Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ERussia: Bashumayela izindaba ezinhle eMoscow

IMIBIKO EVELELE YONYAKA ODLULE

Umbiko Wezomthetho

Umbiko Wezomthetho

Ukubhaliswa Ngokomthetho

Ukubhaliswa ngokomthetho akuyona imfuneko yokuba oFakazi BakaJehova benze imisebenzi yabo engokwenkolo. Noma kunjalo, kusenza sikwazi ukuba nendawo yokukhulekela noma siyiqashe, sikwazi nokuthola izincwadi ezivela kwamanye amazwe.

  • Ngo-2004, izinkantolo zaseRussia zavala inhlangano engokomthetho yoFakazi BakaJehova eMoscow. Ngenxa yalokho, abafowethu eMoscow babhekana nokuphikiswa okukhulu. Amaphoyisa abahlukumeza, abantu bahlasela abanye babo lapho besensimini, nabanikazi bezindawo eziqashiwe bahoxisa izivumelwano zokuqasha, okwenza abafowethu basala bengenazo izindawo zokukhulekela. Isinqumo sango-2010 seNkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu saqinisekisa ukuthi iRussia ayiwahloniphanga amalungelo oFakazi BakaJehova eMoscow, sase sithi ayiphinde imiswe inhlangano yabo engokomthetho. Siyajabula ukusho ukuthi ngo-May 27, 2015, umnyango wezobulungisa obizwa ngokuthi iMoscow Department of the Russian Federation Ministry of Justice wabhalisa inhlangano entsha ebizwa ngokuthi iNhlangano Yenkolo YoFakazi BakaJehova eMoscow.

Intela

Izinhlangano ezingokomthetho ezisetshenziswa oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke ngokuvamile akudingeki zikhokhe intela, njengoba kunjalo nangezinhlangano eziningi ezingokwenkolo nezisiza umphakathi. Nokho, ngezinye izikhathi, ohulumeni bayenqaba ukusibheka njengenhlangano engayikhokhi intela.

  • ESweden, iziphathimandla zigomela ngokuthi iBethel iyibhizinisi lezentengiselwano eqasha izikhonzi zaseBethel, ayiwona umphakathi ongokwenkolo wezikhonzi ezikhethekile zesikhathi esigcwele. Uhulumeni uye wathi iBethel nezikhonzi zakhona azikhokhe amashumi ezinkulungwane zama-euro. Ukuze baxazulule lolu daba, oFakazi eSweden baye bafaka izikhalo ezinkantolo ezincane, bafaka nezicelo eziyisithupha eNkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu.

Ukungathathi Hlangothi Nokwenqaba Inkonzo Yezempi Ngenxa Kanembeza

Abantu bakaJehova abawuthathi kancane umyalo weBhayibheli othi ‘bayokhanda izinkemba zabo zibe ngamageja’ nothi ‘ngeke besayifunda impi.’ (Isaya 2:4) Bayaqhubeka bengathathi hlangothi ngisho noma abanye ohulumeni bengabavumeli ukuba benze enye inkonzo yomphakathi engahlobene nempi.

  • Njengamanje umthetho waseNingizimu Korea awulihloniphi ilungelo lomuntu lokungayi empini ngenxa kanembeza. Eminyakeni engu-60 edlule, bangaphezu kuka-18 000 abazalwane abaye baboshelwa ukwenqaba inkonzo yezempi. Cishe wonke umuntu onguFakazi lapha unomngane noma ilungu lomkhaya eliye laboshwa. Ngo-2004 nango-2011, iNkantolo Yomthetho-sisekelo YaseNingizimu Korea yathi lokhu kuboshwa kuvumelana nomthetho-sisekelo. Nokho, ngo-July 2015, le Nkantolo yaphinde yaluhlolisisa lolu daba. OFakazi BakaJehova emhlabeni wonke bathandazela ukuba ixazululwe le nkinga esidonse isikhathi eside ukuze abafowethu abasebasha eNingizimu Korea bangaphinde baboshelwe ukholo lwabo.

  • OFakazi BakaJehova abathathu e-Eritrea sebeqale unyaka wama-22 beboshelwe ukwenqaba inkonzo yezempi ngenxa kanembeza. UPaulos Eyassu, uNegede Teklemariam no-Isaac Mogos abakaze babekwe icala noma bathole ithuba lokuziphendulela enkantolo. Bona nabanye abafowethu nodade abangaphezu kuka-50 bayaqhubeka belondoloze ubuqotho naphezu kokuphathwa ngonya nezimo ezinyantisa igazi. Siyaqiniseka ukuthi uJehova ‘uyakuzwa ukububula’ kwalabo ababoshelwe ukholo lwabo nokuthi uzothatha isinyathelo sokubasiza.—IHu. 79:11.

  • E-Ukraine, uVitaliy Shalaiko wabizelwa ukuba azokwenza inkonzo yezempi ngo-August 2014 ngesikhathi izwe livivela impi. Wenqaba ukuya empini ngenxa kanembeza, kodwa waveza ukuthi ukulungele ukwenza enye inkonzo yomphakathi engahlobene nempi. Umshushisi wabeka uMfoweth’ uShalaiko icala lokwenqaba ukubuthelwa empini, kodwa kokubili inkantolo encane nenkantolo yamacala adlulisiwe zamthola engenacala. Inkantolo yamacala adlulisiwe yathi ukukhathalela ukuphepha kweZwe akumelwe kuphakazamise amalungelo abantu, “nelungelo lokungayi empini ngenxa kanembeza akufanele liphazanyiswe ukukhathalela ukuphepha kwezwe.” Umshushisi waphinde walidlulisela phambili icala. Ngo-June 23, 2015, inkantolo ephakeme ebizwa ngokuthi iHigh Specialized Court of Ukraine for Civil and Criminal Cases yavumelana nezinqumo zezinkantolo ezincane. Ngaleyo ndlela, yaqinisekisa ukuthi ilungelo lokungayi empini ngenxa kanembeza nelokwenza enye inkonzo yomphakathi engahlobene nempi kufanele lihlonishwe ngisho nasezimweni eziphuthumayo zezwe.

E-Ukraine: UVitaliy Shalaiko uyashumayela

Mayelana nomphumela omuhle waleli cala, uMfoweth’ uShalaiko uthi: “Ngaqiniswa amazwi kaJeremiya 1:19. Ngangilindele noma yini—okwakubaluleke kakhulu kwakuwukuthembeka kuJehova. Ngiyaqiniseka ukuthi akasoze angilahla kodwa uyonginika amandla okuqhubeka ngithembekile. Kodwa okwenzeka kwangimangaza. Icala alizange lingilahle kuzo zontathu izinkantolo. Njalo lapho ngivela phambi kwenkantolo, ngangikubona ukusekela kwabafowethu. Angizange ngizizwe ngilahliwe.”

Ukungathathi Hlangothi Nemikhosi Yokushisekela Izwe

Imikhosi yokushisekela izwe ikubekela inselele ukungathathi hlangothi kwamaKristu. Abasha ngokukhethekile bangase bacindezeleke ukuba balahle ubuqotho babo kuJehova njengoba abaphathi bezikole bengase bazame ukuphoqa abafundi ukuba bacule iculo lesizwe noma bashayele ifulege indesheni.

  • ESifundeni SaseKarongi eRwanda, abaphathi besikole babeka icala abafundi abaningana abangoFakazi bathi abalihloniphi iculo lesizwe ngoba benqabe ukulicula. Baxoshwa esikoleni baze baboshwa imbala. Ngo-November 28, 2014, inkantolo yamacala adlulisiwe ebizwa ngokuthi i-Intermediate Court of Karongi yabathola bengenacala abafundi, yathi ukwenqaba kwabo ukucula iculo lesizwe kwakungesona isenzo sokungahloniphi. Kwamanye amazwe ase-Afrika, anjengeCameroon, iDemocratic Republic of Congo, i-Equatorial Guinea neMalawi, izingane zoFakazi ziye zabhekana nenkinga efanayo, kwezinye izimo nazo zaxoshwa esikoleni. Abafowethu kula mazwe benza imizamo yokubonisana nezikhulu zikahulumeni kanye nabaphathi bezikole ngokungathathi hlangothi koFakazi BakaJehova.

  • EHonduras: UMirna Paz noBessy Serrano bagcina benikiwe izitifiketi zabo

    Ngo-December 2013, isikole somphakathi saseLepaera, eHonduras, senqaba ukunika abafundi ababili abangoFakazi izitifiketi zabo ngoba benqabe ukucula iculo lesizwe nokufunga ukuthi bazothembeka efulegini. Ukuze kuxazululwe le nkinga, abameli ababili abangoFakazi BakaJehova babonana nommeleli woMnyango Wezemfundo, baxoxa naye ngezinqumo eziwumhlahlandlela zecala elifanayo ezathathwa kwamanye amazwe ezisekela ukuma kwabafundi abangoFakazi. Lo mmeleli waba nomusa wavuma ukuba abafundi nabazali babhale phansi uhlangothi lwabo lwendaba bakuthumele kumqondisi wezomthetho woMnyango Kanobhala Wezemfundo eHonduras. Ngemva kokuhlola isikhalo sabo, ngo-July 29, 2014 wakhipha isinqumo esasithi imfundo “kufanele itholwe yibo bonke abantu ngaphandle kokubandlululwa kwanoma yiluphi uhlobo” futhi wayala ukuba laba bafundi banikezwe izitifiketi zabo.

Ukubandlululwa Uhulumeni

NjengoFakazi BakaJehova, kuzo zonke izizwe silalela umyalo kaJesu wokuba sihlanganyele izindaba ezinhle zoMbuso nomakhelwane, sihlangane nesikholwa nabo ukuze sikhulekele, sifunde neZwi likaNkulunkulu njalo. Asiwuthathi kalula nomyalo weBhayibheli wokuba sigxilise imithetho kaJehova ezinhliziyweni zezingane zethu nokuba ‘sidede egazini.’ (IzE. 15:20; Dut. 6:5-7) Ngezinye izikhathi, ukulalela le miyalo kusiqhatha neziphathimandla zikahulumeni ezingase zingakuqondi ukuma kwethu.

  • EFlorida, e-U.S.A., ijaji lanika umama ongeyena uFakazi ilungelo lokuba kube nguye yedwa ofundisa izingane zakhe ezintathu ngoNkulunkulu. Ubaba onguFakazi yena kwathiwa akavunyelwe ukunikeza izingane zakhe imfundo engokwenkolo ephikisana nezimfundiso zobuKatolika. Ubaba wasidlulisela phambili isinqumo senkantolo, kwathi ngo-August 18, 2014, inkantolo yamacala adlulisiwe yasijika isinqumo senkantolo yokuqala. Ithathela emacaleni awumhlahlandlela, le nkantolo yabhala: “Imingcele ebekelwa ilungelo lomzali ongaziwinanga izingane lokufundisa ingane yakhe izinkolelo zakhe ezingokwenkolo, iye yaqedwa izikhathi eziningi uma bungekho ubufakazi obucacile bokuthi lezo zimfundiso ziyoba ingozi enganeni.”

    Lesi sinqumo sinikeza izingane ilungelo lokuthola imfundo nesiqondiso sikaJehova uNkulunkulu ngaphandle kokuphazamiseka. Zonke zithuthuka kahle ngokomoya ebandleni ezikulo. Uyise wathi: “Ukukhuthazelela lesi simo ngokuqinisekile kuyangiqinisa. Ukholo lwami luye lwavivinywa muva nje, kodwa uJehova ungisizile ngama ngaqina! Ngiyazi ukuthi uma sinquma ukukhonza uJehova, sisuke sikhetha nokushushiswa.”

  • ENamibia: U-Efigenia Semente nezingane zakhe ezintathu

    UDade Efigenia Semente, umama wabantwana abathathu eNamibia, wabhekana novivinyo olukhulu lobuqotho. Ngesikhathi esesibhedlela eyobeletha umntwana wesithathu, kwaba nezinkinga ekubeletheni kwakhe, ezinye izisebenzi zasesibhedlela namalungu omkhaya wakhe angebona oFakazi bathola imvume yenkantolo yokuba bamphoqe ukuba ampontshelwe igazi. UDade Semente wenqaba ngamandla akhe onke ukuba ampontshelwe igazi futhi wathatha izinyathelo ezingokomthetho ukuze avikele ilungelo lakhe lokuzikhethela indlela yokwelashwa. Ngo-June 24, 2015, iNkantolo Ephakeme YaseNamibia yavumelana naye, yathi “ilungelo lokukhetha ukuthi yini engenziwa emzimbeni womuntu noma engeke yenziwe, kungakhathaliseki ukuthi lowo muntu ungumzali noma cha, kuyilungelo umuntu angeke aphucwe lona.” UDade Semente wathi: “Isandla sikaJehova sasibona ngendlela esingakaze sisibone ngayo. Kuhle kakhulu ukuba yingxenye yalobu buzalwane. UJehova ukhathalela ngempela.”

  • OFakazi eSwitzerland baye bajabulela ukufakaza obala emigwaqweni yasemadolobheni amakhulu. Noma kunjalo, idolobha laseGeneva lakhipha umyalo onqabela ukusetshenziswa “kwamatafula okusakazwa ngawo izindaba zenkolo emphakathini.” OFakazi bafaka isikhalazo enkantolo, bagcizelela ukuthi ukwenqatshelwa ukusakaza izindaba zenkolo kusetshenziswa amatafula “kuyiphazamisa kakhulu inkululeko engokwenkolo kuphazamisa nokuba umuntu aveze imibono yakhe.” Inkantolo yavuma, futhi oFakazi baye bakwazi ukusebenzisana neziphathimandla zendawo ekutholeni indawo nesikhathi esifanelekayo sokufakaza obala kusetshenziswa amatafula.

  • Izikhulu zikahulumeni e-Azerbaijan ziye zandisa imizamo yazo yokuvimbela imisebenzi yenkolo yoFakazi BakaJehova. UMnyango Wezokuphepha Kwezwe uvame ukubiza oFakazi uzobaphenya ngemibuzo. Abantu abasebenza kulo mnyango baya nasemizini yoFakazi beyopequlula befuna izincwadi zenkolo uMbuso ongazigunyazile ukuba zingene kuleli zwe. Ngo-February 2015, abantu emhlabeni wonke bashaqeka lapho uMnyango Wezokuphepha Kwezwe ubopha oFakazi ababili, u-Irina Zakharchenko noValida Jabrayilova ngenxa nje yokuthi babeshumayeza omakhelwane babo. Nakuba kusidabukisa ukuphathwa kabi okunjalo, siyajabula ngokuthi abamemezeli e-Azerbaijan baye bayilondoloza intshiseko yabo futhi banesibindi sokushumayela ‘izindaba ezinhle zombuso’ komakhelwane babo.—Math. 24:14.

  • Uhulumeni waseRussia awuyeki ukuphazamisa umsebenzi woFakazi BakaJehova. Kuze kube manje, zingu-80 izincwadi zoFakazi BakaJehova uhulumeni waseRussia ozichaze ngokuthi ziyeqisa. Lokhu kusho ukuthi ukusakaza noma ukuba namakhophi anoma iyiphi kulezi zincwadi okuthiwa ziyeqisa, njengethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli, kuwukwephula umthetho. Ngaphezu kwalokho, ngo-December 2014, iNkantolo Ephakeme YaseRussia yathi ingosi yethu, i-jw.org, nayo iyeqisa. Abahlinzeki be-Internet kulo lonke elaseRussia baye bayivala i-jw.org, futhi ukukhuthaza abantu ukuba bayisebenzise kuthiwa kuwukwephula umthetho. Kusukela ngo-March 2015, izikhulu zasemngceleni azivumi ukuba izincwadi zoFakazi zingene kuleli zwe, ngisho namaBhayibheli nezincwadi izinkantolo zaseRussia esezazihlola zathola ukuthi azeqisi.

Kuyaqhutshekwa kuthethwa amacala edolobheni laseTaganrog, lapho iziphathimandla zimangalele abamemezeli abangu-16 ngecala okuthiwa elokuhlela nokuhlanganyela imihlangano engokwenkolo. Edolobheni laseSamara, iziphathimandla zathola umyalo wenkantolo wokuvala inhlangano yethu engokomthetho ngoba kuthiwa iyeqisa. Naphezu kwalezi zinselele eziningi, abafowethu nodadewethu eRussia bazimisele ukubuyisela “izinto zikaNkulunkulu kuNkulunkulu,” bangapheli amandla ngenxa yalezi ziphazamiso.—Math. 22:21.