IBHOKISI LOKUFUNDISA 13A
Amathempeli Angafani, Izifundo Ezingafani
Ithempeli Elabonwa UHezekeli Embonweni:
-
Lichazwa uHezekeli elichazela amaJuda adingiselwe eBhabhiloni
-
Line-altare okunikelwa kulo imihlatshelo eminingi
-
Liqokomisa imithetho kaJehova elungile yokumkhonza
-
Lisenza sicabange ngokubuyiselwa kwendlela emsulwa yokukhonza uNkulunkulu okwaqala ngo-1919
Ithempeli Elikhulu Elingokomfanekiso:
-
Lichazwa uPawulu lapho ekhuluma namaKristu angamaHebheru
-
Line-altare okunikelwa kulo umhlatshelo owodwa, “kube kanye kuphela” (Heb. 10:10)
-
Lichaza izinto zasezulwini ezazifanekiselwa itabernakele nethempeli elaliseJerusalema—ilungiselelo likaJehova lokumkhonza ngendlela emsulwa elisekelwe emhlatshelweni wesihlengo kaKristu
-
Lisenza sicabange ngomsebenzi owenziwa nguMpristi Ophakeme Kunabo Bonke, uKristu, kusukela ngo-29 kuya ku-33 C.E.