Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Ngiyisigqila Sezinto Zobuchwepheshe?

Ingabe Ngiyisigqila Sezinto Zobuchwepheshe?

Intsha Iyabuza

Ingabe Ngiyisigqila Sezinto Zobuchwepheshe?

Yini abafana ngayo laba bantu abathathu?

“Ngiyazifela ngokuthumela imiyalezo! Ngicabanga ukuthi kuyinto emnandi ngempela. Ngingathi nje sekuyinto elawula ukuphila kwami.”—U-Alan. *

“Umama wathenga ithelevishini eyayizohlala ekamelweni lami futhi ngangingeve ngijabule! Nokho, kunokuba ngiyolala ebusuku, ngangihlala kuze kucishe kuse ngiyibukela. Ngangikhetha ukubukela i-TV kunokuhlala nomkhaya wakithi nabangane.”—UTeresa.

“Kunesikhathi lapho ngangihlale ngizibuza ukuthi kazi akekho yini ongithumelele umyalezo kuyi-Internet, kungakhathaliseki ukuthi ngiyaphi noma ngenzani. Uma ngiphaphama phakathi nobusuku, ngangivele ngivule ingosi ye-Internet. Noma nini lapho ngithola ithuba, ngangiqiniseka ukuthi ngifaka imininingwane yami yakamuva.”—U-Anna.

Yimuphi kule ntsha entathu engenhla ongathi akushoyo kuveza ukuthi ungumlutha wezinto zobuchwepheshe?

U-AlanUTeresaU-Anna

NGESIKHATHI abazali bakho besebasha, ithelevishini nomsakazo kwakuyizona zinto ezivelele kwezobuchwepheshe. Ngaleso sikhathi izingcingo kwakumane kuyizingcingo nje—kwakuyinto yokuthi ukhulume nomuntu okuloluya hlangothi kuphela futhi cishe zazilengiswa odongeni. Ingabe lokho kuzwakala kuyisidala? Intombazane okuthiwa u-Anna beyingasho njalo. Uthi, “Abazali bami bakhula kusahlwile kwezobuchwepheshe. Yima bezama ukuthola ukuthi zisebenza kanjani ezinye izinto komakhalekhukhwini babo!”

Namuhla ungaphendula ucingo, ulalele umculo, ubukele uhlelo lwethelevishini, udlale imidlalo, uthumele imiyalezo nge-Internet, uthathe isithombe futhi uvakashele izingosi ze-Internet—konke lokhu ngethuluzi elilodwa elingangena ekhukhwini. Ngenxa yokuthi ukhule sekukhona ama-computer, omakhalekhukhwini, ithelevishini ne-Internet, ungase ungayiboni inkinga ngokuzisebenzisa njalo lezi zinto. Nokho, abazali bakho bangaba nomuzwa wokuthi sewuyisigqila sazo. Uma bezwakalisa ukukhathazeka, abakushoyo ungakuthathi njengembudane nje. Inkosi ehlakaniphile uSolomoni yathi, “Lapho umuntu ephendula indaba ngaphambi kokuba ayizwe, lokho kungubuwula kuye nokululazeka”—IzAga 18:13.

Ingabe uyazibuza ukuthi yini engenza abazali bakho bakhathazeke ngalokhu? Ake wenze isivivinyo esilandelayo ukuze ubone ukuthi kungenzeke yini ukuthi unezimpawu zokuba isigqila sezinto zobuchwepheshe.

‘Ingabe Ngiyisigqila?’

Enye i-encyclopedia ichaza ukuba isigqila ngokuthi “ukuziphatha okweqisayo okuwumkhuba oqhubekayo umuntu angasakwazi noma angazimisele ukuwuyeka naphezu kwemiphumela elimazayo.” Uma sicabangela leyo ncazelo, yonke intsha ecashunwe ekuqaleni kwalesi sihloko iyizigqila noma ike yaba yizigqila zezinto zobuchwepheshe. Kuthiwani ngawe? Bheka ukuhlaziywa kwale ncazelo ngezansi. Funda amazwi acashuniwe bese ubona ukuthi uke washo yini noma wenza into efanayo. Yibe usubhala izimpendulo zakho.

Ukuziphatha okungalawuleki. “Ngangichitha amahora amaningi ngidlala imidlalo ye-computer. Ngangingalali ngokwanele ngenxa yale midlalo futhi ngixoxa ngayo njalo. Ngangizehlukanisa nomkhaya wakithi futhi ingqondo yami yayihlale icabanga ngale midlalo.”—U-Andrew.

Wena ubona ukuthi singakanani isikhathi esifanelekayo ongasichitha usebenzisa izinto zobuchwepheshe? ․․․․․

Abazali bakho bacabanga ukuthi kufanele uchithe isikhathi esingakanani? ․․․․․

Singakanani isikhathi osichitha usuku ngalunye uthumela imiyalezo, ubukela i-TV, ufaka izithombe engosini ye-Internet noma ubhala okuthile, udlala imidlalo ye-computer, njalonjalo? ․․․․․

Uma usuzihlolile izimpendulo zakho, ingabe unomuzwa wokuthi izinto zobuchwepheshe uzisebenzisa ngokweqile?

□ Yebo □ Cha

Uyehluleka noma awuzimisele ukuyeka. “Abazali bami bahlale bengibona ngithumela imiyalezo futhi bathi ngiyeqisa. Kodwa uma ngiziqhathanisa nezingane ezingontanga yami, mina ngifana nomuntu ongayithumeli nhlobo imiyalezo. Ngiyavuma ukuthi uma ngiziqhathanisa nabazali bami, ngiyithumela kaningi. Kodwa lokho ukuqhathanisa izinto ezimbili ezingafani nhlobo—baneminyaka engu-40 kanti mina nginengu-15.”—U-Alan.

Ingabe abazali bakho noma abangane, bake bakutshela ukuthi uchitha isikhathi esiningi entweni ethile yobuchwepheshe?

□ Yebo □ Cha

Ingabe awuzimisele noma uyehluleka ukulawula indlela osebenzisa ngayo leyo nto?

□ Yebo □ Cha

Imiphumela Elimazayo. “Abangane bami bahlale bethumela imiyalezo ngaso sonke isikhathi—ngisho noma beshayela. Yeka indlela okuyingozi ngayo lokho!”—UJulie.

Lapho ngiqala ukuba nomakhalekhukhwini ngangihlale ngishayela othile ucingo noma ngithumela umyalezo. Ukuphela kwezinto engangizenza. Kwalimaza ubuhlobo bami nomkhaya wakithi ngisho nanabangane. Manje sengike ngiphawule ukuthi lapho ngizishayelwa umoya nabangane bami sizixoxela, bavame ukuphazamisa bathi: ‘Ngicela ume kancane. Kufanele ngiphendule lo myalezo.’ Kungakho ngingasondelene nabo kangako.”—UShirley.

Ingabe uke uyifunde imiyalezo noma uyithumele lapho ushayela noma usekilasini?

□ Yebo □ Cha

Lapho uxoxa namalungu omkhaya noma abangane, ingabe uvame ukubaphazamisa ukuze uphendule i-e-mail, umakhalekhukhwini noma ubhale umyalezo?

□ Yebo □ Cha

Ingabe indlela osebenzisa ngayo izinto zobuchwepheshe idla isikhathi sokulala osidingayo noma ikuphazamise ekutadisheni?

□ Yebo □ Cha

Indlela Yokulinganisela

Uma usebenzisa izinto ezithile zobuchwepheshe—kungaba yi-computer, umakhalekhukhwini noma okunye—zibuze le mibuzo emine elandelayo. Ukusebenzisa iseluleko seBhayibheli nokulandela iziqondiso ezilula zezinto okufanele uzenze nokungafanele uzenze kuyokusiza ukuba uvikeleke futhi uzigcine endaweni yazo izinto zobuchwepheshe.

1. Ziquketheni? “Gcwalisani izingqondo zenu ngezinto ezinhle nezifanele ukudunyiswa: izinto eziyiqiniso, ezinhle, ezilungile, ezimsulwa, ezithandekayo nezihloniphekile.”—Filipi 4:8, Today’s English Version.

Kufanele uxhumane nabangane nomkhaya wakini uhlanganyele nabo izindaba ezakhayo nemibono.—IzAga 25:25; Efesu 4:29.

Akufanele usakaze inhlebo elimazayo, uthumele futhi wamukele izithombe ezingcolile noma imiyalezo, noma ubukele ama-video nezinhlelo ezinokuziphatha okungcolile.—Kolose 3:5; 1 Petru 4:15.

2. Ngiyisebenzisa nini? “Kukhona isikhathi esimisiwe sayo yonke into.”—UmShumayeli 3:1.

Kufanele unqume isikhathi ozosisebenzisela ukufunda nokuthumela imiyalezo, ukubukela izinhlelo ezithile noma ukudlala imidlalo yama-video. Ukuze ubonise inhlonipho, vala umakhalekhukhwini lapho usemibuthanweni ebalulekile, njengemihlangano yokukhulekela. Ungabuye uyiphendule ngesinye isikhathi imiyalezo.

Akufanele uvumele izinto zobuchwepheshe ukuba zidle isikhathi ohlele ukusichitha nabangane nomkhaya wakini, esokutadisha noma ukwenza ezinye izinto ezingokomoya.—Efesu 5:15-17; Filipi 2:4.

3. Isikhathi sami ngisichitha nobani? “Ningadukiswa. Ukuzihlanganisa nababi konakalisa imikhuba emihle.”—1 Korinte 15:33.

Kufanele usebenzise izinto zobuchwepheshe ukuze uqinise ubuhlobo bakho nabantu abakukhuthaza ukuba uhlakulele imikhuba emihle.—IzAga 22:17.

Akufanele uzikhohlise—iyokuthonya indlela yokuziphatha, yokukhuluma neyokucabanga yalabo okhetha ukuzihlanganisa nabo ngama-e-mail, ngemiyalezo, nge-TV, nge-video noma nge-Internet.—IzAga 13:20.

4. Singakanani isikhathi engisichithayo? ‘Qiniseka ngezinto ezibaluleke kakhulu.’—Filipi 1:10.

Kufanele usibhale phansi isikhathi osichitha usebenzisa izinto zobuchwepheshe.

Akufanele ukushaye indiva lokho okushiwo abangane bakho noma isiqondiso sabazali bakho uma bethi usebenzisa isikhathi esiningi ngokweqile entweni ethile yobuchwepheshe.—IzAga 26:12.

Ekhuluma ngokusebenzisa izinto zobuchwepheshe ngokulinganisela, u-Andrew ocashunwe ekuqaleni uyifingqa kahle le ndaba: “Kuyajabulisa ukusebenzisa izinto zobuchwepheshe, kodwa okwesikhashana. Ngifunde ukuba ngingavumeli izinto zobuchwepheshe zingihlukanise nomkhaya wakithi nabangane bami.”

Izihloko ezengeziwe eziwuchungechunge ezithi “Intsha Iyabuza” zingatholakala engosini ye-Internet ethi www.watchtower.org/ype

[Umbhalo waphansi]

^ Amanye amagama ashintshiwe.

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 25]

LOKHO OKUSHIWO ONTANGA YAKHO

“Abazali bami babevame ukuthi kimi, ‘Akungcono lowo makhalekhukhwini unanyathiselwe ezandleni zakho, ngoba awufuni ukuhlukana nawo!’ Ekuqaleni lokho kwakungihlekisa, kodwa kamuva ngaqaphela ukuthi babengadlali. Manje sengithumela imiyalezo ngokulinganisela, futhi ngizizwa ngijabule kakhulu kunanini ngaphambili!”

“Ngangihlale ngifuna ukubheka imiyalezo kuyi-Internet noma nini lapho ithuba livela. Ngangingasawunaki umsebenzi wami wesikole nezinye izinto okudingeka ngizifunde. Njengoba manje sengehlise izinga, kunjengokungathi ngethulwe umthwalo osindayo. Imfihlo iwukulinganisela.”

[Izithombe]

UJovarny

UMariah

[Ibhokisi ekhasini 26]

“NGANGIYISIGQILA SENGOSI YENGEVU”

“Eminyakeni embalwa edlule, umndeni wakithi wathuthele kwenye indawo. Ngangifuna ukuqhubeka ngixhumana nabangane bami, futhi bangimema ukuba ngingene engosini enikwazi ukubona kuyo izithombe zabangane. Lokho kwakubonakala kuyindlela enhle yokuqhubeka ngixhumene nabo. Ngangizokhuluma nabantu engibaziyo kuphela, hhayi engingabazi, manje yini eyayizoba yinkinga?

“Ekuqaleni, konke kwahamba kahle. Ngangingena kanye ngesonto kule ngosi ngibone izithombe zabangane bami, ngiphawule ngazo bese ngifunda nalokho abakushoyo ngezami. Kodwa ngokushesha ngagcina sengiyisigqila. Kungakabiphi, ngase ngihlala ngikule ngosi. Ngenxa yokuthi ngase ngichitha isikhathi esiningi kuyo, abantu abangabangane babangane bami baqala ukukuphawula lokhu, base bengimema ukuba ngibe umngane wabo. Uyazi ukuthi kuba njani—umngane uyaye athi lo muntu ulungile, bese umamukela. Uyothi uqambe uphaphama, usunabangane abangu-50 kuyi-Internet.

“Ngokushesha ngathola ukuthi ngase ngihlale ngicabanga ngokuba kuyi-Internet. Ngisho noma ngikuyo le ngosi, ngase ngihlale ngicabanga ngokuthi kuzofanele ngibuye ngibuyele kuyo futhi ukuze ngifake izithombe ezintsha. Ngangifunda imiyalezo la, ngifake izithombe ze-video laphaya, ngiyothi ngithi phapha, hhawu sekuphele amahora amaningi.

“Kwangithatha unyaka nengxenye, kodwa ekugcineni ngabona ukuthi ngase ngiluthekile. Kodwa manje, sengisilawula kakhulu isikhathi engisichitha kuyi-Internet futhi ngigxila ekwakheni ubungane nabantu ubuso nobuso, abantu engaziyo ukuthi banezindinganiso zokuziphatha ezifana nezami. Abanye babangane bami abaqondi ukuthi kungani ngenza kanje, kodwa ngifunde isifundo.”—U-Ellen, oneminyaka engu-18.

[Ibhokisi ekhasini 26]

KUNGANI UNGABUZI ABAZALI BAKHO?

Ungase umangale ngezinye izikhathi lapho uxoxa nabazali bakho ngezokuzilibazisa. “Ngesinye isikhathi ubaba wayesola ukuthi kune-CD engiyidlalayo enomculo ongalungile,” kusho intombazane okuthiwa uCheryl. “Ngambuza ukuthi singahlala yini siyilalele sobabili yonke le-CD. Wavuma. Ngemva kwalokho wavuma ukuthi akatholanga lutho olungabazekayo kuyo!”

Ngezansi, bhala imibuzo wena ongathanda ukuyibuza abazali bakho ngokuphathelene nezinto zobuchwepheshe.

[Ibhokisi ekhasini 27]

OKUFANELE KUPHAWULWE ABAZALI

Ingabe ingane yakho ichitha isikhathi esiningi kuyi-Internet, ithumela futhi yamukela imiyalezo eminingi noma izwana kakhulu nomshini wokudlala ama-MP3 kunokuxoxa nawe? Uma kunjalo, yini ongayenza?

Ungase uvele uyephuce lowo mshini. Kodwa akufanele ubheke yonke into yobuchwepheshe njengengalungile. Empeleni, kungenzeka kunezinto zobuchwepheshe ozisebenzisayo ezazingekho ngesikhathi sabazali bakho. Ngakho-ke, esikhundleni sokuvele wephuce ingane yakho into yayo yobuchwepheshe—ngaphandle kwalapho kunesizathu esikuphoqayo ukuba wenze kanjalo—kungani ungasebenzisi leli thuba ukuze uqeqeshe indodana noma indodakazi yakho ukuba isebenzise lezi zinto ngokuhlakanipha nangokulinganisela? Ungakwenza kanjani lokho?

Hlalani phansi nixoxe ngale ndaba. Okokuqala, itshele izinto ezikukhathazayo ngalokhu. Okwesibili, lalela lokho ekushoyo. (IzAga 18:13) Okwesithathu, xoxani ngokuthi ningayixazulula kanjani le nkinga. Ungesabi ukubeka imingcele eqinile kodwa enokucabangela. (Filipi 4:5) U-Ellen okuye kwakhulunywa ngaye uthi, “Ngesikhathi ngisenenkinga kakhulu yokubhala imiyalezo, abazali bami abazange bangiphuce umakhalekhukhwini wami; kodwa bangibekela iziqondiso. Indlela abakusingatha ngayo lokhu yangisiza ngakwazi ukulinganisela izinga engangibhala ngalo imiyalezo, ngisho nalapho abazali bami bengekho.”

Kuthiwani uma indodana yakho noma indodakazi izivikela? Ungaphethi ngokuthi iseluleko sakho simuke nomoya. Kunalokho, yiba nesineke futhi unike ingane yakho ithuba lokucabangisisa ngale ndaba. Kungenzeka ukuthi kakade iyavumelana nawe futhi izozenza izinguquko ezidingekayo. Intsha eningi iyefana nosemusha okuthiwa uHailey, othi: “Ngaqale ngacasuka lapho abazali bami bengitshela ukuthi ngiyisigqila se-computer. Kodwa kamuva, lapho ngicabangisisa ngakho, ngaqaphela ukuthi babeqinisile.”

[Isithombe ekhasini 27]

Ingabe uyakwazi ukulawula izinto zobuchwepheshe noma yizona ezilawula wena?