INGXENYE 24
UPawulu Ubhalela Amabandla
Izincwadi zikaPawulu ziqinisa ibandla lobuKristu
IBANDLA lobuKristu elalisanda kumiswa lalizofeza indima ebalulekile ekugcwalisekeni kwenjongo kaJehova. Kodwa amaKristu angekhulu lokuqala asheshe ahlaselwa. Ingabe ayezobugcina ubuqotho bawo kuNkulunkulu lapho ebhekene nokushushiswa okuvela ngaphandle kwebandla kanye nezingozi ezicashile ezazivela ngaphakathi ebandleni? ImiBhalo YamaKristu YesiGreki inezincwadi ezingu-21 ezanikeza iseluleko nesikhuthazo esasidingeka.
Izincwadi ezingu-14
Isiyalo ngokuziphatha. Abantu abafebayo, abaphingayo nabenza ezinye izono ezinkulu “ngeke balizuze ifa lombuso kaNkulunkulu.” (Galathiya 5:19-21; 1 Korinte 6:9-11) Abakhulekeli bakaNkulunkulu kumelwe babe nobunye kungakhathaliseki ukuthi basizwe sini. (Roma 2:11; Efesu 4:1-6) Kufanele bazinikele ngenjabulo ukuze basize amakholwa adinga usizo. (2 Korinte 9:7) “Thandazani ningaphezi,” kusho uPawulu. Ngempela, abakhulekeli bakhuthazwa ukuba bathululele izifuba zabo kuJehova ngomthandazo. (1 Thesalonika 5:17; 2 Thesalonika 3:1; Filipi 4:6, 7) Ukuze uNkulunkulu ayizwe imithandazo, kumelwe sithandaze ngokholo.
Yini eyosiza imikhaya ukuba ijabule? Amadoda kufanele athande omkawo njengoba ethanda imizimba yawo. Abafazi kumelwe babe nenhlonipho ejulile ngabayeni babo. Izingane kumelwe zilalele abazali bazo, ngoba lokhu kuyamjabulisa uNkulunkulu. Abazali kudingeka baqondise futhi baqeqeshe abantwana babo ngothando, besebenzisa izimiso zikaNkulunkulu.
Injongo kaNkulunkulu yacaciswa. Izici eziningi zoMthetho KaMose zalonda futhi zaqondisa ama-Israyeli kwaze kwaba yilapho kufika uKristu. (Galathiya 3:24) Nokho, amaKristu akudingeki agcine lowo Mthetho ukuze akhulekele uNkulunkulu. Lapho ebhalela amaHebheru
Isiqondiso sokwenza izinto ngendlela ehlelekile ebandleni. Amadoda afisa ukuba nemithwalo yemfanelo ebandleni kumelwe aziphathe ngendlela esezingeni eliphakeme futhi abe nezimfanelo ezingokomoya ezidingekayo. (1 Thimothewu 3:1-10, 12, 13; Thithu 1:5-9) Abakhulekeli bakaJehova uNkulunkulu kufanele bahlangane njalo namakholwa abakanye nawo ukuze bakhuthazane. (Hebheru 10:24, 25) Imihlangano yokukhulekela kufanele ibe eyakhayo nefundisayo.
Ngesikhathi uPawulu ebhala incwadi yakhe yesibili kwezimbili azibhalela uThimothewu, wayesebuyele eRoma; wayeboshiwe, elinde isahlulelo. Abambalwa futhi abanesibindi kuphela abafaka ukuphila kwabo engozini baya komvakashela. UPawulu wayazi ukuthi isikhathi sakhe sifushane. Wathi: “Ngikulwile ukulwa okuhle, ngiligijimile ibanga ngaze ngayoqeda, ngilugcinile ukholo.” (2 Thimothewu 4:7) Cishe uPawulu wafela ukholo ngokushesha nje emva kwalokho. Kodwa izincwadi zalo mphostoli zisabaqondisa abakhulekeli bakaNkulunkulu nanamuhla.