Novemba 25–Disemba 1
ISAMBULO 4-6
INgoma 22 Nomthandazo
Amazwi Okuvula (3 imiz. noma ngaphansi)
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU
“Abagibeli Bamahhashi Abane”: (10 imiz.)
IsAm 6:2—Umgibeli wehhashi elimhlophe “waphuma enqoba” (wp17.3 4 ¶3, 5)
IsAm 6:4-6—Kwalandela umgibeli wehhashi elibomvu nowelimnyama (wp17.3 5 ¶2, 4-5)
IsAm 6:8—Kwabe sekuphuma umgibeli wehhashi eliphaphathekile, elandelwa iThuna (wp17.3 5 ¶8-10)
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya: (8 imiz.)
IsAm 4:4, 6—Bamelelani abadala abangu-24 nezidalwa ezine eziphilayo? (re 77 ¶8; 80 ¶19)
IsAm 5:5—Kungani uJesu ebizwa ngokuthi “iNgonyama yesizwe sakwaJuda”? (cf 36 ¶5-6)
Ukufundwa kweBhayibheli kwaleli sonto kukufundiseni ngoJehova?
Iyiphi enye ingcebo oyithole ekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto?
Ukufundwa KweBhayibheli: (4 imiz. noma ngaphansi) IsAm 4:1-11 (th isifundo 5)
YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI
Ividiyo Ebonisa Lapho Ubuyela Okwesibili: (5 imiz.) Dlala ividiyo bese nixoxa ngayo.
Lapho Ubuyela Okwesibili: (3 imiz. noma ngaphansi) Sebenzisa ingxenye ethi Ongase Uxoxe Ngakho. (th isifundo 4)
Esifundweni SeBhayibheli: (5 imiz. noma ngaphansi) lv 43 ¶15 (th isifundo 2)
UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
“UJehova Uthanda Umuphi Onamileyo”: (15 imiz.) Ingxoxo esingathwa umdala. Qala ngokudlala ividiyo ethi Indlela Yokunikela Usebenzisa Imishini Yezobuchwepheshe. Tshela abamemezeli ukuthi bangakwazi ukuthola imininingwane yokunikela ngokuchofoza lapho okuthi khona Donations kuyi-jw.org nakuyi-JW Library noma ngokubhala ukuthi donate.jw.org ebhokisini lokucinga. Funda incwadi evela egatsheni ebonga iminikelo yangonyaka wenkonzo odlule. Lincome ibandla ngokusekela ngesandla esivulekile.
ISifundo SeBhayibheli Sebandla: (30 imiz.) cf isahl. 17 ¶1-9
Ukubukeza Okulandelwa Amabal’ engwe Angesonto Elizayo (3 imiz.)
INgoma 20 Nomthandazo