Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IDOMINICAN REPUBLIC

Ngubani Oyinhloko?

Ngubani Oyinhloko?

“Kuyobashiya Bengenanhloko”

Ngo-July 13, 1957, uMseshi uColón wabhalela unobhala wombuso: “Kunesisho esidumile esithi: ‘Inyoka ishaywa enhloko.’ Ukuze kuqedwe ihlelo loFakazi BakaJehova kuleli zwe kufanele sithole indlela yokuxosha izithunywa zabo zevangeli. Ukwenza kanjalo kuyobashiya bengenanhloko, futhi uma sebengenanhloko, umsebenzi wabo uyofa.”

Akuphelanga sikhathi, uNobhala Wezokuphepha, u-Arturo Espaillat, watshela izithunywa zevangeli eziyishumi ezazisele ukuba ziphume ziphele kuleli zwe. Ngo-July 21, 1957, uRoy Brandt wabhalela uTrujillo emcela ukuba bahlangane ukuze amchazele ngesimo sethu. Phakathi kokunye, le ncwadi yayithi: “Umkhankaso wabathile onenzondo nomelene negama likaJehova uNkulunkulu uyafana nomkhankaso abathile ababekhohlisiwe abawenza ngokumelene nabaphostoli bakaJesu.” UMfoweth’ uBrandt wabe esekhuthaza uTrujillo ukuba afunde izEnzo izahluko 2 kuya 6, wayesethi: “Iseluleko esinengqondo nesingagwegwesi esakhishwa uMahluleli uGamaliyeli sisasebenza nanamuhla njengoba sasisebenza ngaleso sikhathi.” UMfoweth’ uBrandt wabe esecaphuna izEnzo 5:38, 39 wabhala ngamagama amakhulu: “BAYEKENI LABA BANTU; NGOBA UMA UMSEBENZI ABAWENZAYO UVELA KUNKULUNKULU, KUNGENZEKA NGELINYE ILANGA NITHOLE UKUTHI NIYE NALWA NONKULUNKULU.” Kwafana nokuthi wayethela amanzi emhlane wedada. Ngo-August 3, 1957, izithunywa zevangeli zayiswa esikhumulweni sezindiza futhi zaxoshwa.

‘NguJesu Oyinhloko’

UDonald Nowills wayeneminyaka engu-20 nje kuphela ngesikhathi enakekela umsebenzi wasegatsheni

Kwakuzokwenzekani kubafowethu nodadewethu balapha njengoba izithunywa zevangeli zase zihambile? Ingabe babeyosala ‘bengenanhloko’ njengoba uMseshi uColón ayebikezele? Cha, empeleni, nguJesu ‘oyinhloko yomzimba, ibandla.’ (Kol. 1:18) Ngakho-ke, abantu bakaJehova eDominican Republic abasalanga ‘bengenanhloko.’ Kunalokho, uJehova nenhlangano yakhe baqhubeka bebanakekela.

UDonald Nowills, owayabelwe ukwengamela umsebenzi egatsheni ngemva kokuxoshwa kwezithunywa zevangeli, wayeneminyaka engu-20 nje kuphela futhi eneminyaka emine ebhapathiziwe. Nakuba ayesekhonze njengombonisi wesigodi izinyanga ezimbalwa, umsebenzi ayewenza egatsheni wayewuqabuka. UMfoweth’ uNowills wayenehhovisi elincane emzini wakhe, elalakhiwe ngamapulangwe nothayela, lingakhonkiwe phansi. LaliseGualey, indawo eyingozi kakhulu eCiudad Trujillo. Ngosizo lukaFélix Marte, wenza amakhophi e-Nqabayokulinda eyayizofundwa ezweni lonke.

Ikhophi ye-Nqabayokulinda ka-1958

UMary Glass, omyeni wakhe u-Enrique wayeboshiwe ngaleso sikhathi, wasiza uMfoweth’ uNowills. Uyachaza: “Ngangisuka emsebenzini wokuziphilisa ngo-5:00 ntambama, ngiye ehhovisi likaMfoweth’ uNowills ngifike ngibhale INqabayokulinda ngomshini. Uma sengiqedile, uMfoweth’ uNowills wayenza amakhophi amaningi ngomshini. Ngemva kwalokho, udade waseSantiago, owayebizwa ngokuthi ‘ingelosi’ ukuze kudukiswe umkhondo, wayefaka lab’ omagazini egalanini lamafutha elingenalutho. Wayebe esebamboza ngendwangu bese efaka imidumbula, amazambane noma i-taros (umfino onjengamadumbe). Ngemva kwalokho wayemboza konke lokhu ngesaka lendwangu eqinile. Wayebe esegibela alibangise enyakatho yezwe afike ashiye ikhophi eyodwa ebandleni ngalinye. Imikhaya yayishintshana ngokutadisha leyo khophi.”

UMary uyanezela: “Kwakudingeka siqaphelisise kakhulu kwazise izimpimpi zikahulumeni zazehla zenyuka emigwaqweni zizama ukuthola ukuthi INqabayokulinda inyatheliswa kuphi. Kodwa azizange zithole. UJehova wayesivikela njalo.”