Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Uyawuhlakulela Umuzwa Wokumangala?

Ingabe Uyawuhlakulela Umuzwa Wokumangala?

Ingabe Uyawuhlakulela Umuzwa Wokumangala?

UPHAWULILE yini ukuthi lapho abalobi beBhayibheli betusa imisebenzi nezimfanelo zikaNkulunkulu ngokuphindaphindiwe benza ukuba abantu nabo bazizwe bemangele? Umhubi wathi: “Ngenziwe ngokumangalisayo.” (IHubo 139:14) Umprofethi u-Isaya wabhala: “O Jehova, unguNkulunkulu wami. Ngiyakuphakamisa, ngidumisa igama lakho, ngoba wena wenzé izinto ezimangalisayo.” (Isaya 25:1) Noma cabanga ngamazwi okumangala ashiwo umphostoli uPawulu: “O ukujula kwengcebo nokuhlakanipha nolwazi lukaNkulunkulu!”—Roma 11:33.

ISichazamazwi 1 sithi elithi “isimangaliso” lisho “isenzo esingajwayelekile ukwenzeka noma esingakaze senzeke; isenzo esixakayo esingachazeki.”

Akujabulisi yini ukubona izingane ezincane ziwakhiphe wonke amehlo zimangele lapho zibona, zizwa, noma lapho ziqala ukuzwa ngezinto ebezingazazi? Kuyadabukisa ukuthi ukumangala okunjengalokhu okubangelwa yilukuluku lokwazi noma yinto entsha, ngokuvamile kuyancipha ngokuhamba kweminyaka.

Nokho, ngokuqondene nabalobi beBhayibheli abasanda kucashunwa, umuzwa wokumangala wawujulile kubo. Bawulondoloza iminyaka. Kanjani? Bawuhlakulela ngokuzindla ngokwazisa ngemisebenzi kaNkulunkulu. Umhubi wa-thandaza: “Ngizindla ngeminyaka eyadlula kudala, ngizikhumbuze njalo ngakho konke oye wakwenza; ngihlale ngicabanga ngezimangaliso zendalo yakho.”—IHubo 143:5, i-New English Bible.

Akuve kukuhle ukuthi abakhulekeli bakaNkulunkulu namuhla basenawo lo muzwa wokumangala. Ingabe wena unawo? Ingabe uyawuhlakulela?