UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Yini Ongayifunda Ezingomeni Eziqanjiwe?
Iziphi ezinye zezingoma eziqanjiwe ozithandayo? Kungani uzithanda? Ucabanga ukuthi amavidiyo abonisa izinto ezenzeka ekuphileni kwasuku zonke? Njengoba sinezingoma ezihlukahlukene ezinezihloko ezingafani, wonke umuntu angathola ingoma ayithandayo. Noma kunjalo, izingoma eziqanjiwe namavidiyo azo akuhloselwanga ukusijabulisa nje kuphela.
Ingoma ngayinye eqanjiwe isifundisa izifundo eziwusizo esingazisebenzisa ekuphileni kobuKristu nasenkonzweni yethu. Ezinye izingoma zikhuluma ngomoya wokungenisa izihambi, ngobunye, ngabangane, ngesibindi, ngothando noma ngokholo. Ezinye zikhuluma ngokubuyela kuJehova, ukuthethelela, ukuhlala uthembekile nangokufuna izindlela ezengeziwe zokukhonza uJehova. Kunanengoma eqanjiwe ekhuluma ngokusebenzisa kahle ifoni. Iziphi ezinye izifundo ezilusizo ozithole ezingomeni eziqanjiwe?
BUKELA IVIDIYO YENGOMA EQANJIWE ETHI USUSEMNYANGO, BESE UPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
-
Iziphi izibusiso zesikhathi esizayo laba asebekhulile abacabanga ngazo?—Gen 12:3
-
Yini esingayenza ukuze siqiniseke nakakhulu ukuthi uJehova uzozigcwalisa izithembiso zakhe?
-
Yini esizoyijabulela maduze ngokuphathelene nalabo asebafa?
-
Ukuba nokholo lokuthi uMbuso kaNkulunkulu uzofika kusisiza kanjani sikhuthazelele izinkinga esibhekene nazo?—Ro 8:25