Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Balekela Ubufebe NjengoJosefa

Balekela Ubufebe NjengoJosefa

UJosefa usibekela isibonelo esihle uma silingelwa ukuba sifebe. Isikhathi ngasinye umkankosi yakhe ayemyengela ngaso ukuba alale naye, wayenqaba. (Gen 39:7-10) Ukuphendula kwakhe ngokuthi: “Ngingabenza kanjani lobu bubi obukhulu kangaka ngone kuNkulunkulu?” kubonisa ukuthi wayesecabangile kakade ngombono kaJehova wokuba qotho emshadweni. Ngakho lapho isimo siba sibi wabaleka, kunokuba alokhu ezindela, okwakuzonika lona wesifazane ithuba lokuba amthonye.​—Gen 39:12; 1Ko 6:18.

BUKELA IVIDIYO ETHI BALEKELA UBUFEBE, BESE UPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • Isiphi isimo uJin abhekana naso?

  • Imuphi umbuzo wokuzihlola uJin azibuza wona lapho uMee-Kyong emcela ukuba amsize nge-home work yezibalo?

  • Isicelo sikaMee-Kyong samthinta kanjani uJin?

  • UJin waluthola kanjani usizo?

  • Yini uJin ayenza ukuze abalekele ubufebe?

  • Iziphi izifundo ozifunde kule vidiyo?