Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Singabandawonye

Singabandawonye

Dawuniloda:

  1. 1. Sifika kwelinye izwe

    Sesihamb’ ibang’elide.

    Kusukela sisuka ekhaya

    UJehova unathi.

    Umsebenzi wethu awulula

    Siwenzel’ uJehova

    Nomndeni wethu esiw’thanda kakhulu,

    Sithi kini nonke:

    (CHORUS)

    “SingabakaJehova;

    Simunye, s’ngabandawonye.

    Nakuba ukude nathi,

    Syak’thanda.

    S’ngabandawonye.”

  2. 2. Sifika nisilindele,

    Nisamukele ngothando.

    Kuqal’ ingoma, kuqal’ is’miso,

    Uthando luchichime.

    Siyazi ukuthi nguJehova

    Owenze sa’nobunye.

    Siyomkhonza ndawonye, simthande phakade

    Sikuphi nakuphi.

    (CHORUS)

    “SingabakaJehova;

    Simunye, s’ngabandawonye.

    Nakuba ukude nathi,

    Syak’thanda.

    S’ngabandawonye.”

  3. 3. Siya emazwen’ akude

    Sineqiniso loMbuso.

    Ngisho nalab’ esibatholayo

    Banomusa, bamnene.

    Uthando lwabafowethu lwenza

    Sizizwe sisekhaya.

    Nikuphi nakuphi, niqhele kakhulu

    Ningabafowethu!

    (BRIDGE)

    S’yajabula

    Sinomndeni kuyo yonk’ indawo​—⁠

    EMali eMalawi,

    EJapan eJamaica.

    (CHORUS)

    “SingabakaJehova;

    Simunye, s’ngabandawonye.

    Nakuba ukude nathi,

    Syak’thanda.

    S’ngabandawonye.

    Iy’nhlanga ngezinhlanga—

    Simunye, s’ngabandawonye.

    Lolu thando lusobala

    Yingoba s’ngabakaJehova!

    Fiji, Tahiti neNew Caledonia​—⁠

    Navajo, Blackfoot, neCherokee​—⁠

    Azerbaijan, Kazakhstan, ne-Estonia—

    S’yan’thanda, S’ngabandawonye.”