UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Dumisa UJehova Ngokuthi Ube Yiphayona
Ama-Israyeli ayenezizathu eziningi zokudumisa uJehova. Wayewakhiphe eGibhithe wawakhulula nasebuthweni likaFaro! (Eks 15:1, 2) UJehova uyaqhubeka enzela abantu bakhe izinto ezinhle. Singambonga kanjani uJehova?—IHu 116:12.
Enye indlela yokumbonga iwukuba yiphayona elisizayo noma elivamile. Ungathandazela isifiso namandla okuba yiphayona. (Fil 2:13) Abaningi baqale babe amaphayona asizayo. Ungakhetha ukuchitha amahora angu-30 noma angu-50 ngoMashi nango-Ephreli nangenyanga yokuhambela kombonisi ojikelezayo. Ngemva kokunambitha ubumnandi bokuba yiphayona elisizayo, ungase ufise ukuba yiphayona elivamile. Ngisho nalabo abasebenza usuku lonke emsebenzini wokuziphilisa noma abanempilo engeyinhle baye bakwazi ukuba amaphayona avamile. (mwb16.07 8) Ngokuqinisekile, kufanele senze konke esingakwenza ukuze sidumise uJehova futhi lokho kumfanele!—1Kro 16:25.
BUKELA IVIDIYO ETHI OSISI ABATHATHU BASEMONGOLIA, BESE UPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
-
Yiziphi izinselele osisi abathathu ababhekana nazo futhi yini abayenza ukuze babe amaphayona?
-
Yiziphi izibusiso abazithola?
-
Yimiphi imikhakha yokukhonza uJehova eyavuleka njengoba base bengamaphayona avamile?
-
Isibonelo sabo sabathinta kanjani abanye?