukela kudala.”—ISAYA 46:10.

1, 2. Yini ephawulekayo ngezenzakalo ezihambisana nokugumbuqelwa kweBhabhiloni, futhi leli qiniso libonisani ngoJehova?

KWESIKABHADAKAZI, amabutho esitha ahamba ngokunyonyoba eMfuleni i-Ewufrathe ebabele emzini onamandla waseBhabhiloni. Njengoba esondela esangweni lomuzi awayikholwa into ayibonayo. Izicabha ezinkulu ezimbili zodonga lwaseBhabhiloni zishiywe zikhamisile! Ayaphuma emfuleni; akhuphuke angene emzini. Ngesiqubu nje umuzi uyawa. UKoresi, umholi wala mabutho, uthatha izintambo ngaphandle kokulibala abuse leli zwe alinqobile futhi kamuva ukhipha umyalo wokuba izithunjwa ezingama-Israyeli zikhululwe. Izinkulungwane zama-Israyeli ayedingisiwe ziyagoduka ziyobuyisela ukukhulekelwa kukaJehova eJerusalema.—2 IziKronike 36:22, 23; Ezra 1:1-4.

2 Lezo zenzakalo ezenzeka phakathi kuka-539 no-537 B.C.E., zifakazelwa ngokugculisayo yizazi-mlando manje. Okuphawulekayo ukuthi záziwa iminyaka engaba ngu-200 ngaphambi kokuba zenzeke. UJehova waphefumulela umprofethi wakhe u-Isaya ukuba achaze ukuwa kweBhabhiloni kusasele isikhathi eside kangako. (Isaya 44:24–45:7) UNkulunkulu akazange embule izimo ezaziyohambisana nokugumbuqelwa kweBhabhiloni kuphela kodwa wembula negama lomholi owayeyonqoba. * Ekhuluma nama-Israyeli ayengofakazi bakhe emuva ngaleso sikhathi, uJehova wathi: “Khumbulani izinto zokuqala zesikhathi eside esidlule, ukuthi ngingowaPhezulu futhi akekho omunye uNkulunkulu, nanoma ngubani ofana nami; Lowo owazisa isiphetho kwasekuqaleni, nalowo owazisa izinto ezingakenziwa kusukela kudala.” (Isaya 46:9, 10a) Ngempela uJehova unguNkulunkulu okwaziyo ukubona izinto kusengaphambili.

3. Izimpendulo zamiphi imibuzo esesizozicabangela?

3 Kungakanani uNkulunkulu akwaziyo ngekusasa? Ingabe uJehova wazi kusengaphambili lokho umuntu ngamunye kithi ayokwenza? Ngempela, ingabe ikusasa lethu selinqunyiwe? Kulesi sihloko nakwesilandelayo sizocabangela izimpendulo zeBhayibheli zale mibuzo neminye ehlobene nayo.

UJehova—UNkulunkulu Wesiprofetho

4. Ubani onguMthombo weziprofetho ezilotshwe eBhayibhelini?

4 Njengoba uJehova ekwazi ukubona ikusasa kusengaphambili, waphefumulela izinceku zakhe ezikhathini zeBhayibheli ukuba zilobe iziprofetho eziningi, ezisenza sazi kusengaphambili lokho anenjongo yokukwenza. UJehova uthi: “Izinto zokuqala—bheka sezifikile, kodwa ngimemezela izinto ezintsha. Zingakaqali ukuvela, nginenza nizizwe.” (Isaya 42:9) Yeka ukuthi abantu bakaNkulunkulu babusiseke kangakanani!

5. Ukwazi kusengaphambili ukuthi uJehova uyokwenzani kuletha muphi umthwalo wemfanelo?

5 Umprofethi u-Amose uyasiqinisekisa: “INkosi EnguMbusi uJehova ngeke yenze utho ngaphandle kokuba iyambulile imfihlo yayo ezincekwini zayo, abaprofethi.” Ukuba nalolu lwazi kusengaphambili kwaletha umthwalo wemfanelo. Phawula umfanekiso onamandla u-Amose awusebenzisayo ngokulandelayo: “Kukhona ingonyama ebhongile! Ubani ongeke esabe?” Njengoba nje lapho kubhonga ingonyama abantu abakuleyo ndawo kanye nezilwane bebaleka ngokushesha, kanjalo nabaprofethi abanjengo-Amose bazimemezela ngokushesha izimemezelo zikaJehova. “INkosi EnguMbusi uJehova ngokwayo ikhulumile! Ubani ongeke aprofethe?”—Amose 3:7, 8.

‘Izwi LikaJehova Ngokuqinisekile Liyaphumelela’

6. “Injongo” kaJehova yama kanjani ngokuqondene nokuwa kweBhabhiloni?

6 Ngomprofethi wakhe u-Isaya, uJehova wathi: “Injongo yami iyokuma, futhi ngizokwenza konke okungijabulisayo.” (Isaya 46:10b) “Injongo” kaNkulunkulu, eyintando yakhe ngokuphathelene neBhabhiloni, yayihlanganisa ukubiza uKoresi aphume ePheresiya ukuze ayolinqoba abangele ukuwa kwalo. UJehova wamemezela leyo njongo kusasele iminyaka eminingi ngaphambili. Njengoba sekuphawuliwe kakade, yagcwaliseka impela ngonyaka ka-539 B.C.E.

7. Kungani singaqiniseka ngokuthi ‘izwi’ likaJehova liyophumelela ngaso sonke isikhathi?

7 Cishe emakhulwini amane eminyaka ngaphambi kokuba uKoresi anqobe iBhabhiloni, inkosi yakwaJuda, uJehoshafati, yahlanganyelwa amabutho abakwa-Amoni nabakwaMowabi. Yathandaza iqinisekile: “O Jehova Nkulunkulu wokhokho bethu, awuyena yini uNkulunkulu emazulwini, futhi awubusi yini phezu kwayo yonke imibuso yezizwe, futhi awekho yini esandleni sakho amandla nobukhulu, kungekho muntu ongema aqine phambi kwakho?” (2 IziKronike 20:6) U-Isaya wabonisa ukuqiniseka okufanayo lapho ethi: “UJehova wamabutho unesinqumo, ubani ongasihlakaza? Futhi yisandla sakhe esiluliwe, ubani ongasibuyisela emuva?” (Isaya 14:27) Kamuva, lapho inkosi yaseBhabhiloni, uNebukhadinezari, isisangulukile ngemva kokusangana isikhathi esithile, yavuma ngokuthobeka: “Akukho muntu onganqanda isandla [sikaNkulunkulu] noma ongathi kuye, ‘Ubuwenzani?’” (Daniyeli 4:35) Yebo, uJehova uyabaqinisekisa abantu bakhe: “[Izwi] lami . . . ngeke libuyele kimi lingabanga namiphumela, kodwa ngokuqinisekile liyokwenza lokho engikujabulelayo, futhi liyophumelela ngokuqinisekile kulokho engilithumele kona.” (Isaya 55:11) Singaqiniseka ngokugcwele ukuthi ‘izwi’ likaJehova liyagcwaliseka ngaso sonke isikhathi. Injongo kaNkulunkulu akwenzeki ingaphumeleli.

‘Injongo KaNkulunkulu Engunaphakade’

8. Iyini ‘injongo kaNkulunkulu engunaphakade’?

8 Encwadini yakhe ayibhalela amaKristu ase-Efesu, umphostoli uPawulu wakhuluma ngoNkulunkulu ‘njengonenjongo engunaphakade.’ (Efesu 3:11) Ayilona nje isu lokwenza into ethile, njengokungathi kwadingeka uNkulunkulu akhe isu ayezolisebenzisa. Kunalokho, ibhekisele ekuzimiseleni kukaJehova ukufeza lokho ayekuhlosile ngesintu nangomhlaba kwasekuqaleni. (Genesise 1:28) Ukuze siqonde ukuthi le njongo akwenzeki ingaphumeleli, masicabangele isiprofetho sokuqala esilotshwe eBhayibhelini.

9. UGenesise 3:15 uhlobene kanjani nenjongo kaNkulunkulu?

9 Isithembiso esikuGenesise 3:15 sibonisa ukuthi ngokushesha nje ngemva kokuba u-Adamu no-Eva bonile, uJehova wanquma ukuba owesifazane wakhe ongokomfanekiso aveze inzalo, noma indodana. UJehova wabona kusengaphambili nokuthi uyoba yini umphumela wobutha obuphakathi kowesifazane wakhe noSathane naphakathi kwezinzalo zabo eziphikisanayo. Nakuba uJehova ayeyovumela ukuba iNzalo yowesifazane wakhe ilinyazwe esithendeni, ngesikhathi saKhe esifanele, le Nzalo yayiyolimaza inyoka, noma uSathane uDeveli, ekhanda. Naphezu kwalobo butha, injongo kaJehova yaqhubeka iphumelela ngohlu lozalo olukhethiwe kwaze kwaba yilapho uJesu evela njengoMesiya othenjisiwe.—Luka 3:15, 23-38; Galathiya 4:4.

Lokho UJehova Akumisa Kusengaphambili

10. Ingabe uJehova wanquma kusengaphambili kwasekuqaleni ukuthi o-Adamu no-Eva babeyokona? Chaza.

10 Ekhuluma ngendima kaJesu enjongweni kaNkulunkulu, umphostoli uPetru wabhala: “[UJesu] waziwa kusengaphambili ngaphambi kokusungulwa kwezwe, kodwa wabonakaliswa ekupheleni kwezikhathi ngenxa yenu.” (1 Petru 1:20) Ingabe uJehova wanquma kusengaphambili kwasekuqaleni ukuthi o-Adamu no-Eva babeyokona nokuthi kwakuyodingeka umhlatshelo wesihlengo kaJesu Kristu? Cha. Igama elithi ‘ukusungulwa’ lihunyushwe egameni lesiGreki ngokwezwi nezwi elisho “ukuphonswa kwembewu phansi.” Ingabe kwakube khona ‘ukuphonswa kwembewu phansi,’ noma ingabe ikhona ingane u-Eva ayikhulelwa ngaphambi kokuba bone? Cha. O-Adamu no-Eva bazala izingane ngemva kwesenzo sabo sokungalaleli. (Genesise 4:1) Ngakho, uJehova wakunquma kusengaphambili ukuvela ‘kwenzalo’ ngemva nje kokuhlubuka kuka-Adamu no-Eva, ngaphambi kokuba u-Eva akhulelwe. Ukufa nokuvuka kukaJesu kwenza kwaba nelungiselelo lothando lesihlengo, okuzoqedwa ngalo isono esizuzwe ngefa nayo yonke imisebenzi kaSathane.—Mathewu 20:28; Hebheru 2:14; 1 Johane 3:8.

11. Isiphi isenzakalo uJehova asimisa kusengaphambili mayelana nokugcwaliseka kwenjongo yakhe?

11 UNkulunkulu wamisa kusengaphambili nesinye futhi isenzakalo mayelana nokugcwaliseka kwenjongo yakhe. Lokhu kuboniswa yilokho uPawulu akulobela abase-Efesu, okungukuthi, uNkulunkulu “[uyobuthela] ndawonye zonke izinto kuKristu, izinto ezisezulwini nezinto ezisemhlabeni.” Khona-ke, ngokuphathelene ‘nezinto ezisezulwini,’ okungukuthi, labo abakhethwe ukuba babe izindlalifa kanye noKristu, uPawulu wachaza: “Samiselwa kusengaphambili ngokwenjongo yakhe lowo owenza zonke izinto ngokwendlela intando yakhe ecebisa ngayo.” (Efesu 1:10, 11) Yebo, uJehova wanquma kusengaphambili ukuthi inani elinqunyiwe labantu laliyokwakha ingxenye yesibili yenzalo yowesifazane kaNkulunkulu futhi lihlanganyele noKristu ekusabalaliseni izinzuzo zesihlengo. (Roma 8:28-30) Umphostoli uPetru ubabiza ngokuthi ‘bayisizwe esingcwele.’ (1 Petru 2:9) Umphostoli uJohane waba nelungelo lokuthola embonweni ukuthi bangaki abayoba izindlalifa kanye noKristu—bangu-144 000. (IsAmbulo 7:4-8; 14:1, 3) Bakhonza ngobunye noKristu iNkosi, kube “udumo olukhazimulayo [kuNkulunkulu].”—Efesu 1:12-14.

12. Sazi kanjani ukuthi abangu-144 000 abamiselwa kusengaphambili njengabantu ngabanye?

12 Ukumiselwa kusengaphambili kwalaba abangu-144 000 akusho ukuthi kunabantu abathile abanqunyelwe kusengaphambili ukuba bakhonze uNkulunkulu ngokwethembeka ngale ndlela. Empeleni, iseluleko esisemiBhalweni YamaKristu YesiGreki ngokuyinhloko salotshelwa ukuqondisa nokuqinisa abagcotshiwe ukuze balondoloze ubuqotho babo futhi bazigcine belufanelekela ubizo lwabo lwasezulwini. (Filipi 2:12; 2 Thesalonika 1:5, 11; 2 Petru 1:10, 11) UJehova wazi kusengaphambili ukuthi bangu-144 000 abantu abayofanelekela ukufeza injongo yakhe. Ukuthi bayoba ngobani kuxhomeke endleleni umuntu ngamunye walabo abathole lolu bizo akhetha ukuphila ngayo, isinqumo ngamunye kubo okumelwe azenzele sona.—Mathewu 24:13.

Lokho UJehova Akwazi Kusengaphambili

13, 14. Indlela uJehova asebenzisa ngayo ikhono lakhe lokwazi izinto kusengaphambili ivumelana nani, futhi ngani?

13 Njengoba uJehova enguNkulunkulu wesiprofetho nenjongo, ulisebenzisa kanjani ikhono lakhe lokwazi izinto kusengaphambili? Okokuqala, siyaqinisekiswa ukuthi zonke izindlela zikaNkulunkulu ziyiqiniso, zilungile futhi ziluthando. Lapho ebhalela amaKristu angamaHebheru ekhulu lokuqala C.E., umphostoli uPawulu wakuqinisekisa ukuthi isifungo nesithembiso sikaNkulunkulu ‘ziyizinto ezimbili ezingenakuguquleka okungenakwenzeka ngoNkulunkulu ukuba aqambe amanga ngazo.’ (Hebheru 6:17, 18) Encwadini ayibhalela umfundi uThithu, uPawulu wawuveza futhi lo mqondo lapho ethi uNkulunkulu ‘akanakuqamba amanga.’—Thithu 1:2.

14 Ngaphezu kwalokho, nakuba uJehova enamandla angenamkhawulo, akalokothi awasebenzise ngendlela enganabulungisa. UMose wachaza uJehova ngokuthi “uNkulunkulu wokuthembeka, okungekho ukungabi nabulungisa kuye; ulungile futhi uqotho yena.” (Duteronomi 32:4) Noma yini uJehova ayenzayo ivumelana nobuntu bakhe obumangalisayo. Izenzo zakhe zibonisa ukuvumelana okuphelele kwezimfanelo zakhe eziyinhloko eziwuthando, ukuhlakanipha, ubulungisa namandla.

15, 16. Ikuphi ukukhetha uJehova akushiyela ku-Adamu ensimini yase-Edene?

15 Cabanga ngendlela konke lokhu okuhlobana ngayo nezenzakalo zasensimini yase-Edene. NjengoBaba onothando, uJehova walungiselela konke okudingwa izidalwa ezingabantu. Wanika u-Adamu ikhono lokucabanga, ukuzindla ngendaba nokufinyelela esiphethweni esifanele. Ngokungafani nendalo eyizilwane ngokuyinhloko eqondiswa umuzwa wemvelo, u-Adamu wayenekhono lokuzikhethela. Esemdalile, uNkulunkulu wabheka phansi esesihlalweni sakhe sobukhosi ezulwini futhi wabona “konke ayekwenzile, bheka! kwakukuhle kakhulu.”—Genesise 1:26-31; 2 Petru 2:12.

16 Lapho uJehova ekhetha ukubekela u-Adamu umyalo wokungadli ‘emthini wolwazi lokuhle nokubi,’ wamnikeza ukwaziswa okwanele ukuze akwazi ukunquma ayezokwenza. Wamvumela ukuba adle kuyo “yonke imithi yensimu” ngaphandle kowodwa futhi wamxwayisa ngemiphumela ebulalayo yokudla isithelo somuthi onqatshelwe. (Genesise 2:16, 17) Wamchazela ukuthi yayiyoba yini imiphumela yezenzo zakhe. U-Adamu wayeyokwenzani?

17. Yini eyenza sithi uJehova uyakhetha ukuthi ukusebenzisa nini ukwazi kwakhe izinto kusengaphambili?

17 Kubonakala uJehova akhetha ukungakuboni kusengaphambili lokho u-Adamu—no-Eva—ayeyokwenza, nakuba enalo ikhono lokwazi yonke into kusengaphambili. Ngakho iphuzu alikona ukuthi uJehova uyakwazi yini ukubona ikusasa kusengaphambili, kodwa liwukuthi uyakukhetha yini ukulibona. Ngaphezu kwalokho, singacabanga ukuthi uJehova, njengoba enguNkulunkulu wothando, wayengeke athi azi kodwa ngesihluku anqume kusengaphambili ukuba kwenzeke lokho kuhlubuka kanye nayo yonke imiphumela yako edabukisayo. (Mathewu 7:11; 1 Johane 4:8) Ngakho, uJehova uyakhetha ukuthi ukusebenzisa nini ukwazi kwakhe izinto kusengaphambili.

18. Kungani ukukhetha kukaJehova ukuthi ukusebenzisa nini ukwazi kwakhe izinto kusengaphambili kungabonisi ukuthi uyasilela?

18 Ingabe ukukhetha kukaJehova ukuthi ukusebenzisa nini ukwazi izinto kusengaphambili kusho ukuthi ngandlela-thile uyantula, uyasilela? Cha. UMose wachaza uJehova ngokuthi ‘uyiDwala,’ wabe esenezela: “Uphelele umsebenzi wakhe.” Wayengenakubekwa cala ngemiphumela yesono somuntu. Imiphumela ebuhlungu esiyizwayo sonke namuhla ivela kuleso senzo sokungalaleli esingalungile. Umphostoli uPawulu wabonisa ngokucacile ukuthi “ngomuntu oyedwa isono sangena ezweni nokufa kwangena ngesono, futhi kanjalo ukufa kwasakazekela kubantu bonke ngenxa yokuthi bonke bonile.”—Duteronomi 32:4, 5; Roma 5:12; Jeremiya 10:23.

19. Imiphi imibuzo ezocatshangelwa esihlokweni esilandelayo?

19 Kule ngxoxo yethu, sibonile ukuthi akukho ukungabi nabulungisa kuJehova. (IHubo 33:5) Kunalokho, amandla kaJehova, izimfanelo nezindinganiso zakhe kusekela injongo yakhe. (Roma 8:28) NjengoNkulunkulu wesiprofetho, uJehova wazisa “isiphetho kwasekuqaleni, [futhi] wazisa izinto ezingakenziwa kusukela kudala.” (Isaya 46:9, 10) Sibonile nokuthi uyakhetha ukuthi ukusebenzisa nini ukwazi kwakhe izinto kusengaphambili. Lokhu kusithinta kanjani thina? Singaqinisekisa kanjani ukuthi izinqumo zethu zivumelana nenjongo kaNkulunkulu yothando? Zibusiso zini esiyozithola ngokwenza kanjalo? Isihloko esilandelayo sizodingida le mibuzo.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 2 Bheka incwajana ethi Incwadi Yabo Bonke Abantu, ikhasi 28, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

Ungachaza?

• Iziphi izibonelo zasendulo ezifakazela ukuthi ‘izwi’ likaNkulunkulu ‘liyaphumelela ngokuqinisekile’ ngaso sonke isikhathi?

• Ikuphi uJehova akumise kusengaphambili ngokuqondene ‘nenjongo yakhe engunaphakade’?

• UJehova ukusebenzisa ngayiphi indlela ukwazi kwakhe izinto kusengaphambili?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 22]

UJehoshafati wayeqiniseka ngoJehova

[Isithombe ekhasini 23]

UNkulunkulu wabikezela ukufa nokuvuka kukaJesu

[Isithombe ekhasini 24]

Ingabe uJehova wakunquma kusengaphambili lokho u-Adamu no-Eva ababeyokwenza?