INGOMA 107
Isibonelo Saphezulu Sothando
-
1. Jehova Nkosi usifundisile
Indlela yothando.
Luyas’qondisa, izindlela zakhe
Zis’khombisa lolu thando.
Wasithumela, iNdodana yakhe
’Kuze sihlengwe s’thethelelw’ izono.
Yeka indlela as’khombisa yona
Lolu thando. ’Ndlela yothando.
-
2. Ngok’hamba noJah, s’yohlale s’thandana,
Siqine, sishise.
Siyobathanda bonk’ abafowethu,
Singakhethi, yebo bonke,
Sithande uJah nabafowethu bo,
Olweqiniso siludinga lonke,
Lapho soniwa sisheshe sixole.
Yek’ uthando ngabafowethu!
-
3. O! Lolu thando luyas’hlanganisa
Masibe umndeni.
UBaba wethu usimema sonke:
“Nambithani lobu bunye.”
Masihlangane sibonis’ uthando;
Umoya kaJah uyasiqondisa,
Abafowethu bayasikhumbuza
Ngal’ uthando. ’Jah uluthando.
(Bheka neyabaseRoma 12:10; Efe. 4:3; 2 Pet. 1:7.)