“Abamnene Bayodla Ifa Lomhlaba”
Iningi lethu likubonile ukungabi nabulungisa nokuphathwa kabi kwabantu abalungile. Kuyoke kuphele yini ukungabi nabulungisa nobubi emhlabeni?
IHubo 37 liyasinikeza impendulo, lisitshela nalokho okufanele sikwenze. Phawula indlela eliyiphendula ngayo le mibuzo elandelayo.
Kufanele sibaphathe kanjani labo abasiphatha kabi?—Amavesi 1, 2.
Kuzokwenzekani kubantu ababi?—Ivesi 10.
Liyini ikusasa labenza okulungile? —Amavesi 11, 29.
Yini okufanele siyenze manje?—Ivesi 34.
IHubo 37 likhuluma ngekusasa elihle eliyotholwa yilabo ‘abathemba uJehova bagcine indlela yakhe.’ OFakazi BakaJehova bangakujabulela ukukusiza utadishe iBhayibheli, futhi uthole ukuthi yini ongayenza ukuze wena nalabo obathandayo nibe nekusasa eliqhakazile.