Iziprofetho Esezigcwalisekile
Ekuqaleni, sikhulume ngendlela uCroesus akhohliswa ngayo umbhuli waseDelphi, okwaholela ekunqotshweni kwesizwe sakubo ngamaPheresiya. NeBhayibheli linesiprofetho esimayelana nenkosi yasePheresiya, kodwa sona sagcwaliseka ngokuphelele.
Kusasele iminyaka engaba ngu-200 kuzalwe iNkosi uKoresi, umprofethi ongumHebheru u-Isaya, wakhuluma ngale nkosi, washo negama layo nendlela eyayiyolinqoba ngayo iBhabhiloni.
Isaya 44:24, 27, 28: “Yilokhu uJehova akushilo, . . . ‘lowo othi otweni lwamanzi, “Hwamuka; ngizoyomisa yonke imifula yakho”; lowo othi ngoKoresi, “Ungumalusi wami, futhi uyokufeza konke engikujabulelayo”; lowo othi ngeJerusalema, “Lizokwakhiwa kabusha,” nangethempeli ukuthi, “Siyobekwa isisekelo sakho.”’”
Ngokwesazimlando esingumGreki uHerodotus, ibutho likaKoresi laphambukisa amanzi oMfula i-Ewufrathe owawunqamula eBhabhiloni. Icebo likaKoresi lenza ibutho lakhe lakwazi ukungena eBhabhiloni. Ngemva kokunqoba iBhabhiloni, uKoresi wakhulula amaJuda ayeyizithunjwa, wawavumela ukuba abuyele ezweni lawo ukuze akhe kabusha iJerusalema, okwase kuphele iminyaka engu-70 labhujiswa.
Isaya 45:1: “Yilokhu uJehova akushilo kogcotshiweyo wakhe, kuKoresi, osandla sakhe sokunene engisibambile, ukuze nginqobe phambi kwakhe izizwe, ukuze ngikhumule ngisho nezinkalo zamakhosi; ukuze ngivule phambi kwakhe iminyango enezicabha ezimbili, kangangokuthi ngisho namasango ngeke avalwe.”
AmaPheresiya angena eBhabhiloni ngezicabha ezimbili ezinkulu, ezazishiywe zingavaliwe. Ukube abaseBhabhiloni babazi ukuthi uKoresi uphezu kwani, babeyoqikelela ukuthi amasango angasohlangothini lomfula ayavalwa. Ngenxa yokunganaki, abaseBhabhiloni bazithola bengavikelekile.
Lesi siprofetho singesisodwa kweziningi ezitholakala eBhayibhelini eziye zagcwaliseka ngokuphelele. a Ngokungafani nezinto ezibikezelwa abantu abakholelwa konkulunkulu bamanga, iziprofetho zeBhayibheli zivela kuNkulunkulu ochazwa ngale ndlela: “Lowo owazisa isiphetho kwasekuqaleni, nalowo owazisa izinto ezingakenziwa kusukela kudala.”—Isaya 46:10.
NguNkulunkulu weqiniso kuphela, uJehova, ongasho lokhu. Igama lakhe lisho ukuthi “Ubangela Ukuba Kube Khona.” Le ncazelo ibonisa ukuthi uJehova uyakwazi ukubona ikusasa nokwenza noma yini evumelana nentando yakhe. Isiqinisekisa nangokuthi uzozifeza zonke izithembiso zakhe.
IZIPROFETHO EZIGCWALISEKA ESIKHATHINI SETHU
Ungathanda yini ukwazi lokho okushiwo iziprofetho zeBhayibheli ngesikhathi esiphila kuso? Eminyakeni engaba ngu-2 000 eyedlule, iBhayibheli labikezela ukuthi “ezinsukwini zokugcina” kwakuyoba khona “izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.” Izinsuku zokugcina zani? Akuzona ezokuphela komhlaba noma kwabantu, kodwa ezokuphela kwezimpi, izingcindezi nokuhlupheka okuhlukahlukene osekukhathaze abantu iminyaka eminingi. Ake sihlole iziprofetho ezimbalwa ezibonisa ukuthi siphila “ezinsukwini zokugcina.”
2 Thimothewu 3:1-5: “Ezinsukwini zokugcina . . . , abantu bayokuba abazithandayo, abathanda imali, abazazisayo, abazidlayo, abahlambalazi, abangalaleli abazali, abangabongiyo, abangathembeki, abangenalo uthando, abangafuni sivumelwano, abanyundeli, abangenakho ukuzithiba, abanolaka, abangenalo uthando lokuhle, abakhapheli, abanenkani, abakhukhumele, abathandi benjabulo kunokuba abathandi bakaNkulunkulu, abanesimo sokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kodwa bewaphika amandla ako.”
Awuvumi yini ukuthi ukuziphatha kwalolu hlobo sekwande kakhulu kubantu esiphila nabo namuhla? Uke wanaka yini ukuthi abantu esiphila nabo bayazithanda, bathanda imali, futhi bayazazisa? Uke waphawula ukuthi abantu bafuna kwenziwe okuthandwa yibo, kodwa bona abathandi ukuzivumelanisa nabanye? Kufanele ukuba ukubonile ukwanda kokungahlonishwa kwabazali, nokuthi ngokuvamile abantu bathanda injabulo ukwedlula uNkulunkulu. Usuku ngalunye izinto ziba zimbi nakakhulu.
Mathewu 24:6, 7: “Niyokuzwa ngezimpi nemibiko yezimpi. . . . Isizwe siyovukela isizwe nombuso uvukele umbuso.”
Kulinganiselwa ukuthi kusukela ngo-1914 abantu abangaphezu kwezigidi ezingu-100, okuyinani elingaphezu kwelabantu abakhona emazweni amaningi, baye bafa ezimpini noma babulawa ngohlobo oluthile lwesikhali. Cabanga ngobuhlungu, izinyembezi nosizi okubangelwe ukufa kwabantu abangaka. Ingabe izizwe ziye zafunda kulokhu futhi zayeka ukulwa?
Mathewu 24:7: “Kuyoba khona ukusweleka kokudla.”
I-World Food Programme yasho lokhu: “Kuyamangaza ukuthi nakuba kukhiqizwa ukudla okwanele ukuba kondliwe wonke umuntu emhlabeni, kusenabantu abayizigidi ezingu-815, okungukuthi umuntu oyedwa kwabangu-9, abalala bengadlile. Kunabanye abaningi, okungukuthi oyedwa kwabathathu, abanezifo ezibangelwa ukungondleki kahle.” Kulinganiselwa ukuthi unyaka ngamunye, izingane ezingaba izigidi ezintathu zibulawa indlala.
Luka 21:11: “Kuyoba khona ukuzamazama okukhulu komhlaba.”
Unyaka ngamunye kuba khona ukuzamazama komhlaba okuphawulekayo okubalelwa ku-50 000, kanti okungaba ngu-100 kuba namandla anele okucekela phansi izakhiwo. Kulinganiselwa ukuthi phakathi kuka-1975 no-2000, ukuzamazama komhlaba kuye kwabulala abantu abangu-471 000.
Mathewu 24:14: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.”
OFakazi BakaJehova abangaphezu kwezigidi ezingu-8 bebelokhu beshumayela futhi befakaza ngezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu emazweni angaba ngu-240. Bamemezela izindaba ezinhle emadolobheni amakhulu, emaphandleni, ezindaweni ezisemahlathini nasezintabeni. Lapho uNkulunkulu esegculisekile ngezinga lo msebenzi owenziwe ngalo, isiprofetho sithi: “Khona-ke ukuphela kuyofika.” Kusho ukuthini lokho? Kusho ukuthi imibuso yabantu iyoqedwa bese kuqala ukubusa umbuso omusha, okunguMbuso kaNkulunkulu. Iziphi izithembiso eziyogcwaliseka lapho sekubusa uMbuso kaNkulunkulu? Funda izihloko ezilandelayo ukuze uthole impendulo.
a Bheka isihloko esithi “Ubufakazi Obunganakekile Bokunemba Kweziprofetho ZeBhayibheli.”