INGOMA 36
Siqapha Izinhliziyo Zethu
-
1. Siqapha izinhliziyo;
Siyeke isono.
UJah ufund’ inhliziyo
Abon’ esiyikho.
Inhliziy’ ingaphelelwa
Ithemba iduke.
Ngengqondo siyayiqapha,
Singasuki kuJah.
-
2. Silungis’ izinhliziyo
Ngomthandaz’ omuhle.
Nsuku zonke s’yamdumisa;
Sibonga okuhle.
Lokh’ uJah ak’fundisayo
Siyakulalela.
Sibe qotho ngenhliziyo,
Ajabule njalo.
-
3. Sivikel’ izinhliziyo;
Sicabang’ okuhle.
Sizondle ngeZwi likaJah,
Ukuze ziqine.
UJah uthand’ abaqotho;
Lokhu yiqiniso.
S’yomkhonza ngezinhliziyo
Njalo nje ngomngane.
(Bheka neHu. 34:1; Fil. 4:8; 1 Pet. 3:4.)