Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INGABE KWAKLANYWA?

Ikhono Elimangalisayo Lokuzwa Lebhu Elikhulu

Ikhono Elimangalisayo Lokuzwa Lebhu Elikhulu

IBHU elikhulu elikhulela emakhekhebeni ezinyosi lingakwazi ukuzwa imisindo enswininizayo kangcono kunanoma yisiphi esinye isidalwa esaziwayo emhlabeni. Nokho, indlela izindlebe zalo eziklanywe ngayo ayiyona neze inkimbinkimbi, futhi ngayinye icishe ibe ngangekhanda likakhanjana.

Cabanga ngalokhu: Sekuphele iminyaka, kucwaningwa ngekhono lokuzwa laleli bhu. Muva nje, ososayensi eNyuvesi yaseStrathclyde, eScotland, bahlola ikhono lokuzwa laleli bhu, besebenzisa imisindo ehlukahlukene. Balinganisa izinga lokuvevezela kwalolu lwelwesi, base beqopha nendlela izinzwa zokuzwa ezixhumene nobuchopho ezisebenza ngayo. Lolu lwelwesi lwalusabela ngisho nasemisindweni efinyelela kuma-kilohertz angu-300. Uma kuqhathaniswa, kubikwa ukuthi amalulwane ezwa umsindo ofinyelela kuma-kilohertz angu-212, amahlengethwa ezwa ofinyelela kuma-kilohertz angu-160, kanti abantu abakwazi ukuzwa ongaphezu kwama-kilohertz angu-20.

Abacwaningi bangathanda ukusebenzisa ikhono elimangalisayo lokuzwa laleli bhu njengesisekelo sokwakha imishini yobuchwepheshe yesimanje. Kanjani? Udokotela uJames Windmill waseNyuvesi YaseStrathclyde uthi, “Ukuze sikwazi ukwenza imishini ekhulisa umsindo esebenza kangcono futhi emincane. Le mishini ingafakwa ezintweni eziningi zobuchwepheshe, ezifana nomakhalekhukhwini nezinsiza-kuzwa.”

Ucabangani? Ingabe ikhono elimangalisayo lokuzwa lebhu elikhulu elikhulela emakhekhebeni ezinyosi laba khona ngokuziphendukela kwemvelo, noma ingabe laklanywa?