UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni Ukufakaza Nge-Inthakhomu Noma Ngekhamera
OKWENZA KUBALULEKE: Intuthuko kwezobuchwepheshe nokwanda kobugebengu kwenza abantu basebenzise ama-inthakhomu namakhamera kakhulu. Singase sisabe ukushumayeza umuntu esingamboni kodwa yena osibonayo. Lezi zikhumbuzo ezilandelayo zizosisiza sikwazi ukufakaza ngokuzethemba nge-inthakhomu noma ngekhamera.
INDLELA YOKUKWENZA:
-
Yiba nesimo sengqondo esihle. Abantu abaningi abanamakhamera nama-inthakhomu bayakuthanda ukuxoxa nathi
-
Khumbula ukuthi amanye amakhamera aqala ukuqopha ngaphambi kokuba ucindezele ibhathini le-inthakhomu futhi ummninikhaya kungenzeka uyakubuka futhi ukulalele njengoba nje ungena kwakhe
-
Lapho umninikhaya ephendula, khuluma ne-inthakhomu noma nekhamera engathi ukhuluma naye lapho nibonana. Momotheka futhi unyakazise umzimba ngokwemvelo. Yisho lokho obuhlele ukukusho ukube benibonana. Uma kunekhamera ungasondezi ubuso kakhulu kuyo. Uma kungekho ophendulayo, ungashiya umyalezo
-
Ngemva kokuba seniyiphethile ingxoxo, khumbula ukuthi kungenzeka umninikhaya usanibuka noma unilalele