Ungazijabulela Izibusiso Zaphakade Ezivela KuNkulunkulu Onothando
Uyawulangazelela yini umhlaba ongenazo izimpi, udlame nezingxabano?
Uyafisa yini sengathi ngabe akusekho ukugula, ukuhlupheka nokufa?
Ingabe uyafisa ukuphila ngaphandle kokukhathazeka?
Uyafisa yini ukuphila endaweni engahlushwa yizinhlekelele zemvelo?
UNkulunkulu wethu onothando, uMdali womhlaba wethu omuhle, uthembise ukuthi uzonika abantu ukuphila okuphakade ngaphansi kwezimo ezinokuthula nezijabulisayo. Leli akulona iphupho nje.
Kulezi zihloko ezilandelayo, sicela ukuba uhlole:
Indlela uMdali wethu azizwa ngayo ngabantu
Lokho esikutshelwa yiZwi LikaNkulunkulu elilotshiwe
Lokho abaprofethi bakaNkulunkulu abakusho ngezibusiso azithembisile
Esingakwenza ukuze sijabule manje, sithole nezibusiso zaphakade esikhathini esizayo
Asiqale ngokuhlola izinto uMdali azenzile ukuze abonise ukuthi uyabathanda abantu.