ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | INDLELA YOKUBHEKANA NOSIZI LAPHO WEHLELWA INHLEKELELE
Ukulahlekelwa Yizinto Onazo
NgoLwesihlanu luka-March 11, 2011, iJapane yahlaselwa ukuzamazama komhlaba okuyisilinganiso esingu-9,0, nokwabulala abantu abangaphezu kuka-15 000, kwabangela nomonakalo ongaphezu kwamaRandi ayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-2000. Njengoba babexwayisiwe nge-tsunami eyayingase ihlasele, uKei oneminyaka engu-32 ubudala, wabalekela endaweni ephakeme. Uthi: “Ngakusasa ekuseni, ngabuyela ekhaya ukuze ngiqoqe lokho engangingakuthola, kodwa yonke into yayikhukhuleke yayongena olwandle, kuhlanganise nesakhiwo engangihlala kuso. Into eyayisele, kwakuyisisekelo saleso sakhiwo kuphela.
“Kwangithatha isikhathi ukuqaphela ukuthi ngangingalahlekelwe nje yizinto zami kuphela kodwa kwakonakale yonke indawo esizungezile. Kwakuhambe yonke into—imoto yami; ama-computer engangisebenza ngawo; amatafula, izihlalo, usofa owawuhlala izivakashi; upiyano oluncane; isiginci, isiginci okuthiwa i-ukulele, umtshingo; izinto engangizisebenzisela ukudweba izithombe, owoyela bakhona nezinto zokwenza imibala, kanye nayo yonke imidwebo yami.”
INDLELA YOKUBHEKANA NENHLEKELELE
Zama ukugxila kulokho osenakho kunokugxila kulokho okukulahlekele. IBhayibheli lithi: “Ngisho nalapho umuntu enensada ukuphila kwakhe akuveli ezintweni anazo.” (Luka 12:15) UKei ukhumbula isimo sakhe, uthi: “Ekuqaleni, ngenza uhlu lwezinto engangizifuna, kodwa lokho kwangenza ngacabanga ngazo zonke izinto ezazikhukhulwe amanzi. Kulolu hlu lwami, nganquma ukubhala kuphela izinto engangizidinga ngempela, futhi ngangiphinde ngiluhlele kabusha njengoba ngithola izinto eziyizidingo. Lolo hlu lwangisiza ngakwazi ukukuhlela kabusha ukuphila kwami.”
Kunokuba uzidabukele ngokweqile, sebenzisa lokho okuye kwakwehlela ekukhuthazeni abanye. UKei uthi: “Luningi usizo engaluthola, kokubili kulolo olwalunikezwa umphakathi nolwaluze kimi siqu, kodwa njengoba ngase ngijwayele ukuphiwa, ngaqala ukulahlekelwa ukuzihlonipha. Khona-ke, ngabe sengikhumbula amazwi eBhayibheli akuzEnzo 20:35 athi, ‘kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.’ Njengoba ngangingenazinto ezitheni engangingazipha abanye, ngazimisela ukukhuthaza ezinye izisulu ezazibhekane nale nhlekelele. Le ndlela yokupha yaba usizo olukhulu kimina.”
Thandazela ukuba uNkulunkulu akuphe ukuhlakanipha ukuze ubhekane nezimo zakho. UKei wathembela esiqinisekisweni esinikezwa iBhayibheli sokuthi uNkulunkulu “uyophendukela emthandazweni walabo abaphundlwe konke.” (IHubo 102:17) Nawe ungenza okufanayo.
Ingabe bewazi? IBhayibheli labikezela ngesikhathi lapho engekho khona okuyodingeka akhathazeke ngokulahlekelwa ngenxa yezikhukhula. *—Isaya 65:21-23.
^ isig. 9 Ukuze ufunde okwengeziwe ngenjongo kaNkulunkulu ngomhlaba, bheka isahluko 3 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.