Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

1 Usizo Lokugwema Izinkinga

1 Usizo Lokugwema Izinkinga

IBhayibheli lithi iseluleko salo sivela kuNkulunkulu futhi ‘sinenzuzo yokufundisa, yokusola, neyokuqondisa izinto.’ (2 Thimothewu 3:16) Kuyiqiniso yini lokho? Cabanga ngezinye izindlela ukuhlakanipha kweBhayibheli okusize ngazo abantu ukuba bagweme izinkinga zingakabi nkulu kakhulu.

UKUPHUZA UTSHWALA NGOKWEQILE

UDelphine okukhulunywe ngaye esihlokweni esidlule, wazithola esefuna ukuphuza utshwala kakhulu, ngenxa yezinkinga ayebhekene nazo. IBhayibheli alikwenqabeli ukuphuza utshwala ngokulinganisela, kodwa lithi: “Ungabi phakathi kwezinseli zewayini.” (IzAga 23:20) Ukuphuza ngokweqile kuye kwaba nomthelela ezinkingeni zempilo, ekuxabaneni kwabantu, nasekufeni kwezigidi zabantu unyaka ngamunye. Eziningi zalezi zinkinga bezingagwemeka ukube abantu bebelalela iseluleko seBhayibheli esihlakaniphile.

UDelphine wasilalela leso seluleko. Uthi: “Ngabona ukuthi utshwala babungakuqedi ukukhathazeka kwami. Ngasebenzisa ukuhlakanipha okukweyabaseFilipi 4:6, 7, ethi: ‘Ningakhathazeki ngalutho, kodwa . . . izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu.’ Njalo ebusuku lapho ngifikelwa imicabango engikhathazayo, ngangithandaza kuJehova. Ngangimtshela indlela engizizwa ngayo ngisho noma ngithukuthele, ngiphatheke kabi noma ngidikibele futhi ngangimncenga ukuba angisize ngizizwe ngingcono. Ekuseni, ngangizama konke okusemandleni ukuba ngingayivumeli imicabango engemihle. Ukwenza kanjalo, kwakungisiza ngigxile kulokho enginakho kunokugxila kulokho engingenakho. Ngakhetha ukungaphinde ngiphuze utshwala. Ngase nginokuthula, futhi ngimbonga uJehova ngakho, ngangingafuni lokho kuthula kungilahlekele.”

UKUZIPHATHA KABI NGOKOCANSI

Zimbalwa izinkinga ezibangela ubuhlungu njengokuziphatha kabi ngokocansi. Kodwa iBhayibheli lingasisiza sigweme lobo buhlungu, ngokusixwayisa ngezinto ezingasibangela ukuba siziphathe kabi—njengokwenza sengathi ufuna ukuthandana nothile ube ungazimisele, nokubuka izinto ezikwenza ube nesifiso sokuya ocansini. Insizwa okuthiwa uSamuel ithi, “Kwakulula ukwenza sengathi ngiyayithanda intombazane. Ngezinye izikhathi ngangisuke ngingayithandi ngisho nokuyithanda, kodwa ngibona ukuthi yona iyangithanda. Ngakho kwakuba mnandi ukwenza sengathi ngifuna ukuthandana nayo.” USamuel wayesedume ngokuthi udlala ngamantombazane—ngisho noma ayengasahlosile ukwenza kanjalo—ngakho wanquma ukuba akwenze ngenhloso. Kodwa lo mkhuba wawumhlupha. Uthi: “Kwakuwumkhuba omubi ngoba wangenza ngangayicabangela imizwa yabanye.”

USamuel wafunda isihloko esibhalelwe abantu abasha esiku-jw.org. Wacabanga ngezAga 20:11 ezithi: “Ngisho nangemikhuba yakhe umfana uzenza aqashelwe ukuthi umsebenzi wakhe uhlanzekile futhi uqotho yini.” Wamsiza kanjani lo mBhalo? USamuel wabona ukuthi ukwenza sengathi ufuna ukuthandana namantombazane kodwa engazimisele kanjalo, kwakungalungile futhi kungahlanzekile. Uthi, “Ngafunda nokuthi umuntu osemusha okwenzayo lokhu, uzifundisa imikhuba engamenza angabi umyeni noma inkosikazi enhle. Ngacabanga ngendlela inkosikazi yami eyayizozizwa ngayo uma ingibona ngidlalisa omunye umuntu wesifazane kanjalo. Lokho kwangenza ngabona ukuthi lo mkhuba uyingozi. Ukuthi kulula akusho ukuthi kulungile.” USamuel washintsha. Ukugwema lo mkhuba, kumsize wagwema ukuziphatha kabi ngokocansi.

U-Antonio wayesengozini enkulu nakakhulu yokuziphatha kabi ngokocansi: Wayesengumlutha wokubuka izithombe ezivusa isifiso sokuya ocansini. Nakuba ayeyithanda kakhulu inkosikazi yakhe, wayeqhubeka nalo mkhuba. Uthi ukucabanga ngeyoku-1 Petru 5:8 kwamsiza kakhulu. Ithi: “Hlalani nisangulukile, qaphani. Isitha senu, uDeveli, sihambahamba njengengonyama ebhongayo, efuna engamshwabadela.” U-Antonio uthi: “Izithombe ezikwenza ufise ukuya ocansini zigcwele yonke indawo, futhi kunzima ukuzisusa engqondweni. Leli vesi langisiza ngacabanga ngokuthi ubani ngempela obangela lezi zilingo. Kwadingeka ngizifundise ukuba ngisheshe ngikhumbule ukuthi lezo zithombe ziqhamuka kuDeveli. Manje sengiyazi ukuthi uJehova kuphela ongangisiza ngihlale ‘ngisangulukile futhi ngiqaphile,’ ukuze ngikwazi ukugwema lezo zithombe ezingahlasela ingqondo, inhliziyo kanye nomshado wami.” U-Antonio waluthola usizo, futhi ekugcineni wakwazi ukuwunqoba lo mkhuba. Lokho kumsize ukuba agweme ukungena ezinkingeni ezinkulu.

Kusobala ukuthi iBhayibheli linezeluleko ezingasisiza sigweme izinkinga ezinkulu. Kodwa kuthiwani ngezinkinga esibhekene nazo kwamanje futhi ezingapheli? Ake sibone ukuthi iZwi likaNkulunkulu lingasisiza kanjani kulezo zinkinga.

Iseluleko seBhayibheli singasisiza sigweme ezinye izinkinga