UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzwen—Ukusiza Labo ‘Abathambekele Ngokufanele’ Ukuba Babe Abafundi
KUNGANI KUBALULEKILE: UJehova wenza imbewu yeqiniso ukuba ikhule ezinhlizyweni zalabo ‘abathambekele ngokufanele ekuphileni okuphakade.’ (IzE 13:48; 1Ko 3:7) Sisebenza kanye naye ngokugxila kulabo abakusebenzisayo lokho abakufundayo. (1Ko 9:26) Labo esifunda nabo iBhayibheli kudingeka baqonde ukuthi ubhapathizo lwamaKristu luyadingeka ukuze basindiswe. (1Pet 3:21) Sibasiza ukuba babe abafundi ngokubafundisa ukuba benze ushintsho ekuphileni kwabo, bashumayele, bafundise futhi banikezele ukuphila kwabo kuJehova.—Math 28:19, 20.
INDLELA YOKUKWENZA:
-
Khumbuza ofunda nabo iBhayibheli ukuthi injongo yesifundo ukubasiza bazi uJehova futhi bamjabulise.—Joh 17:3
-
Basize bathuthukise ubungane babo noJehova futhi bakwazi ukunqoba izinkinga, ezinjengemikhuba emibi nokuzihlanganisa nabantu abangabazisayo.
-
Baqinise futhi ubakhuthaze ngaphambi nangemva kokubhapathizwa.—IzE 14:22
BUKELA IVIDIYO ETHI UJEHOVA UNKULUNKULU UZOKUSIZA BESE UPHENDULA IMIBUZO ELANDELAYO:
-
Yikuphi ukwesaba okungavimbela umuntu ukuba azinikezele futhi abhapathizwe?
-
Abadala bangabasiza kanjani abantu abafundelwa iBhayibheli ukuba bathuthukise ubuhlobo babo noJehova?
-
U-Isaya 41:10 usifundisani ngoJehova?
-
Iziphi izimfanelo ezingasisiza sikhonze uJehova ngendlela ayamukelayo ngisho noma sinesono?