Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI | YIJABULELE NAKAKHULU INKONZO YAKHO

Siza Labo Obafundela IBhayibheli Bakhe Ubungane NoJehova

Siza Labo Obafundela IBhayibheli Bakhe Ubungane NoJehova

UJehova ufuna simkhonze ngoba simthanda. (Mat 22:37, 38) Uthando ngoNkulunkulu oluyokwenza obafundelayo benze izinguquko futhi baqine lapho bebhekene novivinyo. (1Jo 5:3) Uthando lwabo ngoNkulunkulu oluyobenza babhapathizwe.

Siza obafundelayo babone indlela uJehova abathanda ngayo. Ungababuza imibuzo enjengokuthi: “Lokhu kukufundisani ngoJehova?” noma “Lokhu kukubonisa kanjani ukuthi uJehova uyakuthanda?” Siza obafundelayo baqonde indlela uJehova abasiza ngayo ngokukhethekile. (2Kr 16:9) Baxoxele ngezibonelo zendlela uJehova ayiphendule ngayo imithandazo yakho, futhi ubakhuthaze ukuba nabo babone indlela uJehova ayiphendula ngayo imithandazo yabo. Siyojabula kakhulu lapho esibafundela iBhayibheli bebona ukuthi uJehova uyabathanda futhi bebonisa ukuthi nabo bayamthanda nokuthi bafuna ukuba abangane bakhe.

BUKELANI IVIDIYO ETHI SIZA LABO OBAFUNDELA IBHAYIBHELI BAKHE UBUNGANE NOJEHOVA BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • UMbali wabhekana nayiphi inselele?

  • UNonto wamsiza kanjani uMbali?

  • Yini eyasiza uMbali wayinqoba le nselele?