Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

OBaba

OBaba

Iyini indima kababa emndenini?

Dut 6:6, 7; Efe 6:4; 1Ti 5:8; Heb 12:9, 10

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Gen 22:2; 24:1-4—U-Abrahama uyithanda kakhulu indodana yakhe u-Isaka futhi wenza konke ukuze aqiniseke ukuthi le ndodana yakhe ayithandayo ishada nomkhulekeli kaJehova

    • Mat 13:55; Mar 6:3—UJesu ubizwa ngokuthi “indodana yombazi” nangokuthi “umbazi”; singaphetha ngokuthi nguJosefa owafundisa indodana yakhe leli khono lokuziphilisa

Kungani indima kababa ayinikwe uNkulunkulu kufanele umndeni uyazise futhi uyihloniphe?

Eks 20:12

Bheka nalo mBhalo Mat 6:9

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Hos 11:1, 4—UJehova ubonisa ukuthi uyabahlonipha obaba ngesibonelo asibekayo njengoBaba. Ufundisa abantu bakhe futhi abanakekele ngothando njengoba nje ubaba ongumuntu enza ezinganeni zakhe

    • Luk 15:11-32—UJesu ubonisa ukuthi uyabahlonipha obaba ngokubaxoxela umfanekiso ofundisa ngendlela uBaba wethu osezulwini, uJehova, asebenzelana ngayo nalabo abonile base baphenduka