UPawulu Udlulisela Icala KuKhesari Bese Eshumayeza INkosi UHerode Agripha
Nakuba kungafanele sikhathazeke ngalokho esizokusho lapho silethwa “phambi kwababusi namakhosi,” kufanele ‘sikulungele ukuvikela’ ukholo lwethu phambi kwabo bonke abafuna ngenkani ukwazi ukuthi kungani sikholelwa kulokho esikukholelwayo. (Math 10:18-20; 1Pet 3:15) Singasilingisa kanjani isibonelo sikaPawulu uma abaphikisi bezama ukusibangela ‘izinkathazo besebenzisa umthetho’?—IHu 94:20.
-
Singasebenzisa ilungelo lethu elingokomthetho ukuze sivikele izindaba ezinhle.—IzE 25:11
-
Singabonisa inhlonipho lapho sikhuluma neziphathimandla.—IzE 26:2, 3
-
Uma kufaneleka, singachaza indlela izindaba ezinhle ezisisize ngayo, nezibasize ngayo abanye.—IzE 26:11-20