Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

1924—Eminyakeni Eyikhulu Edlule

1924—Eminyakeni Eyikhulu Edlule

“UKUQALA konyaka yisikhathi esikahle kuwo wonke umKristu obhapathiziwe . . . sokuba abheke izindlela angandisa ngazo inkonzo yakhe,” kwasho i-Bulletin a kaJanuwari 1924. Njengoba unyaka uqhubeka, Abafundi BeBhayibheli basebenzisa lesi sikhuthazo ngezindlela ezimbili: ngokushumayela ngezindlela ezintsha nangokushumayela ngesibindi.

UKUSHUMAYELA NGESIBINDI EMSAKAZWENI

Abazalwane baseBethel bathatha isikhathi esingaphezu konyaka bakha isiteshi somsakazo i-WBBR eStaten Island, eNew York City. Ngemva kokulungisa indawo, bakha indlu enkulu yezisebenzi kanye nenye eyayizohlala imishini. Ngemva kokuba lo msebenzi usuphelile, abazalwane baqala ukuxhuma imishini yokusakaza eyayidingeka. Kodwa kwakuyodingeka banqobe izithiyo eziningana.

Abazalwane bakuthola kunzima ukufaka uthi lwesiteshi somsakazo. Uthi lwesiteshi olwalungamamitha angu-91 ubude kwakudingeka balugaxe phakathi nezinsika zokhuni, insika ngayinye yayingamamitha angu-61 ukuphakama. Imizamo yokuqala yahluleka. Ngenxa yokuthembela kwabo kuJehova, ekugcineni imizamo yabo yaphumelela. UCalvin Prosser, owayephakathi kwalabo ababenza lo msebenzi, uthi: “Ukube imizamo yethu yaphumelela sasiyozincoma thina sithi, ‘Buk’ ukuthi senzeni!’” Kunalokho, abazalwane bayisa udumo kuJehova. Kodwa izinkinga zabo zazingakapheli.

Kuxhunywa uthi lomsakazo i-WBBR

Ukusakaza ngeRadio kwakuyinto entsha futhi imishini yokusakaza yayingatholakali kalula. Ngakho abazalwane bathola umshini wokusakaza oyisekeni khona endaweni owawukulungele ukusetshenziswa. Esikhundleni sokuthenga i-microphone entsha, abazalwane basebenzisa ababeyikhiphe efonini. Ngobunye ubusuku ngoFebhuwari, abazalwane banquma ukuhlola lo mshini wokuzenzela ukuthi uyasebenza yini. Babedinga isimiso ababezosisakaza, ngakho abazalwane bacula izingoma zoMbuso. U-Ernest Lowe ukhumbula into ehlekisayo eyenzeka ngalelo langa. Uthi ngesikhathi becula, bathola ucingo olwaluvela kuJudge Rutherford, b owabezwa becula emsakazweni eBrooklyn, eqhele ngamakhilomitha angaba ngu-25.

UMfoweth’ uRutherford wathi, “Cimani lowo msindo onswininizayo. Nizwakala njengenqwaba yamakati abanga umsindo!” Bedangele, abazalwane bawucima ngokushesha umshini wokusakaza, kodwa babeqiniseka ukuthi base bekulungle ukusakaza okokuqala.

NgoFebhuwari 24, 1924, phakathi nokusakazwa kokuqala kwesiteshi somsakazo, uMfoweth’ uRutherford wanikezela ngokusemthethweni isiteshi somsakazo “ukuze kusakazwe izindaba ezinhle zombuso kaMesiya.” Wachaza ukuthi injongo yesiteshi somsakazo “ukusiza abantu baqonde iBhayibheli, kungakhathaliseki ukuthi yini abantu abayikholelwayo, baqonde nokubaluleka kwesikhathi esiphila kuso.”

Kwesobunxele: Umfoweth’ uRutherford estudiyo sokuqala

Kwesokudla: Umshini wokusakaza

Ukusakaza kokuqala kwaba impumelelo enkulu. Eminyakeni engu-33 eyalandela, i-WBBR yasetshenziselwa ukusakaza izinhlelo zabantu bakaJehova.

NGESIBINDI KULAHLWA ELOBUKHOLWA

NgoJulayi 1924, Abafundi BeBhayibheli baba nomhlangano wesifunda eColumbus, e-Ohio. Ababeze emhlanganweni babevela emhlabeni wonke futhi balalela izinkulumo ezazibekwa ngesi-Arabhu, ngesiNgisi, ngesiFulentshi, ngesiJalimane, ngesiGreki, ngesiHungary, ngesiNtaliyane, ngesiLithuania, ngesiPolish, ngesiRashiya, ngezilimi zaseScandinavia nangolimi lwase-Ukraine. Abantu babekwazi ukulalela ezinye izinkulumo esiteshini somsakazo futhi abafowethu bacela abamaphephandaba endawo ukuba babhale ngokwakwenzeka emhlanganweni usuku ngalunye.

Umhlangano wango-1924 eColumbus, e-Ohio

NgoLwesine, ngoJulayi 24, abafowethu nodadewethu abangaphezu kuka-5 000 ababeze emhlanganweni bashumayela edolobheni ngosuku lwenkonzo. Bahambisa izincwadi ezicishe zibe ngu-30 000, baqalisa nezifundo zeBhayibheli eziyizinkulungwane. INqabayokulinda yabiza lolo suku ngokuthi “ingxenye emnandi kakhulu yomhlangano.”

Enye into evelele ngomhlangano yenzeka ngoLwesihlanu, ngoJulayi 25, lapho ngesibindi uMfoweth’ uRutherford efunda isimemezelo esinomyalezo olahla elobukholwa. Lesi simemezelo sasibhalwe ngendlela okubhalwa ngayo incwadi engokomthetho, sasimangalela abaholi bezepolitiki, abenkolo, nabezentengiselwano “ngokuvimbela abantu ukuba bafunde iqiniso ngoMbuso kaNkulunkulu ayowusebenzisa ukuze abusise abantu.” Ngaphezu kwalokho, kuleso simemezelo wamangalela la madoda nangokuthi “ayengenzi kahle ngoba ayesekela inhlangano yezizwe futhi ayethi le nhlangano iyindlela uNkulunkulu ayisebenzisayo ukuze abuse umhlaba.” Abafundi BeBhayibheli kwakuzodingeka babe nesibindi ukuze bashumayele lo myalezo kubantu.

Ikhuluma ngomthelela umhlangano obe nawo, ngamafuphi INqabayokulinda yathi: “Leli butho elincane leNkosi ebelihlangene eMhlanganweni Wesifunda WaseColumbus lihambe liqinisiwe okholweni . . . , likulungele ukumelana nanoma yikuphi ukuphikiswa okunjengomlilo.” ULeo Claus, owayekhona emhlanganweni, wathi: “Ngemva komhlangano sasimagange ukuyoshumayela ngomyalezo olahla elobukholwa ensimini yethu.”

Ipheshana i-Ecclesiastics Indicted

Ngo-Okthoba, Abafundi BeBhayibheli bahambisa izigidi zamapheshana athi Ecclesiastics Indicted, ayenomyalezo owashiwo uMfoweth’ uRutherford ngelobukholwa. Edolobheni elincane laseCleveland, e-Oklahoma, uFrank Johnson waqeda ukuhambisa la mapheshana kusasele imizuzu engu-20 ngaphambi kokuba kufike abamemezeli ababezomlanda. Kwakungaphephile ukuba alinde endaweni esobala ngoba amadoda akulelo dolobha ayemfuna ecasulwe ukuthi uyashumayela. UMfoweth’ uJohnson wanquma ukucasha esontweni elaliseduze. Wafika kungenamuntu esontweni, ngakho washiya amapheshana eBhayibhelini lomfundisi nakuzo zonke izihlalo zasesontweni. Lokho wakwenza ngokushesha. Wayesenaso isikhathi esisele, ngakho waya kwamanye amasonto amabili wenza okufanayo.

UFrank waphuthuma waya endaweni ababezomlanda kuyo abamemezeli. Wacasha emva kwegalaji likaphethiloli, elokhu eqalaza amadoda ayemfuna. La madoda adlula ngemoto, kodwa awazange ambone. Lapho nje eqeda kudlula la madoda, abamemezeli ababeshumayela eduze kwalapho ayekhona bafika bezolanda uFrank bahamba naye.

Omunye umzalwane owayelapho uyakhumbula, “Njengoba sasihamba kulelo dolobha, sadlula ngakulawo masonto amathathu. Kwakunabantu abangaba ngu-50 ababemi phambi kwesonto ngalinye. Abanye babo babefunda ipheshana, abanye babeliphakamisile belibonisa umfundisi. Kwasala kancane ukuba singene enkingeni! Sabonga uJehova uNkulunkulu wethu ngokusivikela nangokusisiza sazi ukuthi singaphunyuka kanjani ezitheni zoMbuso.”

UKUSHUMAYELA NGESIBINDI NAKWAMANYE AMAZWE

UJózef Krett

Nakwamanye amazwe, Abafundi BeBhayibheli babeshumayela ngesibindi. Enyakatho yeFrance, uJózef Krett washumayeza izisebenzi zasemayini ezazivela ePoland. Wayabelwe ukubeka inkulumo enesihloko esithi “Abafile Bazovuswa Maduzane.” Lapho abafowethu nodadewethu behambisa izimemo kubantu bakulelo dolobha, umfundisi wesonto lendawo watshela abantu besonto lakhe ukuthi bangayi lapho. Kodwa kwenzeka okuphambene nalokho. Kwafika abantu abangaphezu kuka-5 000 bezolalela inkulumo, kuhlanganise naye umfundisi! UMfoweth’ uKrett wacela umfundisi ukuba amelele izinkolelo zakhe, kodwa wenqaba. UMfoweth’ uKrett wanika abantu zonke izincwadi ayenazo, eqaphela ukuthi abantu ayebashumayeza babomele iZwi likaNkulunkulu.—Amose 8:11.

UClaude Brown

E-Afrika, uClaude Brown washumayela izindaba ezinhle eGold Coast, manje eyaziwa ngokuthi iGhana. Izinkulumo zakhe nezincwadi ayezinika abantu zasiza ekusakazeni iqiniso ngokushesha kulelo zwe. UJohn Blankson, owayefundela ukuba usokhemisi, wayekhona kwenye yezinkulumo zikaMfoweth’ uBrown. Ngokushesha wabona ukuthi wayethole iqiniso. UJohn uyakhumbula, “Ngajabula kakhulu ngokuthola iqiniso futhi ngangilixoxela wonke umuntu esikoleni engangifunda kuso.”

UJohn Blankson

Ngolunye usuku, uJohn wavakashela isonto laseSheshi ukuze abuze umpristi ngemfundiso kaZiqu-zintathu, uJohn ayeseqonda kahle ukuthi yayiyimfundiso engasekelwe eBhayibhelini. Umpristi wamxosha, wamemeza wathi: “Awuyena umKristu; ungokaDeveli. Phuma la!”

Lapho efika ekhaya, uJohn wabhalela umpristi incwadi, emmema ukuba azomelela imfundiso kaZiqu-zintathu phambi kwabantu. Umpristi wabizela uJohn ehhovisi likathishanhloko wesikole ayefunda kuso, lapho uthishanhloko abuza khona uJohn ukuthi wayembhalele yini umpristi incwadi.

UJohn waphendula, “Yebo Mnumzane, ngimbhalele.”

Uthishanhloko wayala uJohn ukuba abhalele umpristi incwadi axolise. Ngakho uJohn wabhala, wathi:

“Mnumzane, uthisha wami ungicele ukuba ngikubhalele incwadi ngixolise kuwe futhi ngizimisele ukuyibhala ngixolise, uma nje uzovuma ukuthi ufundisa izimfundiso ezingamanga.”

Eshaqekile, uthisha wabuza, “Blankson, yilokhu ngempela ofuna ukukubhala?”

“Yebo Mnumzane. Yilokhu kuphela engingakubhala.”

“Uzoxoshwa esikoleni. Ungakusho kanjani lokho kumpristi wesonto likahulumeni ulindele ukuqhubeka usesikoleni sikahulumeni?”

“Kodwa Mnumzane, . . . lapho usifundisa bese kuba khona izinto esingaziqondi, asikubuzi yini imibuzo?”

“Impela niyangibuza.”

“Yilokho kanye okwenzekile Mnumzane. Umpristi ubesifundisa iBhayibheli, mina ngase ngimbuza umbuzo. Uma ehluleka ukuphendula umbuzo wami kungani kufanele ngimbhalele incwadi ngixolise?”

UBlankson akazange axoshwe esikoleni futhi ayithunyelwanga incwadi yokuxolisa.

ABAFUNDI BEBHAYIBHELI BABEJABULE NGOKWENZA UMSEBENZI OWENGEZIWE

Ifingqa lokho okwenzeka ngalowo nyaka, INqabayokulinda yathi: “Ngempela singasho njengoDavide: ‘Uyongipha amandla okulwa empini.’ (IHu. 18:39) Lo nyaka ube yisikhuthazo esikhulu ngoba siyibonile indlela uJehova asisize ngayo emsebenzini wakhe . . . Izinceku zakhe ezithembekile . . . bezilokhu zishumayela izindaba ezinhle ngenjabulo.”

Ngasekupheleni kwalowo nyaka, abazalwane benza izinhlelo zokuvula esinye isiteshi sokusakaza izindaba ezinhle. Kwaqalwa umsebenzi wokwakha esinye isiteshi ngaseChicago. Lesi siteshi esisha sasibizwa ngokuthi IZWI, ngoba kwakuzoshunyayelwa iZwi likaNkulunkulu kuso. Kulokhu, kwasetshenziswa umshini onamandla kakhulu owawuzokwenza umyalezo woMbuso ufinyelele ezindaweni ezikude nakakhulu, ngisho nasenyakatho yeCanada.

Ngo-1925, uJehova wasiza Abafundi BeBhayibheli baqonda amaqiniso eBhayibheli athile aletha ukukhanya ngokomoya, ayecacisa isAmbulo isahluko 12. Lokho kuqonda okusha kwabakhuba abanye. Nokho, abaningi bakujabulela ukuziqonda kangcono izenzakalo ezenzeka ezulwini nendlela ezabathinta ngayo abantu bakaNkulunkulu emhlabeni.

a Manje ebizwa ngokuthi INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu.

b U-J. F. Rutherford, owayehola Abafundi BeBhayibheli ngaleso sikhathi, wayaziwa ngokuthi uJudge Rutherford. Ngaphambi kokuba akhonze eBethel, ngezikhathi ezithile wayeba yijaji elikhethekile e-Eighth Judicial Circuit Court, eMissouri.