IsiZulu
Indlela Yokuphumelela Esikoleni—Thola Usizo
https://cms-imgp.jw-cdn.org/img/p/102012364/univ/art/102012364_univ_sqr_xl.jpg

Thola Usizo

Thola Usizo

Ukuba nabantu abazokweluleka akubalulekile nje kuphela lapho usesesikoleni kodwa nalapho usumdala.

OBANI abangakusiza emizamweni yakho yokuphumelela esikoleni?

Abakini.

UBruna, intombazane yaseBrazil eneminyaka engu-18, uthi: “Lapho ngidinga usizo ngomsebenzi wesikole, ubaba wayengichazela lokho okuqukethwe yindaba abese engibuza imibuzo eholela empendulweni. Kodwa wayengiyeka ngizitholele izimpendulo.” *

Icebiso: Qala ngokubuza umzali wakho ukuthi wayesazi kangakanani isifundo wena osithola sinzima. Uma ayesazi kahle, uyena muntu ongakusiza-ke lowo.

Othisha.

Iningi lothisha liyakujabulela ukwazi ukuthi umfundi ufuna ngempela ukuphasa futhi bangakujabulela ukukusiza.

Icebiso: Vele uthi kuthisha, “Siyangehlula lesi sifundo, kodwa ngiyafuna ukusiphumelela. Ucabanga ukuthi yini okumelwe ngiyenze?”

Abeluleki.

Mhlawumbe umngane womndeni enimethembayo angakusiza. Lokho kungazuzisa ngezindlela ezimbili: Eyokuqala, uzothola usizo oludingayo; eyesibili, uzofunda ukuthembela osizweni lwabanye uma kunesidingo—into eyokusiza lapho usumdala. Iqiniso liwukuthi ukuphumelela ezintweni eziningi kudinga umzamo wabantu abaningi, hhayi owakho wedwa.—IzAga 15:22.

Icebiso: Buza abazali bakho ukuthi ubani ongaba umeluleki okahle.

Iphuzu eliyinhloko: Akukubi ukucela usizo!

Kungani ungaqali manje? Bhala phansi abantu ababili noma abathathu abayizibonelo ezinhle kuwe. Ukhona yini kubo ongaba nethuba lokukusiza ngomsebenzi wakho wesikole?

^ isig. 4 Ingane yakini endala ingakwazi nayo ukukusiza.