INGOMA 45
Ukuzindla Kwenhliziyo Yami
-
1. Uk’zindla kwenhliziyo yam’,
Lokho engik’cabangayo—
Makuk’jabulise Nkosi,
Ungigcine ngigxilile.
Lapho nginezinkathazo
Ngize ngiqwash’ ebusuku,
Mangizindle ngawe Nkosi
Nangakho konke okuhle.
-
2. Izint’ eziyiqiniso,
Ezinhle naz’ ezimsulwa,
Ezikhulunyelwa kahle—
Mazinginike uk’thula.
Im’cabango yakho mihle!
Akekho ongayibala.
Ngakho mangizindle ngayo,
Ngiy’funde ngok’julileyo.
(Bheka neHu. 49:3; 63:6; 139:17, 23; Fil. 4:7, 8; 1 Thim. 4:15.)