Izinguquko Ekuphileni
Ingxenye 2
Izinguquko Ekuphileni
Ingabe awujabuli ngendlela umzimba wakho okhula ngayo?
□ Yebo □ Cha
Ingabe izinguquko ezidalwa ukuthomba zikwenza uzizwe unesizungu, udidekile noma wesaba?
□ Yebo □ Cha
Ingabe uma ungalele ucabangana nabobulili obuhlukile?
□ Yebo □ Cha
Uma uphendule noma yimuphi kule mibuzo engenhla ngokuthi “yebo,” ungakhathazeki—akusho ukuthi kukhona okungalungile ngawe! Iqiniso liwukuthi izinguquko ezenzeka emzimbeni nasemizweleni zingakwenza uzizwe uneme futhi ucindezelekile ubuye uzizwe nangezinye izindlela. Kuyavunywa, ubulokhu ufuna ukuba mdala, kodwa manje njengoba usukhula, kungase kwesabise! Izahluko 6-8 zizokusiza ukwazi ukubhekana nezinguquko ekuphileni.
[Isithombe esigcwele ikhasi ekhasini 56, 57]