ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 33
INGOMA 130 Yiba Othethelelayo
Ibandla Libheka Izoni Ngendlela UJehova Azibheka Ngayo
“Uma umuntu enza isono, sinomsizi.” —1 JOH. 2:1.
AMAPHUZU ABALULEKILE
Sizoxoxa ngezifundo esizitholayo endleleni isono esikhulu esasingathwa ngayo ebandleni laseKorinte ngekhulu lokuqala.
1. Yini uJehova ayifisela wonke umuntu?
LAPHO uJehova edala abantu wabanika inkululeko yokuzikhethela. Sisisebenzisa nsuku zonke leso sipho lapho senza izinqumo. Isinqumo esibaluleke kunazo zonke umuntu angasenza isinqumo sokuzinikezela kuJehova nokuba yilungu lomndeni wezikhonzi zaKhe. UJehova ufisa ukuba wonke umuntu enze kanjalo. Kungani? Kungenxa yokuthi uyabathanda abantu futhi ubafunela okungcono kakhulu. Ufuna babe abangani bakhe futhi baphile phakade.—Dut. 30:19, 20; Gal. 6:7, 8.
2. Yini uJehova ayifisayo ngezoni ezingaphenduki? (1 Johane 2:1)
2 Nokho uJehova akaphoqi muntu ukuba amkhonze. Uvumela umuntu ngamunye ukuba azinqumele ukuthi uzokwenzani. Yini okufanele yenziwe uma umKristu obhapathiziwe ephula umthetho kaNkulunkulu enza isono esikhulu? Uma engaphenduki, kumele asuswe ebandleni. (1 Kor. 5:13) Noma kunjalo, uJehova ufisa ngempela ukuba leso soni sibuyele kuye. Empeleni, isizathu esibalulekile esamenza walungiselela isihlengo ukuba akwazi ukuthethelela izoni eziphendukayo. (Funda eyoku-1 Johane 2:1.) UNkulunkulu wethu onothando unxusa labo abenze izono ezinkulu ukuba baphenduke.—Zak. 1:3; Roma 2:4; Jak. 4:8.
3. Kuzoxoxwa ngani kulesi sihloko?
3 UJehova ufuna sizizwe ngendlela azizwa ngayo ngokwenza isono nangezoni. Kulesi sihloko kuzoxoxwa ngendlela esingakwenza ngayo lokho. Njengoba ufunda lesi sihloko, bona ukuthi (1) isono esikhulu sasingathwa kanjani ebandleni laseKorinte ngekhulu lokuqala, (2) yisiphi isiqondiso umphostoli uPawulu asinikeza lapho isoni sesiphendukile, nokuthi (3) le ndaba eseBhayibhelini isitshelani ngendlela uJehova azizwa ngayo ngamaKristu enza isono esikhulu.
INDLELA ISONO ESIKHULU ESASINGATHWA NGAYO NGEKHULU LOKUQALA
4. Yini eyenzeka ebandleni laseKorinte ngekhulu lokuqala? (1 Korinte 5:1, 2)
4 Funda eyoku-1 Korinte 5:1, 2. Ohambweni lwakhe lwesithathu eyisithunywa sevangeli, uPawulu wezwa indaba eshaqisayo eyayenzeke ebandleni laseKorinte elalisanda kumiswa. Umzalwane othile kulelo bandla wayeya ocansini nenkosikazi kababa wakhe. Ukuziphatha okunjalo kwakushaqisa futhi “kungekho ngisho naphakathi kwezizwe”! Ibandla aligcinanga nje ngokukubekezelela ukuziphatha kwakhe, kodwa kungenzeka nokuthi laliziqhenya ngakho. Kungenzeka abanye ebandleni babecabanga ukuthi ngokubekezelela lo muntu, balingisa uNkulunkulu ngokuba nesihe nangokubaqonda abantu abanesono. Kodwa uJehova akakuvumeli ukwenziwa kwezono phakathi kwabantu bakhe. Ngokwenza leli chilo, le ndoda yonakalisa idumela elihle lebandla. Kungenzeka yayithonya namanye amaKristu ayehlanganyela nayo ebandleni ukuba ayilingise. Ngakho, yini uPawulu ayala ibandla ukuba liyenze?
5. UPawulu walitshela ukuba lenzeni ibandla, futhi wayesho ukuthini? (1 Korinte 5:13) (Bheka nesithombe.)
5 Funda eyoku-1 Korinte 5:13. UJehova waphefumulela uPawulu ukuba abhalele ibandla incwadi, aliyale ukuba lisuse isoni esingaphenduki ebandleni. AmaKristu athembekile kwakufanele amphathe kanjani lowo muntu? UPawulu wawatshela ukuba ‘ayeke ukuzihlanganisa’ naye. Kwakusho ukuthini lokho? UPawulu wachaza nokuthi lo myalo wawusho nokuthi ‘angadli ngisho nokudla nomuntu onjalo.’ (1 Kor. 5:11) Ukuhlala phansi nomuntu nidle, kalula nje kungaholela ezingxoxweni ezengeziwe. Kusobala ukuthi uPawulu wayeqonde ukuthi ibandla kwakungafanele lichithe isikhathi nalowo muntu. Lokhu kwakuyovikela ibandla ukuba lingonakaliswa ukuziphatha kwakhe okubi. (1 Kor. 5:5-7) Ngaphezu kwalokho, lapho ibandla ligwema ukusondelana nalowo muntu, wayengase abone ukuthi wayesenhlanhlathe kakhulu kangakanani ezindleleni zikaJehova futhi wayengase azisole bese ephenduka.
6. Incwadi kaPawulu yaba naliphi igalelo ebandleni nakumuntu owayenze isono?
6 Ngemva kokuthumela incwadi kumaKristu aseKorinte, uPawulu wasala ezibuza ukuthi kazi ibandla lizoyamukela kanjani. Kamuva, uThithu wamlethela izindaba ezamjabulisa. Ibandla laliyamukele kahle incwadi kaPawulu. (2 Kor. 7:6, 7) Lakwenza ayekushilo. Ngaphezu kwalokho, ngemva kwezinyanga ezithile uPawulu ethumele incwadi, leso soni saphenduka, sayiyeka le nto esasiyenza! Sayishintsha indlela esasiziphatha ngayo, sashintsha nesimo sengqondo, saqala ukwenza lokho okwakufunwa uJehova. (2 Kor. 7:8-11) UPawulu wabe eseliyala ukuba lenzeni ibandla?
INDLELA IBANDLA OKWAKUFANELE LIPHATHE NGAYO ISONI ESAPHENDUKA
7. Ukususa isoni ebandleni kwaba namuphi umphumela omuhle? (2 Korinte 2:5-8)
7 Funda eyesi-2 Korinte 2:5-8. UPawulu wathi ‘isiyalo esanikezwa yiningi sasimanele lowo muntu.’ Ngamanye amazwi, isiyalo sasiyifezile injongo yaso kuye. Iyiphi leyo njongo? Ukumsiza abone isidingo sokuphenduka.—Heb. 12:11.
8. UPawulu wabe eseliyala ukuba lenzeni ibandla?
8 UPawulu wabe eseyala ibandla: “Nimthethelele ngomusa nimduduze” umzalwane onhlanhlathayo, “nimqinisekise ukuthi niyamthanda.” Phawula ukuthi uPawulu wayengafuni ibandla ligcine nje ngokumbuyisela phakathi kwabantu bakaJehova lowo muntu. UPawulu wayefuna ibandla limqinisekise umuntu owayephendukile ukuthi limthethelele ngempela futhi liyamthanda, lokho likubonise ngamazwi, indlela elimphatha ngayo nangezenzo. Ngaleyo ndlela kwakuyocaca ukuthi ibandla liyajabula ngokubuya kwakhe.
9. Yini eyayingenza abanye banqikaze ukuthethelela isoni esasiphendukile?
9 Ingabe abanye kulelo bandla babenqikaza ukwamukela isoni esasiphendukile? IBhayibheli alisho, kodwa kungenzeka. Phela izenzo zaso zazidale inkinga ebandleni futhi mhlawumbe zazibazwise ubuhlungu abathile. Kungenzeka abanye bacabanga ukuthi akubona ubulungisa ukuba lo muntu owenze izono ezimbi kangaka amukelwe ngezandla ezifudumele ebandleni, kuyilapho bona besebenze kanzima ukuze bahlale behlanzekile ngokokuziphatha. (Qhathanisa noLuka 15:28-30.) Kungani kwakubalulekile ukuba ibandla limbonise uthando lweqiniso umfowabo owayebuyiselwe?
10-11. Yini eyayingenzeka uma abadala benqaba ukuthethelela isoni esiphendukile?
10 Yini eyayingenzeka ukube abadala benqaba ukuvumela umuntu owayephenduke ngempela ukuba abuyele ebandleni noma ukube ngemva kokubuyela kwakhe ibandla lenqaba ukumbonisa uthando? Wayenganqotshwa “ukudabuka ngokweqile.” Kwakungaba lula ukuba acabange ukuthi isimo sakhe ngeke sisalungiseka. Wayengase ayeke ngisho nokuzama ukulungisa ubuhlobo bakhe noNkulunkulu.
11 Okubi nakakhulu ukuthi uma amanye amaKristu ebandleni ayengafuni ukuthethelela isoni esase siphendukile, ayeyobeka ubuhlobo bawo noJehova engcupheni. Kungani? Kungenxa yokuthi ayeyobe ebonisa isimo sengqondo sikaSathane sokuba nokhahlo nokungabi nasihe, hhayi ukuzimisela kukaJehova ukuthethelela izoni eziphendukayo. Empeleni, ayeyoba amathuluzi kaDeveli angawasebenzisela ukuyekisa le ndoda ukukhonza uJehova.—2 Kor. 2:10, 11; Efe. 4:27.
12. Ibandla lalingamlingisa kanjani uJehova?
12 Ibandla laseKorinte lalingamlingisa kanjani-ke uJehova esikhundleni sokulingisa uSathane? Ngokuphatha izoni eziphendukile ngendlela uJehova aziphatha ngayo. Phawula lokho abanye ababhali beBhayibheli abakusho ngoJehova. UDavide wathi ‘muhle futhi uhlale ekulungele ukuthethelela.’ (IHu. 86:5) UMika wathi: “Ubani onguNkulunkulu onjengawe, othethelela iphutha . . . kanye nesiphambeko?” (Mika 7:18) U-Isaya wathi: “Umuntu omubi makashiye indlela yakhe, nomuntu ongalungile imicabango yakhe; makabuyele kuJehova, oyoba nesihe kuye, kuNkulunkulu wethu ngoba uyomthethelela ngendlela enkulu.”—Isaya 55:7.
13. Kungani kwakuyinto efanele ukubuyisela isoni esiphendukile ebandleni? (Bheka ibhokisi elithi “ Indoda YaseKorinte Yabuyiselwa Nini Ebandleni?”)
13 Ukuze ibandla laseKorinte lilingise uJehova, kwakudingeka lamukele le ndoda eyayiphendukile futhi liyiqinisekise ukuthi liyayithanda. Ngokwamukela isiqondiso sikaPawulu sokwamukela isoni esasiphendukile, ibandla labonisa ukuthi ‘liyalalela ezintweni zonke.’ (2 Kor. 2:9) Yiqiniso ukuthi kwakusadlule izinyanga ezimbalwa nje kuphela lo muntu esusiwe, kodwa isiyalo sasimsizile waphenduka. Ngakho sasingekho isidingo sokuthi angabuyiselwa ngokushesha ebandleni.
INDLELA ESINGABULINGISA NGAYO UBULUNGISA BUKAJEHOVA NESIHE SAKHE
14-15. Sifundeni endleleni udaba lwaseKorinte yasendulo olwasingathwa ngayo? (2 Petru 3:9) (Bheka nesithombe.)
14 Ukulandisa okuphathelene nendlela okwasingathwa ngayo udaba lwaseKorinte yasendulo kwabhalelwa “ukuba kufundiswe thina.” (Roma 15:4) Kulokho kulandisa, sifunda ukuthi uJehova akakubekezeleli ukwenziwa kwezono ezinkulu phakathi kwabantu bakhe. Akahambisani nombono wokuthi izoni ezingaphenduki kufanele zivunyelwe ziqhubeke zizihlanganisa nabantu bakhe abathembekile ngenxa nje yokuthi “unesihe.” UJehova unesihe, kodwa akayekeleli; futhi umbono wakhe mayelana nokuthi yini elungile nengalungile awushintshi. (Jude 4) Empeleni, ukuvumela kukaJehova izoni ezingaphenduki ukuba ziqhubeke zisebandleni bekungeke nhlobo kubonise ukuthi unesihe ngoba bekuyolilimaza ibandla.—IzAga 13:20; 1 Kor. 15:33.
15 Noma kunjalo, sifunda ukuthi uJehova akafuni ukuba kubhubhe ngisho noyedwa. Ufuna ukubasindisa abantu noma nini uma kungenzeka. Ubabonisa isihe abantu abazisolayo, abafuna ukulungisa ubuhlobo babo naye. (Hez. 33:11; funda eyesi-2 Petru 3:9.) Ngakho, lapho indoda yaseKorinte isiphendukile futhi yashiya isono sayo, uJehova wasebenzisa uPawulu ukuba achazele ibandla ukuthi leyo ndoda kufanele ithethelelwe futhi yamukelwe ebandleni.
16. Uzizwa kanjani ngendlela olwasingathwa ngayo udaba lwaseKorinte?
16 Ukuhlola indlela olwasingathwa ngayo udaba lwaseKorinte kusisize sabona ukuthi uJehova unothando, ulungile nokuthi unobulungisa. (IHu. 33:5) Lokho akukwenzi yini ufune ukunika uJehova udumo olwengeziwe? Phela sonke ngothi lwethu siyizoni, siyayidinga intethelelo yakhe. Ngamunye wethu unesizathu sokubonga uJehova ngesihlengo, esenza wakwazi ukusithethelela. Kuyaduduza ukwazi ukuthi uJehova ubathanda ngempela abantu bakhe nokuthi ubafunela okungcono kakhulu!
17. Kuzoxoxwa ngani ezihlokweni ezilandelayo?
17 Amacala okwenziwa kwesono, kufanele asingathwe kanjani namuhla? Abadala bebandla bangasibonisa kanjani isifiso sikaJehova sokusiza isoni ukuba siphenduke? Ibandla kufanele lisabele kanjani lapho abadala benquma ukususa noma ukubuyisela umuntu ebandleni? Le mibuzo kuzoxoxwa ngayo ezihlokweni ezilandelayo.
INGOMA 109 Thanda Kakhulu Ngokusuka Enhliziyweni