IDOMINICAN REPUBLIC
Ngangifuna Ukuyeka Ukukhonza UNkulunkulu
UMartín Paredes
-
UNYAKA AZALWA NGAWO 1976
-
UNYAKA ABHAPATHIZWA NGAWO 1991
-
UMLANDO WAKHE OMFUSHANE UMartín wayefundela ukuba umfundisi lapho ethola iqiniso. Kusukela ngaleso sikhathi usesize abaningi baba abakhulekeli beqiniso.
NGIKHULELE emkhayeni wamaKatolika azinikele owawufuna ukuba ngibe umfundisi. Ngakho lapho ngineminyaka engu-12 ngafunda izifundo ezintathu engangizifundiswa abefundisi abahlukahlukene. Kwathi ngo-1990, sengineminyaka engu-14, ngabizwa kwesinye sezikole zokufundela ubufundisi ezihlonishwayo ezweni.
Ngathuthuka ngokushesha futhi bangitshela ukuthi uma ngingaqhubeka ngizikhandla, ngingaba umbhishobhi. Hawu, kodwa-ke ngabe sengidideka. Esikhundleni sokutadisha iBhayibheli, sasifunda amafilosofi abantu. Ngaphezu kwalokho, abefundisi babekhohlakele ngendlela eyisimanga. Lapho sebeqala ukungihlukumeza ngokobulili, ngafuna ukuyeka ukukhonza uNkulunkulu.
Ngaleso sikhathi, indoda nomkayo abayizithunywa zevangeli bahambisela umgcini-mabhuku wasesikoleni sobufundisi incwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo. Ngayiboleka,
ngayifunda yonke. Ngazitshela, ‘Yilokhu kanye engikufunayo.’ Ngasishiya isikole sobufundisi ngaqala ukufunda noFakazi, ngaya nasemihlanganweni. Ngemva kwezinyanga ezingu-8, ngo-July 1991, ngabhapathizwa. Ngangenela inkonzo yamaphayona avamile futhi ngemva kwesikhathi ngashada nodade oyiphayona ogama lakhe uMaría. Ngo-2006 saqala ukukhonza njengamaphayona akhethekile. Kunokuba ngiyeke ukukhonza uNkulunkulu, sengithanda ukusiza abantu abalambele iqiniso ukuba babe abakhulekeli bakhe beqiniso.