Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

I-INDONESIA

Wayeyisikhulu Sezigebengu Manje Useyisakhamuzi Esihloniphekile

UHisar Sormin

Wayeyisikhulu Sezigebengu Manje Useyisakhamuzi Esihloniphekile
  • UNYAKA AZALWA NGAWO 1911

  • UNYAKA ABHAPATHIZWA NGAWO 1952

  • UMLANDO WAKHE OMFUSHANE Wayeyisikhulu seqembu lezigilamkhuba wagcina eseyilungu leKomiti Yegatsha.

NGELINYE ilanga uMfoweth’ uSormin wabizwa iSikhulu Samaphoyisa ehhovisi lommeli.

Sathi: “Wena ungowokuzalwa kuleli zwe, ungangifihleli lutho. Bafunani ngempela la oFakazi BakaJehova?”

UMfoweth’ uSormin wathi: “Ake ngikuxoxele okuthile. Mina ngangiphethe iqembu lezigilamkhuba kodwa manje ngifundisa abantu iBhayibheli. Yilokho oFakazi BakaJehova abakwenzayo lapha—bathatha abantu abayinkinga njengami babashintshe babe izakhamuzi ezinhle!”

Kamuva lesi Sikhulu Samaphoyisa sathi: “Ngihlale ngizwa izikhalo eziningi ngoFakazi BakaJehova. Kodwa sengiyazi ukuthi bayinkolo ekahle ngoba basiza uMnumzane uSormin washintsha.”