Amacebiso Okutadisha
Zazi Ngekhanda Izingoma Zethu
“Lapho ngizizwa ngizenyeza, uJehova ungikhuthaza ngezingoma eziku-JW Broadcasting®.”—ULorraine, wase-U.S.A.
Izingoma zokudumisa uNkulunkulu bezilokhu ziyingxenye yokukhulekela kwamaKristu. (Kol. 3:16) Uma uzifundisa ukuzibamba ngekhanda lezi zingoma, zingakusiza ngisho nalapho ungenalo iculo noma umshini wezobuchwepheshe. Zama la macebiso alandelayo ukuze akusize ukwazi ukuzibamba ngekhanda.
Fundisisa amagama ukuze uyiqonde incazelo yengoma. Uma uqonda incazelo yento ethile, kuba lula ukuyikhumbula leyo nto. Amagama azo zonke izingoma zethu, kuhlanganise nezingoma eziqanjiwe nezingoma zezingane, atholakala ku-jw.org/zu. Ngaphansi kwengxenye ethi Umtapo, iya kwethi Umculo.
Wabhale phansi amagama engoma. Ukuwabhala phansi cishe kuyowenza ahlale engqondweni, uwakhumbule.—Dut. 17:18.
Prakthiza kuzwakale. Yifunde noma uyicule kaningi ingoma.
Bheka ukuthi kungakanani okukhumbulayo. Zama ukukhumbula amagama ungazange ubheke lapho ebhalwe khona, bese uyabheka ukuthi kungakanani okukhumbulayo.