Ingoma 141
Ukucinga Abangane Bokuthula
-
UJesu wathi: ‘Shumayelani.’
Wabashumayeza bonke,
Kushisa bhe obhuqwini.
Wazithanda izimvu zikaJah.
Wazicinga
ekuseni laze lashona.
Ezindlini emgwaqweni
Sikhuluma nabo bonke
Sithi ukuhlupheka
kuzophela.
(CHORUS)
S’cing’ abangan’
Bok’thula ezizweni zonke,
S’cing’ umuntu
Othambekele ek’sindeni,
Asifuni
K’sale muntu.
-
Kuyaphuthuma, ngakho as’yeki.
Sidela konk’ esinakho,
‘Ze kusinde oyedwa nje.
Siqhutshwa uthando sibuyele.
Le zindaba zoMbuso
zithob’ amanxeba.
S’bacing’ emadolobheni,
‘Ma sithol’ olalelayo,
Siyajabula sithole ugqozi.
(CHORUS)
S’cing’ abangan’
Bok’thula ezizweni zonke,
S’cing’ umuntu
Othambekele ek’sindeni,
Asifuni
K’sale muntu.