Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Yini Ngempela Enquma Ikusasa Lakho?

Yini Ngempela Enquma Ikusasa Lakho?

Abantu abaningi bakholelwa ukuthi ikusasa labo lilawulwa amandla athile angabonakali. Ngenxa yale nkolelo, benza izinto abacabanga ukuthi zingabalethela inhlanhla.

LOKHO ABANINGI ABAKUKHOLELWAYO

UKUFUNDA IZINKANYEZI: Abantu abaningi bakholelwa ukuthi ikusasa labo linqunywa indlela izinkanyezi ezazimi ngayo lapho bezalwa. Baya kwabafunda izinkanyezi ukuze bathole ukuthi yini ezobehlela bese benza okuthile ukuze bazivikele noma baphumelele.

I-FENG SHUI: Abanye bakholelwa ukuthi ukuze baphumelele kufanele benze indawo ebazungezile nezindlu zabo kuvumelane namandla angabonakali emvelo. ULo Wing, a ohlala eHong Kong uthi: “Ungqondongqondo we-feng shui wangitshela ukuthi uma ngibeka uhlobo oluthile lwetshe lekristalu endaweni ethile esitolo sami lokhu kungangisiza ngithole imali eningi.”

UKUKHONZA AMADLOZI: Abanye bakholelwa ukuthi kumelwe bakhonze abantu asebashona noma onkulunkulu abahlukahlukene ukuze babavikele futhi bababusise. UVan, ohlala eVietnam uthi: “Ngikholelwa ukuthi ukuhlonipha okhokho, kungangenza ngikujabulele ukuphila manje futhi ngibe nekusasa elilondekile nezingane zami.”

UKUPHINDUZALWE: Abaningi babheka ukuphila njengomjikelezo ongapheli lapho umuntu eqala ngokuphila, afe bese ephinde eyazalwa. Bakholelwa ukuthi izinto ezinhle noma ezimbi ezenzekayo ekuphileni kwabo ziwumphumela wezinto abazenza ekuphileni kwabo okwedlule.

Nokho, abaningi babheka lezi zinkolelo njengezinkoleloze. Kodwa, basayenza imikhuba efana nokubhula ngentende yesandla, ngezinkanyezi, ngama-Ouija® board, ngamakhadi nangezinye izinto ezifana nalezi. Banomuzwa wokuthi mhlawumbe ngandlela thile lezi zinto zingabasiza bazi ikusasa labo.

UBA YINI UMPHUMELA?

Ingabe labo abathembela kulezo zinkolelo nakuleyo mikhuba baphila kamnandi futhi banethemba lokuba nekusasa elilondekile?

Cabanga ngalokho okwenzeka kuHào, ohlala eVietnam. Wasebenzisa i-feng shui, wakhonza amadlozi futhi wabhula ngezinkanyezi. Ingabe waphumelela? UHào uthi: “Ibhizinisi lami lawa, ngangena ezikweletini, umndeni wami waba nezingxabano futhi ngacindezeleka kakhulu ngokomzwelo.”

UQiuming waseTaiwan naye wayekholelwa ekufundeni izinkanyezi, ukuphinduzalwe, ukudalelwa, i-feng shui nasemadlozini. Ngemva kokuzihlola ngokucophelela lezi zinkolelo, uthi: “Ngabona ukuthi lezi zimfundiso namasiko kuyangqubuzana futhi kuyadida. Ngathola ukuthi izibikezelo zokubhula ngezinkanyezi izikhathi eziningi zazinganembile. Ngokuphathelene nenkolelo yokuphinduzalwe, uma ungakhumbuli lutho olwenzeka ekuphileni kwakho okwedlule, uzoshintsha kanjani futhi wenze okungcono ekuphileni kwakho okulandelayo?”

“Ngabona ukuthi lezi zimfundiso namasiko kuyangqubuzana futhi kuyadida.”​—UQIUMING WASETAIWAN

Ikusasa lethu alinqunywa ukudalelwa, izinkanyezi, okhokho asebashona noma ukuphinduzalwe njengoba uHào, uQiuming nabanye abaningi baye bathola. Ingabe lokhu kusho ukuthi asikwazi ukulawula ikusasa lethu?

Abaningi banomuzwa wokuthi ukuze baqiniseke ukuthi baba nekusasa elihle kufanele balwele ukuba nemfundo ephakeme nengcebo. Ibe yini imiphumela kulabo abaye benza leso sinqumo?

a Kulesi sihloko nakwezinye ezilandelayo, amanye amagama ashintshiwe.

b La mazwi atholakala eBhayibhelini Elingcwele kweyabaseGalathiya 6:7. Avumelana kahle nesisho sase-Asia esithi, Tshala ibhece, uzovuna ibhece; tshala ubhontshisi, uzovuna ubhontshisi.