Januwari 8-14
JOBE 34-35
Ingoma 30 Nomthandazo | Amazwi Okuvula (1 umz.)
1. Lapho Ukuphila Kubonakala Kungenabulungisa
(10 imiz.)
Khumbula ukuthi uJehova akalokothi abangele ukungabi nabulungisa (Job 34:10; wp19.1 8 ¶2)
Kungase kubonakale sengathi ababi abajeziswa ngezenzo zabo ezingenabulungisa; nokho ngeke bakwazi ukucashela uJehova (Job 34:21-26; w17.04 10 ¶5)
Indlela engcono yokusiza izisulu zokuphathwa ngendlela engenabulungisa iwukuzifundisa ngoJehova (Job 35:9, 10; Mat 28:19, 20; w21.05 7 ¶19-20)
2. Amagugu Angokomoya
(10 imiz.)
-
Job 35:7—Wayesho ukuthini u-Elihu lapho ebuza uJobe: “[UNkulunkulu] utholani kuwe?” (w17.04 29 ¶3)
-
Yimaphi amagugu owathole ekufundwenikweBhayibheli kwaleli sonto?
3. Ukufundwa KweBhayibheli
(4 imiz.) Job 35:1-16 (th isifundo 10)
4. Ukuqala Ingxoxo
(3 imiz.) ENDLINI NGENDLU. Cela ukumqhubela isifundo seBhayibheli. (lmd isifundo 10 iphuzu 3)
5. Ukuqala Ingxoxo
(4 imiz.) UKUSHUMAYELA NGOKWETHUKELA. Bonisa umuntu onezingane ezincane ukuthi angakutholaphi ukwaziswa okungasiza abazali ku-jw.org. (lmd isifundo 1 iphuzu 4)
6. Ukwenza Abafundi
(5 imiz.) lff isifundo 13 iphuzu 5 (lmd isifundo 11 iphuzu 3)
Ingoma 58
7. Uba Naso Yini Isifiso ‘Sokushumayela Izwi’ Ngokwethukela?
(15 imiz.) Ingxoxo.
UPawulu wanxusa uThimothewu: “Shumayela izwi; ukwenze unomuzwa wokuphuthuma.” (2Ti 4:2) Isenzo sesiGreki esihunyushwe ngokuthi “ukwenze unomuzwa wokuphuthuma,” ngezinye izikhathi sasibhekisela esosheni noma kunogada owayemi endaweni yakhe yokuqapha owayehlale ekulungele ukuthatha isinyathelo. Le nkulumo isichaza kahle isifiso esinaso sokuhlale sikulungele ukushumayela lapho sixoxa nabantu.
Ukuthanda uJehova nokubonga esinakho ngakho konke asenzela kona, kusenza sifune ukutshela abanye ngezimfanelo zakhe ezinhle.
Funda iHubo 71:8. Ngemva kwalokho buza izilaleli:
Yiziphi izinto ezinhle ngoJehova othanda ukuzixoxela abanye?
Ukuthanda abantu nako kusenza sishumayele ngokwethukela.
Dlala IVIDIYO ethi Indlela Amakhulu Abantu Abathole Ngayo Amaqiniso EBhayibheli. Ngemva kwalokho buza izilaleli:
-
Ukushumayela ngokwethukela kuwasize kanjani amakhulu abantu athola amaqiniso eBhayibheli?
-
Abantu abakule vidiyo ababengamalungu esonto bazuza kanjani ngokufunda iqiniso?
-
Ukuthanda abantu kusenza kanjani sibe nesifiso sokushumayela ngokwethukela?
-
Kungani ucabanga ukuthi ukushumayela ngokwethukela kuyindlela ephumelelayo yokusiza abantu bazi uJehova?
8. ISifundo SeBhayibheli Sebandla
(30 imiz.) bt isahl. 4 ibhokisi ek. 33