Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IMIBIKO EVELELE YONYAKA ODLULE

“Bekumnandi Ukuhlala Nani”

“Bekumnandi Ukuhlala Nani”

Ngo-May 7 no-8, 2016, kwakunabantu ababelinde ngokulangazela endaweni yokulinda endlunkulu yomhlaba wonke e-25 Columbia Heights, eBrooklyn, eNew York. Abantu abahlala eduze neBethel babemenyiwe ukuba bazobuka umbukiso womlando weBhayibheli nakuba indawo yokulinda nombukiso kwakungavamile ukuvulwa ngezimpela-sonto.

Umkhankaso wokumema wanikeza ubufakazi obuhle emphakathini futhi wabaqabula labo ababekuwo. Kwakukhuthaza kakhulu ukuzwa abantu abase bengomakhelwane bethu isikhathi eside besho izinto ezinhle ngathi.

Enye indoda yathi: “Ngihlale emizini ehlukahlukene [eseduze neBethel] kusukela ngawo-1960 futhi bekumnandi ukuhlala nani. Sizonikhumbula kakhulu, sifisa ngabe anithuthi.”

Omunye wesifazane wathi: “Le ndawo ibingeke ithuthuke kangaka ukube beningekho. Sijabule kakhulu ngokuba omakhelwane benu yonke le minyaka.”

Iningi lamaphayona akule nsimu lajabula kakhulu ngendlela abantu abangomakhelwane abanobungane nabalalela ngayo. Indoda esebenzela inhlangano yendawo yayibonga kakhulu inhlangano yethu futhi yathi kuyiphatha kabi ukuthi izobe ingekho kulo mbukiso.

Umphumela walo mbukiso wawukhuthaza kakhulu. Phakathi nalezo zinsuku ezimbili, abantu abangu-48 abangebona oFakazi bafika embukisweni. Kulo mbukiso, kwakunezikhonzi eziningana zaseBethel ezazikulungele ukwamukela nokuxoxa nomakhelwane ababevakashile.

USally, owesifazane osemusha osevile eminyakeni engu-20, wachitha isikhathi esingangehora nesigamu ekulo mbukiso. Lapho efika endaweni yokulinda, wahlangana namaphayona ayemnike isimemo. USally wathi wayengakaze aqaphele ukuthi kwakunombukiso wamaBhayibheli. Amaphayona amtshela ukuthi ayejabule ngokuhlangana nosemusha ofundile nolazisayo iBhayibheli. USally waphendula: “Alive libalulekile. IBhayibheli liwukuphela kwendlela esingazi ngayo umyalezo kaNkulunkulu. Liyincwadi esisizayo ekuphileni.”

USally wathi indlela ayezizwa ngayo ngeBhayibheli yamenza wafuna ukutadisha isiLatini nesiGreki futhi wayekuthanda ukuhumusha. Wayecabanga ukuthi ukuhumusha ngokunembile kubalulekile ukuze abantu bangafaki imibono yabo lapho behumusha. Wamangala uSally lapho amaphayona emtshela ukuthi ingosi yethu i-jw.org inezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ezihunyushelwe ezilimini ezingaphezu kuka-800. Lapho odade bemchazela ngokwakwenziwe abahumushi ngegama elithi Jehova, washaqeka wabe esebuza, “Kungani igama likaJehova likhishiwe eBhayibhelini?” Esehamba, uSally wathi, “Angikaze ngihlale kwenye indawo bekumnandi ukuhlala nani.”

NgoMsombuluko ngemva kombukiso umfundisi weza kuJohn, oyilungu laseBethel, owayefakaza ngenqola eduze nakhona. Watshela uJohn ukuthi wayewujabulele kakhulu umbukiso nokuthi into ayithandayo ukuthi sinamathela eBhayibhelini. Nokho, ngemva kokuncoma wabe esethi, “Nginicasukele!” UJohn wadideka, wabuza ukuthi kungani. “Ngoba niyathutha! HLALANI! Thengani izakhiwo ezinkulu, nakhe noma yini eniyifunayo kodwa ningahambi. Nenza le ndawo ibe ngcono. Kungicasula kabi ukuthi niyathutha!”

Ngaphezu kwakho konke, umkhankaso wokumema nombukiso weBhayibheli kwanikeza umphakathi ubufakazi obuhle futhi igama likaNkulunkulu lenziwa laziwa nakakhulu komakhelwane bethu.