INDABA YOKUPHILA
Ngibabonile Abathembekile Kubahambela Kahle
CISHE uyazikhumbula izingxoxo ezibaluleke kakhulu kuwe owaba nazo nabanye abantu. Engiyikhumbulayo mina, yabakhona eminyakeni engu-50 edlule ngesikhathi mina nomngani wami sothe umlilo eKenya. Sase sishiswe ilanga futhi sekuphele izinyanga sihamba ngesikhathi sixoxa ngemuvi eyayikhuluma ngenkolo, lapho umngani wami ethi, “Uyazi, alisho kanjalo iBhayibheli.”
Ngavele ngahleka ngoba ngangingacabangi ukuthi umngani wami uyasonta. Ngambuza: “Wazini wena ngeBhayibheli?” Akasheshanga ukuphendula. Ekugcineni, wangitshela ukuthi umama wakhe ungomunye woFakazi BakaJehova; ezinye izinto wayezifunde kuye. Nginelukuluku lokwazi okwengeziwe, ngathi akangitshele ezinye izinto azifundile.
Saxoxa ubusuku bonke. Umngani wami wangitshela ukuthi iBhayibheli lithi nguSathane obusa izwe. (Joh. 14:30) Kungenzeka ukuthi wena selokhu wazalwa uyakwazi lokhu kodwa mina ngangiyiqabuka leyo nto futhi yayiyisimanga. Engangikuzwile mina ukuthi kunoNkulunkulu onomusa obusa izwe. Kodwa lokho kwakungavumelani nalokho engangikubonile ekuphileni. Nakuba ngangineminyaka engu-26, kuningi engakubona okwakungihlupha.
Ubaba wayeshayela amabhanoyi eButho Lezomoya Lase-United States. Ngakho ngiseyingane ngangazi kahle ukuthi impi yenuzi kwakuyinto engenzeka ngempela; yayingaqala noma inini. Impi yaseVietnam yayilwiwa ngesikhathi ngisekolishi eCalifornia. Ngajoyina imibhikisho yabafundi. Amaphoyisa ayephethe izagila esijaha, sibaleka, sihilwa intuthu futhi sixhoshwa i-tear gas. Kwakuneziyaluyalu futhi abantu bevukela. Kwabulawa abaholi bezepolitiki, kwaba neziteleka nemibhikisho. Abanye babesho lokhu, abanye besho lokhu. Sasididekile.
Ngo-1970, ngathola umsebenzi ogwini olusenyakatho ye-Alaska futhi ngenza imali eningi. Ngabe sengiya eLondon ngebhanoyi, ngathenga isithuthuthu, yimi loya ngehla ngibheke eningizimu ngingazi nokuthi ngiyaphi. Ngemva kwezinyanga ngafika e-Afrika. Endleleni ngangihlangana nabantu nabo ababefisa ukusuka lapho ababekhona—babalekele izinkinga zabo.
Ngenxa yalokho engangikubonile nengangikuzwile, yangicacela imfundiso yeBhayibheli ethi isidalwa somoya esibi sasilawula izinto ezenzeka emhlabeni. Uma kunjalo, uNkulunkulu yena wayenzani? Nakho-ke engangifuna ukukwazi.
Ezinyangeni ezalandela, ngayithola impendulo. Ngokuhamba kwesikhathi, ngiye ngazi futhi ngathanda abesilisa nabesifazane abaningi abaye bathembeka kuNkulunkulu weqiniso bengaphansi kwazo zonke izimo.
INYAKATHO IRELAND—“IZWE LAMABHOMU NEZINHLAMVU”
Lapho ngibuyela eLondon, ngaxhumana nomama kamngani wami, wayesenginika iBhayibheli. Kamuva, lapho ngiya e-Amsterdam, eNetherlands, uFakazi othile wangibona ngilifunda emgwaqweni ebusuku sekukhanya ogesi, wangisiza ngafunda okwengeziwe. Ngabe sengiya eDublin, e-Ireland, ngathola ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova. Ngangqongqoza emnyango. Ngamthola lapho u-Arthur Matthews, umzalwane ohlakaniphile onolwazi oluningi. Ngacela ukuba angifundele, wavuma.
Ngafunda ngokuzimisela, ngayifunda ngiyifundile nemiqingo yezincwadi ezazikhishwa oFakazi. Ngangilifunda nalo iBhayibheli. Kwakungeve kumnandi! Emihlanganweni yebandla ngaphawula ukuthi nezingane zazizazi izimpendulo zemibuzo okwase kungamakhulu eminyaka izifundiswa zizibuza yona, enjengokuthi: ‘Kungani kunobubi obungaka? Ungubani uNkulunkulu? Kwenzekani lapho sishona?’ Abangani bami kwakungoFakazi kuphela. Kwakulula lokho ngoba ngangingazi muntu kulo lonke lelo zwe. Bangisiza ngamthanda uJehova ngafuna nokwenza intando yakhe.
Ngabhapathizwa ngo-1972. Ngemva konyaka ngaqala ukuphayona, ngase ngiya ebandleni elincane eNewry, eNyakatho Ireland. Ngaqasha indlu encane eyakhiwe ngamatshe engasentabeni. Eduze kwalapho kwakunezinkomo, ngangiye ngiprakthize izinkulumo zami phambi kwazo. Kwakubukeka sengathi zingilalele njengoba zetshisa. Zazinganginikezi iseluleko kodwa zazingisiza ngikwazi ukubheka izilaleli. Ngo-1974, ngaba iphayona elikhethekile futhi ngajoyinwa uNigel Pitt, owaba umngani wami omkhulu.
Ngaleso sikhathi kwakunodlame olukhulu eNyakatho Ireland. Abanye babe sebebiza iNyakatho Ireland ngokuthi “izwe lamabhomu nezinhlamvu.” Ukulwa emigwaqweni, ukudubula kwabantu abacashile, ukudubulana nokuqhunyiswa kwezimoto ngamabhomu kwakuyizinto ezivamile. Kwakunezinkinga emkhakheni wezepolitiki nezenkolo. Kodwa amaProtestani namaKatolika aphawula ukuthi oFakazi abathathi hlangothi kwezepolitiki, ngakho sakwazi ukushumayela ngokukhululekile nangokuphephile. Ngokuvamile
abantu esasibashumayeza babazi ukuthi udlame luzoqala nini futhi kuphi bese beyasixwayisa ukuze singayi ngakhona.Noma kunjalo, zaziba khona izimo eziyingozi. Ngelinye ilanga, mina noDenis Carrigan, naye owayeyiphayona, sasishumayela edolobheni elaliseduze elalingenabo oFakazi futhi sasisaye kanye kuphela kulo. Umama othile wasisola ngokuthi singamasosha aseBrithani omshoshaphansi, mhlawumbe ngenxa yokuthi sasingakhulumisi okwabantu base-Ireland. Kwasethusa lokho. Uma uba nomusa emasosheni wawungase ubulawe noma udutshulwe emadolweni. Njengoba simi ngaphandle sigodola, sisodwa silinde ibhasi, sabona imoto ima esitolo okwakukhona kuso owesifazane owayesisole ngokuthi singamasosha. Waphuma wakhuluma namadoda amabili ayesemotweni, ejabule futhi esikhomba. La madoda abe eseza ngakithina, asibuza imibuzo embalwa ngezikhathi zebhasi. Lapho ibhasi lifika, akhuluma nomshayeli. Sasingawezwa ukuthi athini. Babengekho abanye abagibeli, ngakho savele sabona nje ukuthi ayoqeda ngathi le ngaphandle kwedolobha. Kodwa akuzange kube njalo. Lapho ngehla ebhasini, ngabuza umshayeli: “Awusho, lawa madoda abethini ngathi?” Wathi: “Ngiyanazi ukuthi ningobani, ngiwatshelile ngani. Ningakhathazeki. Ngeke anenze lutho.”
Ngo-1976 emhlanganweni wesigodi a eDublin, ngatholana noPauline Lomax, iphayona elikhethekile elalivakashile lisuka eNgilandi. Wayengudade ongokomoya, othobekile nonobuntu obuhle. Yena nomfowabo, uRay, bakhulela eqinisweni. Ngemva konyaka mina noPauline sashada, saqhubeka singamaphayona akhethekile eBallymena, eNyakatho Ireland.
Sajikeleza isikhathi esithile, sikhonza abafowethu eBelfast, eLondonderry nakwezinye izindawo ezaziyingozi. Lwasikhuthaza ukholo lwabafowethu nodadewethu abashiya izinkolelo ezazimbelwe zajula ezinhliziyweni zabo, ubandlululo nenzondo ukuze bakhonze uJehova. Wababusisa ngempela futhi wabavikela!
Kwase kuphele iminyaka eyishumi ngihlala e-Ireland. Kwathi ngo-1981 samenyelwa ekilasini lika-72 eGileyadi. Ngemva kokuthweswa kweziqu sabelwa eSierra Leone, eNtshonalanga Afrika.
ESIERRA LEONE—BABENOKHOLO NAPHEZU KOKUHLUPHEKA
Sasihlala ekhaya lezithunywa zevangeli nabantu abangu-11, okwakumnandi kakhulu ukuhlala nabo. Sonke sasisebenzisa ikhishi elilodwa, izindlu zangasese ezintathu, izindlu zokugezela ezimbili, ucingo olulodwa nomshini wokuwasha owodwa. Wawucisha njalo ugesi futhi ucisha noma nini. Kwakunamagundane ophahleni lwendlu kanti nezimfezi zazizingenela nje egunjini elingaphansi kwendlu.
Nakuba izimo zokuhlala zazingezinhle kangako, kodwa inkonzo yona yayijabulisa ngempela. Abantu babelihlonipha iBhayibheli futhi belalelisisa. Abaningi baqhutshelwa isifundo, balamukela neqiniso. Abantu bendawo babengibiza “ngoMnumzan’ uRobert.” UPauline bembiza “ngoNkosikaz’ uRobert.” Ngokuhamba kwesikhathi, njengoba umsebenzi engangiwenza ehhovisi legatsha wawudla isikhathi sami esiningi, ngangingasabi khona njalo ensimini, ngakho abantu baqala ukubiza uPauline ngokuthi “Nkosikaz’ uPauline.” Mina bangibiza ngokuthi
“Mnumzan’ uPauline.” Wayekuthanda lokho uPauline!Abafowethu abaningi babehlupheka, kodwa uJehova wayehlale ebanika abakudingayo futhi ngezinye izikhathi wayekwenza ngendlela emangalisayo. (Math. 6:33) Ngikhumbula ukuthi udade othile wayenemali eyayanele ukuthenga ukudla kwalolo suku nje kuphela ayezokudla yena nabantwana bakhe, kodwa yonke leyo mali wayinika umzalwane othile owayegula, ukuze akwazi ukuthenga imithi yokwelapha umalaleveva. Kamuva ngalolo suku, kungalindelekile kwafika owesifazane kulo dade wamcela ukuba amenze izinwele, wabe esemkhokhela. Zaziningi izenzakalo ezifana nalezi.
ENIGERIA—SIFUNDA AMASIKO AMASHA
Sahlala iminyaka engu-9 eSierra Leone. Sabe sesiyiswa eBethel YaseNigeria. Manje sase sisehhovisi legatsha elikhulu. Ngangenza umsebenzi wasehhovisi ofana nalowo engangiwenza eSierra Leone, kodwa kuPauline, kwakuwushintsho olukhulu nolunzima. Nyanga zonke wayekade echitha amahora angu-130 enkonzweni, enezifundo zeBhayibheli ezithuthukayo. Manje wayesengumthungi, echitha usuku lonke elungisa izingubo. Kwamthatha isikhathi ukuba ajwayele, kodwa wabona ukuthi abanye babewazisa kakhulu umsebenzi ayewenza futhi wagxila ekusebenziseni amathuba awatholayo ukuze akhuthaze abanye eBethel.
Sasingawazi amasiko aseNigeria, ngakho kuningi okwakufanele sikufunde. Ngelinye ilanga, omunye umzalwane wafika ehhovisi lami ezokwethula udade owayesanda kwamukelwa eBethel. Lapho ngithi ngiyamxhawula, waguqa ngasezinyaweni zami, wangikhothamela. Ngamangala! Kwavele kwafika imiBhalo emibili engqondweni yami: IzEnzo 10:25, 26 nesAmbulo 19:10. Ngazibuza, ‘Ngimtshele yini ukuthi angangikhothameli?’ Kodwa ngakhumbula ukuthi usanda kwamukelwa eBethel; uyazi ukuthi iBhayibheli lifundisani.
Nginamahloni, ngabe sengingundaza nje njengoba kuxoxwa, kamuva ngenza ucwaningo. Ngathola ukuthi lo dade wayenze isiko elalisenziwa kwezinye izingxenye zezwe. Amadoda nawo ayekhothama ngendlela efanayo. Kwakuyindlela yokubonisa inhlonipho. Wayengangikhulekeli; zikhona izibonelo zabantu ababekwenza eBhayibhelini. (1 Sam. 24:8) Ngajabula ngokuthi ngenxa yokungazi, angizange ngisho lutho oluzophoxa udadewethu.
Njengoba iminyaka iqhubeka, sahlangana nabantu abaningi baseNigeria ababenokholo olumangalisayo. Omunye wabo kwakungu-Isaiah Adagbona. b Iqiniso walithola eseyinsizwa, kamuva kwatholakala ukuthi unochoko. Wayiswa ekamu labantu abanochoko, kwakunguye kuphela uFakazi lapho. Naphezu kokuphikiswa, wasiza abantu abanochoko abangaphezu kuka-30 bamukela iqiniso futhi wamisa ibandla kulelo kamu.
EKENYA—ABAFOWETHU BANGIBONISA ISINEKE
Ngo-1996 sayiswa egatsheni laseKenya. Ngase ngibuya okwesibili kuleli zwe njengoba ngangigcine ngesikhathi ngivakashe nomngani wami engikhulume ngaye ekuqaleni. Sasihlala eBethel. Phakathi kwezivakashi esasiba nazo kwakukhona nezinkawu. Zaziphuca odade izithelo. Ngelinye ilanga, udade othile eBethel washiya iwindi lakhe livuliwe. Wathi ebuyela endlini, wathola umndeni wezinkawu uzitika ngokudla kwakhe. Wabaleka, ememeza. Izinkawu nazo zamemeza, zaphuma ngewindi.
Mina noPauline sahlanganyela ebandleni lesiSwahili. Kungakabiphi, ngathola isabelo sokuqhuba iSifundo Sencwadi Sebandla, (manje esesibizwa ngokuthi iSifundo SeBhayibheli Sebandla). Kodwa ulimi ngangingakalwazi kahle. Ngangilungiselela kusenesikhathi ukuze ngikwazi ukufunda imibuzo. Kodwa uma abasebandleni bephendula ngamazwi abo, bengasho lokho okubhalwe phansi, kwakuvele kudume upotiyane. Ngangivele ngibakaze! Ngangibazwela abafowethu nodadewethu. Kwangihlaba umxhwele ukuthi bahambisana nendlela yokwenza izinto ngesineke nangokuthobeka.
E-UNITED STATES—BABENOKHOLO NAKUBA BESEZWENI ELICHUMAYO
Awuphelanga unyaka siseKenya. Kwathi ngo-1997 samenyelwa eBethel YaseBrooklyn, eNew York. Manje sase sisezweni elichumayo elinezinto eziningi, nakho okuza nezinye izinkinga. (IzAga 30:8, 9) Kodwa ngisho nasezweni elinjalo, abafowethu nodadewethu babenokholo oluqinile. Isikhathi nezinto zabo babekusebenzisela ukusekela umsebenzi omuhle owenziwa inhlangano kaJehova, babengakusebenziseli inzuzo yabo.
Njengoba iminyaka ihamba siye sabona abafowethu bebonisa ukholo ngaphansi kwezimo ezihlukahlukene. E-Ireland, babenokholo nakuba kwakunodlame. E-Afrika, babenokholo naphezu kokuhlupheka nokuhlala emaphandleni. E-United States, babenokholo nakuba besezweni elichumayo. Kumele ukuba uJehova ujabula ngempela lapho ebona abantu bakhe bebonisa ukuthi bayamthanda ngaphansi kwezimo ezihlukahlukene!
Isikhathi siye sagijima “ngokushesha kunenaliti yomeluki.” (Jobe 7:6) Manje sesisebenza nabanye endlunkulu yomhlaba wonke eWarwick, eNew York, futhi sijabulela ukuqhubeka sikhonza nabantu abathandana ngempela. Sijabule futhi sanelisekile ngokwenza okusemandleni ukuze sisekele iNkosi yethu, uKristu Jesu, maduze ezobusisa abaningi abathembekile.—Math. 25:34.