Yini Engalungile Kangaka Ngenhlebo?
Isahluko 12
Yini Engalungile Kangaka Ngenhlebo?
“Ngake ngaya emcimbini othile, kwathi ngakusasa kwezwakala amahemuhemu okuthi ngilale nomfana othile lapho. Kwakungamanga aluhlaza cwe!”—ULinda.
“Ngezinye izikhathi ngiye ngizwe kuthiwa ngithandana nothile—umuntu engingamazi kwakumazi! Abantu abaningi abahlebayo abazihluphi ngokuhlola amaqiniso.”—UMike.
INHLEBO ingagcwalisa ukuphila kwakho ngezinkinga eziningi njengokwabantu abadlala amabhayisikobho. Yizwa u-Amber oneminyaka engu-19. Uthi: “Ngangihlale ngihletshwa. Kwathiwa ngikhulelwe, kwathiwa ngikhiphe isisu, kwathiwa ngidayisa imilaliso, kwathiwa ngiyayithenga ngiyibheme. Kungani abantu besho lezi zinto ngami? Angazi nami!”
Besebenzisa i-E-mail futhi bethumelelana imiyalezo ngokushesha, umfana nentombazane abanezinhloso ezimbi bangalona idumela lakho bengazange basho lutho. Okudingekayo nje ukuchofoza izinkinobho ezimbalwa ukuze umuntu athumele amahlebezi amabi kubantu abaningi abawabheke ngabomvu! Kwezinye izimo kuye kwavulwa ingosi ye-Internet enjongo yayo ukujivaza othile. Ngokuvamile, izingosi ze-Internet zinenhlebo engeke yashiwo ngomlomo.
Kodwa ingabe ukukhuluma ngabanye kubi ngaso sonke isikhathi? Ikhona yini into ebizwa ngokuthi . . .
Inhlebo Enhle?
Phawula ukuthi lezi zinkulumo ezilandelayo ziyiqiniso noma zingamanga.
Inhlebo yimbi ngaso sonke isikhathi. □ Iqiniso □ Amanga
Ithini impendulo enembile? Kuya ngokuthi ulichaza kanjani igama elithi “inhlebo.” Uma limane nje lisho ingxoxo evamile, zingase zibe khona izikhathi efaneleka ngazo. Phela neBhayibheli lisitshela ukuba ‘sibe nesithakazelo ekuphileni kwabanye.’ (Filipi 2:4, New Century Version) Akusho ukuthi kufanele sizigaxe ezindabeni ezingasithinti. (1 Petru 4:15) Kodwa ingxoxo evamile nje iye isitshele izinto eziwusizo, njengokuthi ubani ozoshada noma othole umntwana. Iqiniso liwukuthi —ngeke sithi siyabakhathalela abanye uma singakhulumi ngabo!
Noma kunjalo, ingxoxo evamile nje ingashintsha kalula ibe inhlebo elimazayo. Ngokwesibonelo, inkulumo enhle ethi, “uSipho noMbali bangafanelana” ingase ishintshwe ithi, “uSipho noMbali bayathandana”—ngisho noma uSipho noMbali bengazi lutho ngalokho. Ungase uthi, ‘Awu, suka, akuyona into enkulu leyo,’—kunjalo uma ungeyena uSipho noma uMbali!
UJulie, oneminyaka engu-18, wahletshwa kanjalo naye, futhi kwamlimaza. Uthi: “Ngathukuthela, kwangenza ngangabaza ukwethemba abantu.” UJane, oneminyaka engu-19, naye wehlelwa okufanayo. Uthi: “Ngagcina sengimgwema lo mfana okwakuthiwa ngithandana naye. Kwakungemnandi ngoba sasingabangane futhi ngaba nomuzwa wokuthi kufanele sikwazi ukuzixoxela nje ngaphandle kokuba kuqalwe amahlebezi!”
Zilawule Kahle Izingxoxo Zakho
Ungalulawula kanjani ulimi lwakho lapho ulingeka ukuba uhlebe? Ukuze uphendule lo mbuzo, cabanga ngekhono elidingekayo ukuze ushayele emgwaqweni omkhulu ogcwele izimoto. Noma nini kungase kuphakame isimo esidinga ukuba ushintshele kolunye uhlangothi lomgwaqo, unciphise ijubane, noma ume nsé. Uma uqaphile, uyakubona okungaphambili bese wenza okudingeka ukwenze.
Kungokufanayo nangengxoxo. Ngokujwayelekile uyakwazi ukubona uma isijikela ekubeni inhlebo elimazayo.
Uma kwenzeka lokho, ungakwazi yini ‘ukushintshela kolunye uhlangothi’ ngobuhlakani? Uma ungakwenzi lokho, nasi isixwayiso—inhlebo ingadala umonakalo. “Ngasho into embi ngenye intombazane—ngathi ayive ibathanda abafana—yafika ezindlebeni zayo,” kulandisa uMike. “Angisoze ngalikhohlwa izwi layo lapho isingibuza ngakho, indlela eyayiphatheke kabi ngayo ngenxa yamazwi ami angacabangeli. Sayilungisa indaba, kodwa akungithokozisanga neze ukwazi ukuthi ngangiyizwise ubuhlungu ngaleya ndlela!”Akungatshazwa ukuthi amazwi angalimaza. Ngisho neBhayibheli liyavuma ukuthi “kukhona ophahluka njengokuhlaba kwenkemba.” (IzAga 12:18) Lesi yisizathu esinamandla nakakhulu sokucabangisisa ngaphambi kokuba ukhulume! Yiqiniso, kungase kudingeke ukuzibamba ukuze ukwazi ukuthula lapho kukhulunywa izindaba zomunye umuntu. Yize kunjalo, kunjengoba uCarolyn oneminyaka engu-17 esho: “Kudingeka ugade okushoyo. Uma ungakuzwanga ngomuntu othembekile, kungenzeka ukuthi usakaza amanga.” Ngakho, lapho uzwa into okungenzeka iyinhlebo elimazayo, sebenzisa iseluleko somphostoli uPawulu sokuba ‘ukwenze umgomo wakho ukuphila ngokuthula futhi unake izindaba zakho siqu.’—1 Thesalonika 4:11.
Ungasibonisa kanjani isithakazelo kwabanye futhi ube unaka izindaba zakho siqu? Ngaphambi kokuba ukhulume ngomunye umuntu, zibuze: ‘Ngiwazi ngempela yini amaqiniso ale ndaba? Ngihloseni ngokuyidlulisa? Ukuyisakaza kuzolithinta kanjani idumela lami?’ Ubalulekile lo mbuzo wokugcina ngoba ukwaziwa ngokuthi uyinhlebi kuveza okukhulu ngobuntu bakho kunobomuntu ohleba ngaye.
Lapho Kuhletshwa Wena
Yini ongayenza lapho kuhletshwa wena? “Ungasheshi ukucasuka emoyeni wakho,” kuxwayisa umShumayeli 7:9. Kunalokho, zama ukuyihlola indaba. IBhayibheli lithi: “Unganikeli inhliziyo yakho kuwo wonke amazwi abantu abangase bawakhulume, . . . Ngoba inhliziyo yakho yazi kahle ukuthi ezikhathini eziningi nawe, yebo nawe, uye wabaqalekisa abanye.”—UmShumayeli 7:21, 22.
Yiqiniso, asikho isizathu esenza ifaneleke inhlebo elimazayo. Noma kunjalo, ukusabela ngamawala yikona okungona idumela lakho kunalokho okushiwo ngawe! Kungani-ke ungabheki isimo ngombono owasiza uRenee? Uthi: “Ngiye ngiphatheke kabi lapho umuntu ekhuluma kabi ngami, kodwa ngizama ukukubheka ngombono obanzi. Ngesonto elilandelayo cishe bayobe sebekhuluma ngomunye noma ngokunye.”Ngakho, yiba nekhono lokujika ingxoxo ingabi inhlebo elimazayo. Lapho futhi kukhulunywe kabi ngawe, bonisa ukuvuthwa ngokungasabeli ngamawala. Vumela imisebenzi yakho emihle ikukhulumele. (1 Petru 2:12) Uma wenza kanjalo, uyoba nesandla ekulondolozeni ubuhlobo obuhle nabanye futhi uyohlale unokuma okuhle noNkulunkulu.
[Umbhalo waphansi]
^ par. 21 Kwezinye izimo, kungase kube ukuhlakanipha ukuthola indlela engacunuli yokukhuluma nomuntu ohlebe ngawe. Kodwa ezimweni eziningi, akudingeki kwakudingeka lokho ngoba “uthando lumboza izono eziningi.”—1 Petru 4:8.
UMBHALO OYINHLOKO
“Oqapha umlomo wakhe ugcina umphefumulo wakhe. Ozivula kakhulu izindebe zakhe—uyoba nencithakalo.”—IzAga 13:3.
ICEBISO
Uma uzwa inhlebo, ungase uphendule ngokuthi: “Angizizwa ngikhululekile ukukhuluma ngalokhu. Ngale nje kwalokho, akekho ukuba aziphendulele.”
UBUWAZI . . . ?
Ukuyilalela nje inhlebo kungakwenza ube necala elithile nawe. Ngokunikeza inhlebi imvume yokuba iqhubeke ihleba, wenza ukuba lokho ekushoyo kusakazeke ngesivinini!
ENGIZOKWENZA!
Esikhathini esizayo uma ngilingekela ukusakaza inzwabethi, ngizo- ․․․․․
Uma kuye kwakhulunywa izinto ezimbi ngami, ngiyobhekana nesimo ngokuba ․․․․․
Engingathanda ukukubuza umzali (abazali) wami ngale ndaba ․․․․․
UCABANGANI?
● Kunini lapho kungafaneleka khona ukukhuluma ngezindaba ezithinta abanye?
● Wake wahletshwa? Uma kunjalo, yini owayifunda kulokho?
● Ukusakaza inhlebo ngabanye kungalona kanjani idumela lakho?
[Amazwi ahambisana nesithombe esisekhasini 107]
“Ngafunda isifundo ngempela lapho umuntu engangimhlebile ezwa ukuthi ngangitheni futhi weza wazongibuza. Yayingekho indlela yokushona ngapha nangapha! Ngafunda ukuthi kungcono ukuya kumuntu ukhulume naye kunokumhleba!’’—UPaula
[Isithombe ekhasini 108]
Inhlebo elimazayo ifana nesikhali esiyingozi esingaliqeda nyá idumela lomuntu